UMnu uSiyanda Nondwayi ungomunye wabaphathi beStarbucks eNingizimu Afrika

Isithombe: wuLanga Khanyile

Owangena embonini yokuphatha izindawo zokudla zekhethelo engaqondile usewuqweqwe njengoba manje ephethe eyomhlaba jikelele. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WANGENA embonini yezokudla neziphuzo eyitoho ngoba enzela ukuthuthukisa ulwazi lwakhe ukuze angagcini ngayeluthola esikoleni, lapho ayeqeqeshelwa khona umkhakha wokudayisa nokukhangisa, kanti akabuzanga elangeni ukuthi uzogajwa wuthando lwale mboni. Wagcina ehlala unomphelo kuyo.

Namhlanje uneminyaka ewu-19 ekuyona njengoba esewumphathi wenye yama-coffee shop ekhethelo emhlabeni jikelele.

UMnu uSiyanda Nondwayi ungomunye wabaphathi beStarbucks eNingizimu Afrika. Nakuba ezinze kuFlorida Road, eThekwini, KwaZulu-Natali, kodwa umsebenzi wakhe awugcini kuleli gatsha kuphela njengoba ebheke zonke lezi zitolo zekhofi elidlisayo esifundazweni. Uqondene nokuqeqesha nokuhola uhlelo lokuvulwa kwezitolo ezintsha.

UNondwayi, odabuka KwaLanga, eNtshonalanga Kapa, uke “wabuyela ekhaya” njengoba ayehola ithimba elalivula izitolo ezintsha zeStarbucks esifundazweni azalwa kusona ngo-2020.

UNondwayi, ozifelayo ngokudla nokujabulisa abantu, uthi naye ngenkathi efika kule mboni wayengazi ukuthi ibanzi kangaka nokuthi inamathuba amaningi kangaka. Waqala ukusebenza eSpier Wine Estate eNtshonalanga Kapa.

“Ngafunda ngokudla, iwayini, ukudeka itafula futhi kwakhula nothando lwabantu. Le mboni iyakhulisana futhi ugcina usuziqonda kahle ukuthi wena ungubani ngoba uhlangana nabantu abaningi. Indlela oxhumana ngayo nalabo bantu abanye okungomengameli (bamazwe), osaziwayo ikufundisa nezinto obungeke uzazi ngawe ikukhombise okunye okwazi ukukwenza noma ongakwenza,” kusho uNondwayi.

Emva kokusebenza eSpier, usebenzele izindawo zokudla ezinkulu emhlabeni. Uqale eMoyo, lapho ayeqale eqeqesha khona, wagcina eseyimenenja.

Leli thuba lamvulela ukuthi ahambele amanye amazwe; ngoba lena yindawo yokudlela egabe ngokudla kwasemazweni ehlukene ase-Afrika.

“Kwakuyindawo enkulu futhi nanamhlanje (isenkulu) kanti nombono ngayo wawumkhulu kodwa sasingekho isikhala sokuthi ngisebenzise kahle ulwazi engasenginalo. Ngafika khona ngizoqeqesha, ngagcina sengiqeqesha ezweni lonke.

“Kwathi emva kwalokho ngaba yisikhulu esiqondene nophiko lokudayisa nokukhangisa. Akukho-ke okunye engase ngingakwenza emva kwaloko ngaphandle kokuthi ngibe wumnikazi.”

Esuka lapho udlulele eWoolworths Café, lapho ebephethe khona zonke izitolo zakhona eKZN kanti kuthe nakhona uma esezwa ukuthi sengathi usemi ndawonye, akangacucuza uma kuvela ithuba lokusebenzela iStarbucks. Lesi sitolo esidayisa ikhofi lekhethelo sidabuka eMelika kanti ngokusho kwe-website yaso sinezitolo ezingaphezu kuka-30 000 emazweni awu-83.

Echaza uNondwayi ngokumenza ukuthi athande ukuqeqesha abantu kule mboni, uthe kungenxa yendlela amehlo akhe avuleka ngayo ngesikhathi efika kulo mkhakha.

“Ngenkathi ngifika eSpier ngiwumuntu wesilisa omnyama oqhamuka elokishini, ngathi uma ngithola lelo thuba ngafuna ukuqinisekisa ukuthi nabanye abangilandelayo bazolithola nabo, bahlale futhi bakhule kule mboni. Ngafika kule mboni ngingazi lutho ngamatemu akhona, ukuhlukanisa ukunambitheka kwento olimini, iwayini ngangilizwa libaba kodwa ngafunda futhi ngakhula,” kukhumbula yena.

Uthi imboni yabo idelelekile futhi abanye abantu baye bacabange ukuthi kungasa nje umuntu esene-coffee shop noma indawo yokudla kanti kuningi okunye okubhekwayo nokuwumsebenzi abantu abangawuboni okwenza ukuthi umuntu aphumelele.

“ENingizimu Afrika kona ayihlonishwa nhlobo kanti yimboni evula namathuba omsebenzi amaningi. Buka nje iStarbucks inezitolo eziwu-32 000, iqashe abantu abawu-300 000 emhlabeni, lapha eNingizimu Afrika bangaphezu kuka-500. Mhlawumbe enye into yithina esenza umsebenzi onzima ubukeke ulula,” kusho yena sakuncokola.

Enye into egqamayo uma useStarbucks kuFlorida Road wukuthi uNondwayi naye uyasebenza njengabo bonke abantu njengoba naye uke umbone eseqoqa ematafuleni noma elethela abantu ama-oda.

Uthi: “Loko ngikwenza ngoba kususa impakamo ngoba uma ungazimisele ukuthi nawe wenze yonke imisebenzi eyenziwayo, ungene embonini okungafanele ungene kuyo. Ngikwenzela nanakuthi kufanele ngibe yisibonelo esihle kwengisebenza nabo.”

Igatsha aliphethe liyaziwa ngokuba nemicimbi yokuthula izincwadi njengoba kukhona nezincwadi ezidayiswayo khona zababhali abamnyama.

UNondwayi uthi lona wumbono awuvuma ngoba ebona ukuthi kuzobenza bahluke futhi bagqame.

Okunye ngaye: 

  • Ukhuliswe ngabazali nogogo wakhe;
  • Ukhulele eKhayelitsha naseGugulethu;
  • Uneziqu ze-Marketing zaseCape Peninsula University of Technology;
  • Uganiwe futhi unabantwana ababili;
  • Usebenzisana nezinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo, iSiata Cycling Academy ne-The Good Man Foundation;
  • Ukhonze ukugijima, ukushova ibhayisikili, ukuqwala izintaba nokubhukuda nezingane zakhe;
  • Ukhonze ukupheka, ikakhulukazi isiklabhu nofishi;
  • Abanye bababhali abakhonzile wuNtokozo Biyela, uJohn Rohn noCaroline Leaf.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page