Ukhuthaza abantu ukuthi babheke amathuba ebhizinisi kwabakuzwa ngaphakathi bese bebanogadingozi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UNEMINYAKA ewu-13 esungule ibhizinisi emkhakheni awuthandayo wokuhlela nokucwaninga amabhuku kanti lichumile njengoba namanje esayibambile.
Kodwa isifiso sokwakha ibhizinisi elizoqasha inqwaba yabantu simenze wabheka amathuba nakweminye imikhakha, wagcina esevule enye inkampani esivalile lesi sikhala abe naso sokusungula imisebenzi.
UNkk uThandeka Mngomezulu uyisikhulu esiphezulu nomsunguli weTotalserve, inkampani ehlanza futhi inakekele izakhiwo. Le nkampani ayiqale ngo-2013 izalwe yiThasola Consulting, inkampani ehlela futhi icwaninge amabhuku.
E-Totalserve uqashe abantu abawu-560 KwaZulu-Natali naseGauteng kuthi eThasola khona useqashe abahlanu, isibalo esehlile sisuka ku-15 ngenxa yeCOVID-19.
UNkk Mngomezulu uthi kuhle ukwazi ukuthi yini inhloso yakho yokuqala ibhizinisi. “Kuyafuneka wazi inhloso yebhizinisi lakho, mina ngiyazi ukuthi inhloso yami wukuqinisekisa ukuthi ngisungula imisebenzi futhi ngondle imindeni eminingi ngangokwamandla ami ngomsebenzi esiwenzayo eTotalserve.
“Uma ungenayo inhloso yokuthi ibhizinisi lakho ulenzelani, uzongabi nayo into eqondile ekhombisa ukuthi ibhizinisi lakho (libheke kuphi). Ngeke ngiqambe amanga, uma kunzima kuba nzima kanti uma kuhamba kahle kuba kuhle kakhulu. Okubalulekile wukugxila kokwenzayo, ungapheli amandla,” kusho yena.
Ukuba khona kweTotalserve kumsizile ngenkathi kubheduka iCOVID-19 njengoba kuthe uma kuxega kwelinye ibhizinisi kodwa bama ngalisungule ngo-2013 njengoba lenza imisebenzi ebidingeka ngenxa yobhubhane.
Uthi ukuhlasela kweCOVID-19 kumfundise ukubaluleka kokuba nelinye iqhinga othembele kulo uma uwusomabhizinisi kanjalo nokungathembeli endleleni eyodwa yokungenisa imali. Wengeze ngokuthi kuyadingeka ukwazi ukushintsha ibhizinisi masinyane uma kuba nesimo esifana neCOVID-19 noma udlame olwacekela phansi amabhizinisi ngoJulayi wonyaka odlule.
UNkk uMngomezulu uzalwe futhi wakhulela KwaMashu, eThekwini, eKZN. Ufunde nakulo leli dolobha. Ukukhula ebona unina owayenguthisha ehlale enezinye izinto angenisa ngazo imali eceleni njengoba ayedayisa amanqina nezitik’swidi esikoleni kwamgqugquzela ukuthi afune ukuqonda ukuthi imali isebenza kanjani. Kwamfundisa futhi ukuthi izinto ziyasetshenzelwa.
Ngesikhathi efundela umsebenzi wayenetoho lokuba wu-cashier ebhusha ayengena kulona ngo-5 ekuseni nokwakudingeka avuke ngo-3 ekuseni ukuze afike emsebenzini ngesikhathi.
Une-BCom Finance yase-UKZN. Uthi wakhetha lezi ziqu ngoba wayezithanda izifundo zamabhizinisi kusukela esesesikoleni nokuthi ngoba wayebona ukuthi wumkhakha abantu abamnyama abawugwemayo.
Usebenzele izinkampani ezihlukene ngaphambi kokuzimela njengoba nenkampani yakhe yokuqala ayisungula esaqashiwe. Uthi kubalulekile ukuqale usebenzele omunye umuntu ngaphambi kokuphuma inxiwa. Mlalele echaza.
Ethula iNkulumo eBhekiswe esiZweni ngesonto eledlule, uMengameli uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi useqoke uMnu uSipho Nkosi ukuthi asize ukunciphisa imicikilisho enqinda osomabhizinisi.
Njengomuntu osiza osomabhizinisi ukuthi bahloniphe futhi bagcine imithetho efana nalona olawula ukukhokhwa kwentela, uNkk uMngomezulu uyavuma ukuthi iyinqwaba impela imicikilisho. Kodwa uthi into esizayo wukuthi umuntu aqonde ibhizinisi lakhe. Mlalele echaza.
Uthi uyaziqhenya ngokukwazi ukungena kule mboni iTotalserve ekuyo ngoba akulula, kunemithetho eyinqwaba futhi kusagcwele amadoda amhlophe.
Okunye ngaye:
- UwuMaNdlovu;
- Unabantwana ababili;
- Wenze i-Property Development Programme e-UCT; Wenze i-Facilities Management Programme eWits;
- Uphumula ngokuhlala nomndeni wakhe, abangani nokuvakasha;
- Ukukhonzile ukupheka, ikakhulukazi inkukhu ngoba imkhumbuza kubo;
- Ukhonze izincwadi ezikhuluma ngamabhizinisi nezikhuthazayo;
- Ukhonza emaRomeni.