Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNtokozo Ngcobo, umbhali wencwadi ethi Amaloba The Traces nomlingisi wemidlalo yethelevishini. Useke walingisa emidlalweni esingabala kuyona Ifalakhe, i-Durban Gen ne-The Estate
Wawuphiwa imali usemncane?
Yebo, ngangiphiwa.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngaqala ngisafunda umatikuletsheni. Ngayivula eStandard Bank.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngikhumbula nginesikoqokoqo esihle engasithengelwa wubaba engangibeka imali kusona, loko okwenza ngafunda lukhulu ngokonga imali nokugwema izikweletu.
Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho?
Ngaqala ngineminyaka ewu-18, Umholo wami wokuqala wawuba la koR2 000 kuya kuR3 000.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathengela abazali bami i-grocer.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukusungula inkampani yami iPrunto Concepts, ngaqala ibhizinisi lokudayisa izincwadi nokuthengela abazali bami i-grocer njalo ngenyanga.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukungazikhathazi ngokutshala imali ekubeni kusiza kakhulu uma usuphelelwe wumsebenzi noma usezimweni ezinzima.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?
Yebo, izikhawu eziningana.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi kumele uzifundise ukuyonga kusenesikhathi ngoba uma uyiphatha budlabha ebuncaneni bakho, maningi amathuba okwenza njalo noma usumdala.
Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingathuthukisa ibhizinisi lami, nginikele kwabaswele, nginwebe umuzi wabazali bami bese esalayo ngiyitshala emabhizinisini ehlukene.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingabeluleka ngokuthi kumele bazijwayeze ukonga imali, ikakhulukazi njengoba umkhakha wethu usebenza kakhulu ngama-contract.