Izikhulumi engqungqutheleni zithe akubhukulwe ngokuphindiwe ukuthuthukisa abantu besifazane e-Afrika. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUFANELE iphuthunyiswe imizamo yokunciphisa igebe lokungalingani phakathi kwabesilisa nabantu besifazane e-Afrika, ngale kwaloko izwekazi lizogcina lihlulekile ukufeza loku njengokusho kwenye yezinjongo ezabekwa yiNhlangano yeZizwe. Lena yimizamo efana nokunyusa isibalo sabesifazane abafundayo, ukulwa nendluzula ebhekiswe kubantu besifazane nezingane nokubeseka ngokubacathulisa.

Ibonga iyanconcoza intsha ecijwe embukisweni wosomabhizinisi. Enye yayo ixoxe noNQOBILE NDLOVU

INTSHA engosomabhizinisi nefisa ukuba namabhizinisi ayiwuvali umlomo ngosizo eluthole embukisweni wosomabhizinisi obuhlelwe yiKhomishana yokuNcintisana iYouth in Business Exhibition eTshwane, eGauteng.

Lungisa isimo sakho semali ngokubuyekeza imishwalense yakho. INTATHELI YOMBELE iyabika

YISIKHATHI lesi lapho abantu bekhuculula khona kwazise lithwese ihlobo. Yithuba elihle lokubuyekeza futhi ukhuculule isimo sakho sezimali, ozibophezele kukho nemishwalense onayo ukuqinisekisa ukuthi ukulungele ukubhekana nanoma ngabe yisiphi isimo ongahlangabezana nazo ngalezi zinyanga ezisele onyakeni.

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noDJ wodumo lwengoma ethi Amabhungu nethi Umona, u-‘DJ Thotho’, ogama lakhe langempela uLutho Pasiya, futhi oyintatheli ebhala ngokudla neziphuzo

Usemncane wawuphiwa imali noma cha?

Yebo, ngangiphiwa ukuthi ngithenge ukudla esikoleni. Umama wayenginika nyanga zonke imali yokugibela neyokuthenga ukudla esikoleni sengifunda amabanga aphezulu. Kwesinye isikhathi abazali bami babengipha imali yokuthenga izimpahla zokugqoka ne-airtime.

Wenza ezibukwayo onebhizinisi elingajwayelekile kwabesifazane. Uxoxe noTEBOGO MOKWENZA

NGESIKHATHI uNksz uMolebogeng Pitso eqala ukwenza umsebenzi wokuba wumbazi wayezifunela imadlana azozijabulisa ngayo ngamaholidi kaKhisimuzi. Nokho kwathi emva kokukhulelwa wase ebawumama wagcina enqume ukuzinikela kulo msebenzi osumakhele igama entsheni yesifazane elokishini langakubo.

Kunempikiswano ngomthetho wezolimo ohlose ukuhlomulisa abalimi abancane. UTEBOGO MOKWENA uyabika

UMNYANGO wezoLimo, ukuVuselela uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya usuthembise iPhalamende ukuthi ukuchibiyela umthethosivivinyo obhekelela imikhiziqo yezolimo i-Agricultural Products Standards Amendment Bill kuzosiza abalimi abasafufusa abahluleka wukuthola amakhasimende kalula.

Yize sekwashaywa umthetho okufanele ngabe usiza abadayisi bezindlu abasafufusa kodwa bathi basathwele kanzima. UTEBOGO MOKWENA uyabika

SEKUPHELE uhhafu wonyaka seloku kuqale ukusebenza komthetho i-Property Practitioners Act kodwa lo mkhakha usaxakwe yizinkinga ezinjengokugqoza koshintsho ukuze abantu abamnyama bathole amathuba, ubandlululo futhi kuselikhuni ukuthola amakhasimende.

‘Luyatotoba usizo olunikwa abakhahlanyezwa yizikhukhula kanti uhulumeni awufundanga lutho enhlekeleleni yeCOVID-19.’ USLINDILE KHANYILE uyabika

UHULUMENI kuzodingeka uphucule indlela olekelela ngayo izakhamuzi uma kunezinhlekelele futhi kufanele izinhlaka zikahulumeni zisebenzisane kangcono kunendlela ezenza ngayo okwamanje.

