UNksz uSbusisiwe Myeni, isikhulu esiphezulu se-Imbeleko, Dr Seni Myeni Foundation nomsunguli weKamusa Risk Consulting

Izithombe: Zithunyelwe

Owakhuliswa ngabazali abesebenza emphakathini uhamba ezinyathelweni zabo futhi ufeza iphupho lakhe nelewele lakhe eselenda. Uxoxe noLANGA KHANYILE

NGEMVA kweminyaka esebenza emkhakheni wamabhange, ukusebenzela izikhondlakhondla zamabhange amabili eNingizimu Afrika, ukudla umhlanganiso ngemiklomelo emikhulu namathuba okusebenza embonini ezimele umakadebona emkhakheni wamabhange usegxile obizweni lwakhe – ukuletha ithemba lapho amathuba eyivelakancane khona.

UNksz uSbusisiwe Myeni, odabuka KwaNyuswa, eValley of a Thousand Hills, entshonalanga yaseThekwini, KwaZulu-Natali, usengene shi emsebenzi wokufula umphakathi ngokuhlinzeka intsha yasemakhaya, ikakhulukazi izintandane, ngamathuba ayingqayizivele emfundo. Lo msebenzi uwenza ngenhlangano engenzi nzuzo i-Imbeleko, Dr Seni Myeni Foundation. Uwumsunguli weKamusa Risk Consulting.

Uma uNksz uMyeni elanda ngohambo lwakhe kuyahlaluka ukuthi uhlanga lokusebenzela umphakathi wagcatshwa ngabazali bakhe ngalo. Uyise wayegxile kwezolimo kanti unina wayewumhlengikazi ogxile kwezokwelapha umphakathi ngemva kokufika KwaNyuswa bezolekelela ukubhula isihlava sokufa kwezingane zibulawa yindlala ngaphansi kweso le-Valley Trust.

Ngemva kokuthola i-BCom Statistics e-University of Cape Town (e-UCT) nokusebenzela iStandard Bank ne-Absa, lo msunguli wophiko i-Operational Risk and the New Product Approval lwe-Absa Wealth ne-Risk & Compliance function for Absa Wealth International kwakulula ukuthi asebenze noma kuphi lapho ethanda khona emhlabeni. Kodwa namuhla lo ngoti wezamabhange usewumSamariya oLungileyo. Kakade iwele lakhe eselenda uDkt uSeni Myeni, owayeneziqu zobudokotela zase-UCT, wahlatshwa yisimila ebuchosheni esebenza eCanada, esagcina simthathile.

Iqubula insini eyokuthi intombazane eyafunda wonke amabanga aphansi KwaNyuswa ngaphambi kokuphothula uMatikuletsheni eNkamana High School yodumo, ngemva kokuthola umfundaze weSouth African Council of Churches, yagcina ikhethe ukufundela i-accounting kanjani. Naye uqobo iyamkitaza.

“Ngakhula ngifisa ukuba yiyo yonke into engangiyizwa… abantu engangibabona into ababeyiyona. Ngake ngafisa ukuba wuthisha; ngenxa yendlela uthisha wami wakwa-Standard 1 ayengithanda ngayo. Ngabuye ngafisa ukuba wummeli ngoba ngasekhaya kunommeli owayenesitezi. Kodwa kwashintsha konke ngemva kokulalela (uMnu) uPeter-Paul Ngwenya, owayeyi-accountant, owafika eNkamana ezokhuluma nabafundi baka-Standard 8. Unyanyavu lwemoto ebomvu ayehamba ngalo lwangenza ngafisa ukuba yi-accountant,” kusho yena ezihleka.

Imbeleko igxile ekulekeleleni izingane zendawo ezibukhali esikoleni kodwa ezintulayo ngokuzifaka ema-boarding school amadala, nangezinhlelo zemfundo ikakhulu zeSTEAM (i-science, technology, engineering, arts & maths) uma zibuya esikoleni ntambama. kulo nyaka Imbeleko iqale ikilasi lika-Grade 8 elifunda e-UCT Online High School.

UNksz uMyeni nezinye zezingane ze-Imbeleko Foundation

“Sinika abantwana amathuba abangakaze bacabange ukuthi bangawathola,” kusho yena.

UNksz uMyeni ugcine enza ucwaningo olunzulu lwalolu hlelo phesheya. Ugcine esungula i-Digital Afterschool Education Support Model for Vulnerable Children. Ngenxa yalo msebenzi ugcine esungula i-Digital Afterschool Academy. Kulolu hlelo ubambisene neBank of America ne-iStore Education kanti lunezingane ezingu-130 zamabanga aphezulu nezicela ku-120 zamabanga aphansi ezenza izifundo ze-coding neze-robotics, kane ngesonto njalo uma ziphuma esikoleni.

