Ugila izimanga ekuphatheni nasekuthuthukiseni imisakazo owagajwa wuthando lewayilense ngenxa yokulalela ‘is’tori’ noninakhulu. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

NJENGASEMIZINI eminingi ngaleso sikhathi, ukhule kubo kulalelwa imidlalo yomoya emsakazweni uRadio Zulu, osubizwa ngoKhozi FM. Kuthe eseqeqeshelwa umsebenzi ekolishi wejwayela iMetro FM ayeyilalela imini nobusuku njengoba wayengawuvali umsakazo nasebusuku.
Nokho ngaleso sikhathi wayengakazi ukuthi ubizo lwakhe lusemsakazweni, ingasaphathwa-ke eyokuthi ngelinye ilanga igama lakhe liyobalwa nawalabo abake baphatha iMetro FM.
Namhlanje uMnu uMartin Vilakazi uwumsunguli weRadio 101, inkampani eyenza izinto eziningi embonini yezokusakaza. Yeluleka abantu ngamaqhinga okukhulisa imisakazo, ifundisa ngokuphatha imisakazo, ukuhlela izinhlelo nokusebenza ngobuchwepheshe besimanje.
I-Radio 101, ayisungule ngo-2015, isanda kwethula ngokusemthethweni izitifiketi zokuqeqeshelwa imisebenzi enhlobonhlobo emsakazweni, nokuyizitifiketi ezibhaliswe emNyangweni wezeMfundo nasophikweni olulawula iziqu iSouth African Qualifications Authority.
Umsebenzi wayo ugxile emisakazweni yomphakathi. “Yilapho (emisakazweni yomphakathi) ngiqhamuka khona. (Ngiwumuntu engiwuye) ngenxa yethuba engalithola emsakazweni womphakathi.
“Ngo-1998 ngathi ngisahleli ekhaya emva kokuphothula ukufundela umsebenzi ngafunda ephephandabeni lesiZulu langasekhaya kuthiwa kunomsakazo okuthiwa yiZwi loMzansi owawunelayisensi eyisipesheli usakazela eSABC ngaleso sikhathi. Ngafonela uVela Ngubane ngacela ukubabikela ngezindaba ezenzeka eNewcastle, lapho ngiqhamuka khona, wanginika ithuba, ngase ngiyaqala ngiyababikela. Kusukela lapho, lokhu ngangena emsakazweni,” kukhumbula yena.
Kuthe noma esethuthele eGoli, lapho enza khona izifundo zobuntatheli nokusakaza, wasebenza njengethwasa eCentre for Democratric Communication eyayiseCosatu House, ehlanganisela imisakazo yomphakathi izinhlelo futhi ehlelela nokuthi abasebenza khona baqeqeshwe.
UVilakazi ukhulele eWasbank, KwaZulu-Natali, lapho ekhuliswe khona wuninakhulu. Ufunde ezindaweni ezihlukene esifundazweni njengaKwaNongoma ngaphambi kokuphothula eMadadeni emva kokuthi abazali bakhe sebethuthele eNewcastle.
Uqeqeshelwe ukuba wuthisha eSikhawini College.
“Ngaleso sikhathi yayingekho enye into abantu abamnyama ababethola ngayo ulwazi ngaphandle komsakazo. Ngakho lolo thando kugogo ukuthi i-battery silalela isitori, kunezinto ezazenzeka ezangenza ngawuthanda umsakazo. Umsakazo ngiwuthande ngenxa kagogo wami nangenxa yomphakathi engiqhamuka kuwona. Yingakho namanje umsakazo useyinto enkulu eKZN; abantu baya emasimini nomsakazo, bayalusa nomsakazo, bahlala phansi kwesihlahla nomsakazo… balalela is’tori. Ngakho uthando lomsakazo kade laba khona.
“Enye into wukuthi ngangithanda ipolitiki nomlando futhi ngifisa indlela yokubamba iqhaza ekwaziseni abantu ngamalungelo abo. Umsakazo kwakuyiyona ndlela engcono ngoba ngangingeke ngikwazi ukungena kwezombusazwe ngoba ngangimncane futhi isimo sasisibi,” kulanda uVilakazi.
Kunabasakazi abahlukene abakhonzile nathanda umsebenzi wabo kodwa ukuhlangana noMandla Malakoane, umsakazi wokuqala ambona bukhoma, kwamenza wazethemba ukuthi angasebenza emsakazweni ngenxa yendlela amamukela futhi baxoxa kahle ngayo.