Abasafufusa banxusa ukuthi kufundiswe kabanzi ngosuku olubungaza osomabhizinisi. Baxoxe noTEBOGO MOKWENA

ABANIKAZI bamabhizinisi asafufusa bathi kufanele yande imikhankaso yokufundisa abantu ngosuku olubungaza osomabhizinisi iWorld Entrepreneurs’ Day. Lolu suku lungomhla ka-21 Agasti kodwa abantu abaningi eNingizimu Afrika nabanye osomabhizinisi bebengazi ukuthi lukhona usuku olumqoka kangaka.

Unoxhaxha lwezitifiketi emikhakheni eminingi osekhaleni lokuguqula indlela ezobuciko ezibukwa ngayo. Uxoxe noLANGA KHANYILE

EFUNDA uMatikuletsheni wayazi kahle kamhlophe ukuthi akufuni ukuba wuthisha ngenxa yokuthi wayezalwa wothisha futhi ezalwa nabo. Nakuba ayazi ukuthi ufuna ukusebenza kwandabazabantu, ngenxa yokubukela kubaba wakwamakhelwane owayenomuzi omuhle futhi eshintsha ubutsetse bezimoto, kodwa wagcina ewubuthisha.

Nakuba akhula efisa ukuba wumlimi, ufundele omunye umsebenzi ogcine ephelele ekulimeni. Manje uthemba imvula ngezithelo zomhlabathi. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUNGAWUTHOLI umsebenzi ngemva kokuwufundela kumenze wakhumbula uthando lwakhe lokutshala. UNksz uBongiwe Mchunu waseShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natali, uqale ukulima ngo-2021 emva kokuphothula iziqu zokuba wunjiniyela kagesi. Ngale kothando lwakhe lokulima, uNksz Mchunu, … Read More

Kwamsiza ukuba nabamcathulisayo osekhulise enye yezinkampani ezihlonishwayo kwezokukhangisa nokuxhumana. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUYASIZA ukukwazi ukwenza umsebenzi ibhizinisi lakho eligxile kuwona. Kepha okumqoka kakhulu wukuba nendlela yokwenza umsebenzi ehlelekile, ukusebenza nabantu abafanele nokulungiselela nokuhambisana nokukhula kwenkampani. Ukungazenzi lezi zinto kungasho ukuwa kwenkampani ngoba isikhathi esiningi ebhizinisini sidliwa ngeminye imisebenzi eyinsika ekuhambeni kwezinto ngohlelo.

Imizamo emisha yokugqugquzela ukuthi abantu bakuhlelele kahle ukuthatha umhlalaphansi ukuze bangahlupheki. USLINDILE KHANYILE uyabika

YISINYATHELO esihle ukwethula umthetho ozovumela abantu ukuthi bakwazi ukuphephela emalini yabo yempesheni ngesikhathi besasebenza kodwa bebe beqhubeka nokongela umhlalaphansi.

Ungoti wezemfundo nobuchwepheshe uthi intsha iyinsika ekukhuleni kwe-Afrika, inqobo nje uma izokwesekwa ngezindlela ezifanele. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

I-AFRIKA inabantu abaningi abasebancane nabasengakwazi ukusebenza. Loku yiyonanto eyenza ihluke futhi engadlisela ngayo ogageni amanye amazwekazi.

Ungenisile embonini yezokungcebeleka ogxile kwezamafiliimu. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUSEBENZA embonini yokungcebeleka yinto ayithanda kusukela esafunda isikole kangangokuthi ngisho uma ayesuke ezama ukwenza ezinye izinto okungekona ukuzisebenza wayengabi nomdlandla ofanayo naba nawo uma ezisebenza. Yingakho ethe ngisho eseqede isikole akangakapholisa maseko wasungulai ibhizinisi.

Usaloku eyibambile owaphuma esikoleni esewusomabhizinisi njengoba esenezikhondlakhondla zamakhasimende. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ISIFISO sokuba nebhizinisi yimbewu eyatshaleka esaqeqeshelwa umsebenzi. Kwadingeka ukuthi benze ucwaningo ngokudingekayo uma umuntu ezoqala ibhizinisi olwaluyingxenye yezifundo ze-Business Management Diploma eDurban Institute of Technology, esibizwa ngeDurban University of Technology.

