Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noScelo ‘uCelow’ Mpungose, imbongi yezinkondlo zesiZulu

Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Cha, ngangingaphiwa.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngiqale ngo-2012. Ngayivula eStandard Bank.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi ukuyithola ungenalo uhlelo lokuthi uzoyisebenzisa kanjani kwenza isheshe iphele, ngakho kusemqoka ukuthi uyihlelele ngaphambi kokuba nayo ukuze ungayisebenzisi budlabha uma isikhona.
Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho?
Kwakuwu-2012 ngiqashelwe ukuyohaya izinkondlo yiKaMavuso Verse Entertainment kaMnu uBongani Mavuso. Ngangihola uR2 500 umcimbi ngamunye.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathatha (enye) ngayinika ugogo ekhaya, kwathi (eyasala) ngazijabulisa ngayo.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngihlale ngikuthatha ngokuthi ngenze into enhle uma ngenze into engiyibonayo nengizongazisoli ngayo noma sengingenamali.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Kuloko thina bantu besilisa sivame ukwenza iphutha elifanayo. Iningi lethu lithanda ubumnandi, amantombazane nemali; okuthi uma sekuhlangene lezo zinto zontathu, ayikho into esetshenziswa ukudlula imali. Nami ngelinye lamaphutha esengike ngalenza lelo.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?
Ngenhlanhla, cha angikaze futhi ngicabanga ukuthi loko kwenziwa wukuthi angikholelwa emalini eza kalula.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Esokuthi imali iyabhubhudlwa. Ngiyadlala. Ubaba wathi kimi imali siyidinga sonke kodwa ayisikho konke, nokuthi ubukhona bayo bungayishintsha impilo yakho kodwa akumele uyivumele ishintshe (ubuwena).
Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingenza i-fixed deposit bese ngisebenzisa inzuzo yayo kuphela njalo ngenyanga.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Wukuthi abathathe lonke uhlobo lobuciko ababenzayo njengeminye imisebenzi ejwayelekile, basebenzise yonke imali abayithola ngabo ngokucophelela.