Wadela umsebenzi emayini enkulu ngoba esabela kubizo lokuba wumlimi owenza ezibukwayo ngesitshalo sezimanga. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKHOLWA wukuthi ukulima umhlabathi kuwubizo kuyena njengoba ethi ukungena kwezolimo sekumfundise okuningi abengeke akwazi ukube akashiyanga emsebenzini ayewenza e-Anglo American.
UMnu u-Alwin Makhale, waseThohoyandou, eLimpopo, wumsunguli we-AA Moringa, ibhizinisi lezitshalo zokwenza amakhambi emvelo nezakhamzmba ezinempilo, aliqala ngemva kokushiya emayini ayesesebenze kuyona izinyanga eziwu-14.
“Ngo-2014 abazali bami beza kimi bangikhombisa imbewu yemoringa, bacela ngenze ucwaningo ngayo bethi iyisithelo sezimanga,” kusho yena,
UMakhale ocwaningweni alwenza wathola ukuthi imoringa ivuma kakhulu emhlabathini wasemazweni ase-Asia nazindaweni zaseNyakatho yeNingizimu Afrika, kanti iqale ukuba wundabamlonyeni ezweni ekuqaleni kweminyaka yama-2000.

IMoringa inezakhamzimba u-vitamin A, uB, uC, uK nephrotheni. Isetshenziswa kakhulu ukubuyisa amandla ezinganeni nakomama abazithwele. UMakhale eqala i-AA Moringa ngo-2014 wayenezihlahla zayo eziwu-400 azikhulisa kubo eLimpopo.
“Kwakunzima eminyakeni emithathu yokuqala ngoba ngangifunda konke ngemoringa ngokwenza amaphutha. Ngasizwa wukuthi ngisebenza nabantu asebenamava ezolimo futhi benolwazi mina engingalutholanga esikoleni,” kulanda uMakhale.
Kuthe ngokuhamba kwesikhathi wathenga ipulazi, kulona afike watshala izihlahla zemoringa ezingaphezu kuka-11 000 eminyakeni emithathu eliqalile.
Uthi okunye okwamsiza ukukhulisa leli bhizinisi, aliqala ngemali ayeyibeke esasebenza, wukuxhaswa yiNational Youth Development Agency nomNyango wezoLimo nokuThuthukisa iziNdawo zaseMakhaya.

Uqhubekile nokukhiqiza izitshalo ezihlukene epulazini lakhe. Ngo-2017 uqale ukukhiqiza ulamula, kwathi kulo nyaka wengeza nge-hibiscus, esiza ukwenza amakhambi ezempilo ahlukene.
“Kusukela kwimoringa namanye amakhambi esiwakhiqizayo njengeMoringa powder, i-capsule neMoringa teabags konke kunezinhlobo zakho ezintathu ezahlukene iMoringa and Lemongrass, iMoringa and Ginger, i-Plain moringa neMoringa Artemisia. Siphinde sikhiqize iMoringa Instant Porridge neMoringa Tissue Oil,” kuchaza yena.
Uthi ukungena kwezolimo akufezanga inhloso yakhe yokuphila kuphela kodwa kuphinde kwenza wahlabana ngemiklomelo eyahlukene ngenxa yamagalelo akhe. Ngo-2018 waba wumlimi ovelele wonyaka kumasipala wangakubo.
“Sengike ngabizwa ukuyocija intsha ngokukhiqiza imoringa nokungena kwezamabhizinisi futhi ngiphinde ngifundise abantu ngokutshala iMoringa, ukuyisebenzisa nokuthi ivunwa kanjani,” kusho yena.
Uthi ukungena kwezolimo kumfundise ukubekezela nokuba nesineke, wafunda nokuningi ngokusebenza ngabantu.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za
Facebook: AA Moringa Supply/Alwin Moringa