Izitifiketi ezifundelwa eRadio 101 yi-National Certificate in Interactive Media, i-National Certificate in Radio Station Management ne-National Certificate in Radio Production.
Ezinye zalezi zitifiketi zifundelwa ngokuthi uhlale edeskini futhi uye kothola nesipiliyoni emsebenzini. Kubiza uR20 000 ngonyaka. Uthe basazozama ukuthi bahlanganise nemifundaze.
Olunye uhlelo abaqale ngalo ngoluxhaswe yiSeta abaqeqesha kulo amathwasa okungabantu abaneziqu kodwa abangasebenzi nabaholelwa uR3 800 ngenyanga eMpumalanga.
Uke waqeqeshewa eNetherlands, e-Europe, naseMozambique, elinye lamazwe aseNingizimu ne-Afrika ngemisebezi ehlukene emsakazweni.
Ezinye zezinto ezigqamise uVilakazi emsakazweni wukuba wumphathisteshi weMetro FM. Nakuba kuwumsebenzi owaliphakamisa igama lakhe lona kodwa akuwona awuthatha njengento enkulu aseke wayizuza emsakazweni.
UVilakazi washiya kulo msakazo kungazelele muntu njengoba kwamenyezelwa ukuhamba kwakhe ingakapheli inkontileka yakhe yeminyaka emihlanu.
“Ngikholwa wukuthi iMetroFM yayiyingxenye yohambo lwami. Ngifisa ukuthi ngabe ngenza kangcono eMetro futhi ngikholwa wukuthi ngangingenza kangcono ukube nganginaso isikhathi. Kodwa ngiyakubonga ukusebenzisana nalabo engahlangana nabo khona, ikakhulukazi abasakazi nabanye abalingani engasebenza nabo.
“Into enkulu kimina kwaba wukuba yinhloko yophiko lomsakazo ngaphansi kwe-Institute of Journalism eGoli, eyayiyingxenye yeWits ngaleso sikhathi. Kwakuwu-2003, kwakuyinto enkulu ngoba ngafunda ukuhlanganisa izinhlelo, ukuthola abaxhasi, ukuqashela imisakazo nokukhomba indlela umsakazo okumele uyilandele. Kimina yiyona nto eyaba nkulu, kwangilungiselela ukusebenza eMetro. Ngaphandle kwakho ngangingeke ngibe seMetro.”
Ephawula ngomsakazo namhlanje, uthi kwezinye izikhathi luyabhimba uhlelo endleleni imisakazo ephethwe ngayo. Uthe lesi sizukulwane sabaphathe manje siyakhohlwa wukuthi yimuphi umphumela umsakazo okumele ube nawo emphakathini. Uthe imisakazo isiyaphenduka izigcawu zokungcebeleka nje kuphela.
“Loku kwenzeka kakhulu emisakazweni yethu esakazela imiphakathi yabantu abamnyama. Kodwa uma ulalela imisakazo esakazela abelungu nezinhlanga ezixubile, basayibambe ngakho ngokwabantu ababaqashayo, izinhlelo nokwazisa umphakathi. Kodwa kweyethu imisakazo, izinto zibuye ziphunyuke.
“Okwesibili, sekulula nje ukuthi noma ngabe wubani kuvele kuse esewumsakazi kodwa uthi uma ulalele uzwe ukuthi kunabantu obaziyo abangenza kangcono. Kodwa-ke ngoba ababona abangani nalabo abenza lezo zinqumo noma abadumile kangako ezinkundleni zokuxhumana, abanikwa ithuba. Kunezinto ezinhle ezenzekayo emisakazweni yemiphakathi, ikakhulukazi uma ubheka nokuthi abanazo nezinsizakusebenza ezitheni,” kusho yena.
UVilakazi uthi uyazi ukuthi enye yezinto ezimvalela iminyango wukuthi akakwazi ukuncetheza nokuhlala ngamagama abantu.
Okunye ngaye:
- Wenze izifundo ze-Telecommunications Policy Regulations Management ne-Telecommunications and Broadcasting Policy Regulations Management eWits University;
- Uwumlandeli we-Orlando Pirates naMaZulu;
- Uthakasela noma ngabe iyiphi inhlobo yokudla aphiwa yona;
- Uphumula ngokuhlala nabantwana bakhe, ahlekisana naye, ukuvakashela unina nezingane zakubo eziyisithupha.