Abamabhizinisi behlukene ngemibono ngokudingeka kwenziwe ukulungisa i-Eskom. INTATHELI YOMBELE iyabika

IZINHLANGANO zosomabhizinisi aziboni ngaso linye ngesimemezelo esisanda kwenziwa wumengameli wezwe mayelana nemizamo eyenziwayo ukuxazulula inkinga yokucima ugesi osekuneminyaka ewu-14 ikhinyabeza umnotho waseNingizimu Afrika.
I-Business Leadership South Africa (iBLSA) isishayele ihlombe isimemezelo sikaMnu uCyril Ramaphosa, yathi sibuyisa ithemba kosomabhizinisi. Kepha iBlack Business Council (iBBC) ithi nakuba ivuma ukuthi kufanele kulungiswe izinto e-Eskom kodwa indlela efisa kwenziwe ngayo loku ihlukile.
Ngesonto elidlule uRamaphosa uthe kunekomidi elizosungulwa elihlanganisa uhulumeni, osomabhizinisi nonjiniyela elizobheka ukuxazulula ukucima kukagesi. Umemezele inqwaba yezinhlelo zokuthenga ugesi kubaphehli bakagesi abazimele. Kukhona nezokwandisa ukuphehla ugesi kungasetshenziswa amalahle nokuqeda ngesikweletu se-Eskom esicela kuR400 billion.

UMengameli uthe imininingwane yokuthi kuzokwenziwa njani ngesikweletu izomenyezelwa wumNyango wezeziMali uma sekwethulwa isabelomali saphakathi nonyaka wezimali.
Uthe kuqiniswa nezinhlelo zokulwa nokwebiwa nokucekela phansi ingqalasizinda.
Isikhulu esiphezulu seBLSA nesihlale kwibhodi ye-Eskom uNksz uBusi Mavuso uthi kuningi osekwenziwe wuRamaphosa ukuzama ukulungisa inkinga yokucima ugesi njengokuvumela izinkampani ezizimele ukuthi zizikhiqizele ugesi ongafinyelela ku-100MW ngaphandle kokudinga ilayisensi.

“Kuyangijabulisa ukubona osomabhizinisi, uhulumeni ne-Eskom bebambisene ukuxazulula izinkinga esibhekana nazo. Ukuthembana kuyakhula, kulekelelwa ubuholi bukamengameli nesikhulu esiphezulu se-Eskom (u-André de Ruyter) esigcizelele ukuthi i-Eskom iyahambisana nokungenelela kukamengameli. Sesiphelile isikhathi sokuthi kukhonye i-Eskom yodwa, nokwenza loku kungakhathaleki ngokuthi kunamiphi imiphumela,” kusho yena.
I-BBC ithe iyahambisana nemizamo yokulungisa i-Eskom nokwandisa ugesi otholakalayo.
“I-BBC ayiyeseki iminyakazo ezama ukuthi kungathengwa futhi kuthuthukiswe kuleli zwe njengoba sibhekene nokuntuleka kwemisebenzi ngoba loku kuzoqhubeka kwakhe amathuba emisebenzi ngaphandle kwaseNingizimu Afrika. I-BBC iyaphinde iyagcizelela ukuthi leli bhodi elikhona nabaphathi be-Eskom akubona abantu abafanele ukusikhipha kulolu taku futhi kufanele bakhishwe ezikhundleni ngokushesha,” kusho isitatimende seBBC.

Umfelandawonye wezinyunyana iCosatu uthi ukholwa wukuthi ukube sekwenziwa okwavunyelwana ngakho ngesikhathi kusayinwa i-Eskom Social Compact kwiNedlac eminyakeni emibili edlule ngabe ukucima kukagesi okuningi kugwemekile.
Ithi uma izinhlelo zokulungisa i-Eskom zisafaka ukuthi le nkampani ihlukaniswe phakathi kube khona izimpiko zayo ezidayiswayo, ngeke ihambisane nakho.
Uhulumeni usuwamemezela ukuthi le nhlangano ephehla ugesi izohlukaniswa kathathu, kube khona ephehla ugesi, ewusabalalisayo newudayisayo.

