Liyadlondlobala ibhizinisi lokuthunga bomama abasizwe yiTransnet. INTATHELI yoMBELE iyabika

NGOKOMKHANKASO wayo wokusiza abantu besifazane baselokishini abadinga ukulekelelwa ngamakhono abo, iTransnet Port Terminal (iTPT) inikele nge-container nemishini eyisishiyagalombili enhlanganweni yomfelandawonye wokuthunga yaseChesterville, eThekwini, KwaZulu-Natali.
Ngokusho kukasihlalo weSiyazizamela Mama Cooperative, uNkk uPhumzile Dlomo, oneminyaka ewu-65, uthi babengeke bazi nokwazi ngomkhankaso weTPT ukube abasizwanga wumakhelwane wabo uMnu uWethu Ntombela, owababhalela incwadi yesicelo sokuxhaswa yiTransnet.
Uthi kusukela ngo-2009, yena nethimba lakhe labesifazane abawu-10 uma sebephelele bebevame ukuthungela amalungu omphakathi izinto zombhede, amakhethini, ama-tracksuit esikole nokunye.
“Sasikade siwu-12 kodwa ababili, okubalwa nendodakazi yami, badlula emhlabeni njengoba sesiwu-10 manje. Ithimba leSiyazizamela Mama lihlanganiswe yithi, ogogo nabantu abasha ababili abasebenza ubusuku nemini (ukwenza ukuthi) izingane zethu nabazukulu bethu babenento abazoyidla,” kulanda yena.
Beqala bebesebenzisa imishini emibili engamasekeni abayithenga kwenye inkampani esePhoenix, abebeyisebenzisa ekamelweni lakhe.
Ngokusho kwakhe, bekuke kwenzeke bathunge ama-tracksuit angaphezu kuka-50 ngosuku. “Yize besinendawo encane yokusebenza kodwa asiyekanga ukufundisa abantu besifazane ukuthunga sibe siqhubeka senza ama-oda ethu.”
Uthi ukuxhaswa ngemishini ekwazi ukwenza imisebenzi eyahlukene njengokubhonqa, phecelezi i-embroidery, nokufaka izinkinobho, kuzobasiza kakhulu njengoba sanda isibalo sama-oda abo.
I-container ebomvu abaxhaswe ngayo enamafasitela nama-tiles phansi igxunyekwe ngasemgwaqeni omkhulu eduze kwerenki yaseNkambini, eduze neChesterville Secondary School.
UNkk uDlomo uthi le ndawo yabo entsha yokusebenza isendaweni ekahle kakhulu, ngoba abantu besifazane abasebasha nabadala abafuna ukufunda ukuthunga mahhala bazokwazi ukufinyelela kuyona kalula.
UMnu uKwazi Mabaso, inenenja ebambile yeDurban Terminal, uncome uNtombela ngencwadi ayibhalele iTPT eyenze kwasizakala iSiyazizamela Mama Cooperative.
“Akuvamile ukuthola isicelo sokuxhaswa esingabhekile inzuzo kuphela kodwa esibheke nokwenza ngcono umphakathi wonkana, kunjalo nje kuyivelakancane futhi ukubona abantu abasha benza into eyenziwe wuNtombela. Siyabadinga kakhulu abantu abafana naye,” kuncoma yena.