Abamabhizinisi behlukene ngemibono ngokudingeka kwenziwe ukulungisa i-Eskom. INTATHELI YOMBELE iyabika

IZINHLANGANO zosomabhizinisi aziboni ngaso linye ngesimemezelo esisanda kwenziwa wumengameli wezwe mayelana nemizamo eyenziwayo ukuxazulula inkinga yokucima ugesi osekuneminyaka ewu-14 ikhinyabeza umnotho waseNingizimu Afrika.

Ungene kwazwakala embonini yezokukhangisa ongazibekile phansi nangamakhasimende amakhulu. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UWUMUNTU othi uma esebonile ukuthi akwenzayo akumsebenzeli bese eyasukuma athathe izinyathelo zokukushintsha ukuze ezothola umphumela awufisayo. Yiwona lowo mqondo omgqumgquzele ukuthi asungule ibhizinisi elingelinye lalawo asefike kwezakala embonini akuyona.

Umashayandawonye nothando lokuba yivulandlela kumenze waqala ibhizinisi endimeni okungelula ukungena kuyona. Uxoxe noSANDILE GWALA

UTHANDO lwesikhumba nokunakekela abantu lumenza washiya phakathi izifundo zesayensi ayezenza e-University of KwaZulu-N wakhetha ukuyokwenza ezokunakekela isikhumba nempilo i-somatology ngoba ekholwa wukuthi udalelwe ukusiza abantu ngazo.

Nakuba kusekuningi okunye okudinga ukulungiswa ngezitimela kepha kuntwela ezansi eTransnet. INTATHELI YOMBELE iyabika

KUBUKEKA sengathi seziqala ukulunga izinto enkampanini kahulumeni ethutha izimpahla ngamachweba, izitimela namapayipi iTransnet. Kuleli sonto le nkampani yethule umbiko wayo wonyaka wezimali ophele mhla ka 31 ngoMashi 2022, lapho imemezele khona ukuthi yenze inzuzo ewuR5 billion.

Owaziwa ngamava kwezamabhizinisi uthembisa uku‘takula’ uKhongolose KwaZulu-Natali. USLINDILE KHANYILE uyabika

UKHULUMA izinto ezingayisa izwe phambili usomabhizinisi osenqume ukungena ngokugcwele kwezombusazwe. Kepha mukhulu umsebenzi ohlalele uMnu uSandile Zungu ngoba inhlangano ebusayo i-ANC ingcole kusuka phezulu.

Uxosha ikati eziko ngobuciko obungajwayelekile oseneminyaka eyibambile. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UNEMINYAKA engaphezu kwewu-20 eyiciko kodwa uzizwa sengathi uhambo lwakhe yima lusanda kuqala. Uzibona ehlukile kwamanye amaciko ngoba ucabanga ngendlela ehlukile futhi ibhizinisi lakhe liwubufakazi bale ndlela engajwayelekile enza izinto ngayo nemenza ahlale eqhamuka namasu amasha.

Zisadlangile izinkinga zokungahloniphi amalungelo ezisebenzi nabahlali emapulazini. U-LUCAS LEDWABA uyabika

IKOMIDI lasePhalamemnde lezoLimo, ukuLungiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya neKomidi lezokuQashwa nezokuSebenza asanda kuzwa indlela abalimi abangabelungu abaphatha ngayo izisebenzi ezingabantu abamnyama neziqashi emapulazini.

Uzinikele ukuthuthukisa ulwazi ngokwenzeka emkhathini ukuphucula impilo yabantu emhlabeni. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKUSEBENZA ngama-satellite nokwenzeka emkhathini yizinto ezingabukeka ziqhelelene nabantu kodwa empeleni kuningi okungama emhlabeni uma kungathiwa lezi zinto azisebenzi. Ukuziqonda kuyasiza futhi kugwema izibhicingo emhlabeni.

Kuphenywa isikhwama sempesheni i-Akani Retirement Fund Administrators. INTATHELI YOMBELE iyabika

INKAMPANI yabantu abamnyama enkulu kunazo zonke ezilawula izikhwama zempesheni i-Akani Retirement Fund Administrators ithi izothathela inhlangano elawula le mboni iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) izinyathelo zomthetho.