Ngenxa yempumelelo yalolu hlelo usenxuswe yiFinance, Accounting, Management Consulting and Other Financial Services Sector Education and Training Authority ukuthi lolu hlelo balusabalalisele kwezinye izindawo zasemakhaya isifundazwe sonke. “Siphezu kwezinhlelo zokusabalalisa uhlelo lwethu emiphakathini yasemakhaya ewu-15 koMasipala/ezindaweni ezisemakhaya,” kusho yena.

Ezinye zezingane zeDitigal Afterschool Academy ye-Imbeleko

Kulezi zinto ezinkulu azenzayo uNksz uMyeni kunabantu abamcijayo. UMmelikana uNks uKathleen Matthews noDkt uCassius Lubisi ngabanye babo. Phakathi kwezinto uNks uMatthews ameluleka ngazo ngokomsebenzi uthi wubumqoka bokuthi kwImbeleko kubonakale isandla sakhe kunesewele lakhe. Muzwe echaza.

Nakuba iwele lakhe lamshiya ukuthi aqhubeke umsebenzi wokuhlinzeka izingane ezibukhali kodwa ezintulayo emphakathini kodwa uthi abafani. “Singabantu siyakhula. Uma ngizibuka manje, ngibona sengishintshile kuloko engangiyikona. (Udadewethu) wayenomthetho ngokweqile. Mina ngithanda ukudlala, yena wayenesandla esiqinile. Isibonelo nje enyuvesi, akakaze aye ngisho ephathini eyodwa. Wayewumuntu odla incwadi, ewumuntu wezemidlalo.

“Manje ngiye ngithi ngifuze yena ukuze le nto (umsebenzi) iphumelele. Ngoba yinto esayiphupha ndawonye. Nokho sengiyazibona. Sesenza izinto zobuciko. Kwakungeyena udadewethu. Ngiyazibona ngivela kancane,” kusho uNksz uMyeni.

UNksz uMyeni unemibono enqala ngesimo sezwe kwezombusazwe, umphakathi nezomnotho. “Ngikhathazekile. Ngikhathaze kakhulu, kakhulu. Kade ngakhathazeka kusukela ngama-1990s ngibona kuqedwa izinto ezazizinhle. Angicabangi ukuthi likhona ikusasa. Akukwazi ukuthi sibaningi sikade singaphethe sivele sithe ‘qeda loku, qeda lokuya nalokuya, ngizoninika (oR350), ningabasebenzeli.

“Ukunika abantu ‘amahewa’ (izinto zamahhala), imfundo yamahhala, imizi yamahhala, izibonelo… Ngabona ukuthi kuwukuthena abantu. Izinto ezazisebenza abantu baphucwa zona. Ngibona sengathi sibheke eweni, uma singakafiki khona.”

Nokho uthi ikhona inhlasi yethemba. “Nginethemba ngibona abantu abaningi bethi ‘kodwa safika kanjani la?’ Ngake ngavakashela eRwanda eminyakeni emithathu edlule ngabona indlela abantu abavuselela (izwe) ngayo. Ngabuza abangani bami ukuthi benza kanjani (ukuvuka bazithathe) esikhathini esincane kanje. Bathi ‘okungafani neNingizimu Afrika, thina sasingenalutho yokwakhela phezu kwayo, saqala ka-A. Uma ungenalutho uqala phansi.’”

“Ngikholwa uwuhulumeni singawuphosela inselelo kangcono uma nathi kukhona esikwenzayo. Akuzwakali ukugxeka uhleli phansi dekle. Asisukume senze.”

Kweminye imihlanganiso aseke wayidla uNksz uMyeni wake wayiGauteng Businesswomen’s Association Business Achiever Award in the Corporate Category, iVital Voices Global Awards, i-Eisenhower Fellowship nokufundisa emanyuvesi aseMelika.

Ubona indlela achachamba ngayo ebusweni uma ekhuluma nge-Imbeleko ukuthi uyizwa ngaphakathi into ayenzayo. “Yinto esasingakaze siyicabange (newele lami); ukunika izingane zasemakhaya imfundo esezingeni eliphezulu.”

Akubuzwa ukuthi lapho ekhona uDkt uMyeni inhliziyo ithe kla ngenxa yomsebenzi wewele lakhe.

Okunye ngaye:

  • Unobhuti nomfowabo;
  • Uchitha isizungu ngokuhamba, i-hiking, ukubuka amafilimu e-romance nokufunda ama-biography;
  • Kubo, ikakhulukazi abashana bakhe, bamvuma ngeresiphi yakhe ye-fried chicken nesishebo senkukhu;
  • Wayewunozinti weMamelodi Sundowns Ladies

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page