Sekuphase izicelo zomshwalense zikaR24bn zokukhokhela umonakalo wokutapa ngoJulayi. INTATHELI YOMBELE iyabika

UMSHWALENSE kahulumeni ohlinzekela izibhicongo iSouth African Special Risk Insurance Association (iSasria) usukhokhe uR24 billion, okuwu-80% wezicelo ezafakwa ngamakhasimende okwacekelwa phansi izimpahla zabo ngenkathi kutatshwa ngoJulayi ngonyaka odlule.

Osomabhizinisi abashayeka kutatshwa ngoJulayi ngonyaka odlule sebevuke bazithatha. USLINDILE KHANYILE uyabika

AMABHIZINISI acekelwa phansi ngenkathi kutatshwa izinto okwaqubuka ngoJulayi ngonyaka odlule asevuke qingqo. Nokho abanikazi bawo basazikhotha amanxeba futhi banovalo ngokuthi emva kwaso sonke lesi sikhathi kodwa akekho oseboshiwe futhi washushiswa.

Ababekade bewa bevuka sebedayisa izinkulungwane zezinkukhu ngenxa yothando. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UTHANDO lwabo lokufuya izinkukhu lwaqala ngoSuku lweziThandani ngo-2019. Nakuba sebehlukumezeke kaningi oNkk uLebohang Dhludhlu nomnyeni wakhe uMnu uDumisani Dhludhlu kodwa babambelela othandweni lwabo lokufuya izinkukhu, olugcine luchamisele inqwaba yezinkukhu ezidida ukwenza manje.

Mkhulu umsebenzi osihlalele kodwa ukuphothulwa kombiko kaZondo uyisiqalo esihle, kuloba uBusi Mavuso

NJENGOBA umbiko wokugcina weKhomishini yeJaji uRaymond Zondo usuthuliwe, sekuyisikhathi sokuthi kuthathwe izinyathelo. Kumele sivuselele isithunzi seNingizima Afrika njengezwe elingathenjwa ukuthi linomthetho osebenzayo. Iminyaka yokugwamanda amandla ombuso ngezindlela ezikhinyabeza izikhungo zikahulumeni ezakhelwe ukuqinisekisa ubulungisa nokuthi abaphethe bayaphendula, ililimaze kakhulu igama lezwe.

Owakhuliswa ngabazali abesebenza emphakathini uhamba ezinyathelweni zabo futhi ufeza iphupho lakhe nelewele lakhe eselenda. Uxoxe noLANGA KHANYILE

NGEMVA kweminyaka esebenza emkhakheni wamabhange, ukusebenzela izikhondlakhondla zamabhange amabili eNingizimu Afrika, ukudla umhlanganiso ngemiklomelo emikhulu namathuba okusebenza embonini ezimele umakadebona emkhakheni wamabhange usegxile obizweni lwakhe – ukuletha ithemba lapho amathuba eyivelakancane khona.

Usheba ubunjiniyela, imfucuza nokulima ukuphucula ezolimo oqhamuka nezindlela ezintsha zokulima. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUBANTU abaningi ukudla okonakele nomunye udoti yizinto okufanele zilahlwe ngoba zisuke zingasenamsebenzi walutho. Kepha kunomlimi imfucuza eyigugu kuye njengoba ingenye yezinto azisebenzisayo ukuqhamuka nezindlela ezintsha zokulima, ezinempilo futhi ezivikela imvelo.

Uyadlondlobala ebhizinisini ocoshe ikhono lokubaza ngokuvakashela endaweni eyakha amabhokisi omngcwabo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

NGESIKHATHI ezichithela isizungu nekhehla lasendaweni elalinebhizinisi lokungcwaba wayenganakile ukuthi kuzomholela ebhizinisini. Leli bhizinisi lakhe lokubaza selizale elinye njengoba esengene shi nakwezolimo kanti nakhona izinto zihamba kahle kangangokuthi ubona sizofezeka isifiso sakhe sokuthatha umhlalaphansi lapho eqashwe khona ngokugcwele engakabi neminyaka ewu-50.

Osomabhizinisi bancoma iTransnet ngomsebenzi wayo wokuvuselela ingqalasizinda. INTATHELI YOMBELE iyabika

UNGQONGQOSHE wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan usencome umsebenzi owenziwe yiTransnet ukulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula ezihlasele ngo-Ephreli nangoMeyi emzileni emqoka wokuthutha izimpahla phakathi kwaseThekwini naseGauteng.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page