Uhulumeni uhlela ukubuyekeza indlela yokusebenza kwezikhwama zempesheni. Unxuse abantu ukuthi baphawule ngalo mthethosivivinyo

Izithombe: wuGoogle nezithunyelwe

Imizamo emisha yokugqugquzela ukuthi abantu bakuhlelele kahle ukuthatha umhlalaphansi ukuze bangahlupheki. USLINDILE KHANYILE uyabika

YISINYATHELO esihle ukwethula umthetho ozovumela abantu ukuthi bakwazi ukuphephela emalini yabo yempesheni ngesikhathi besasebenza kodwa bebe beqhubeka nokongela umhlalaphansi.

Basho kanje ongoti abebephawula ngesiphakamiso sikahulumeni esithi isikhwama sempesheni kufanele sihlukaniswe kabili, kube khona leso umuntu azocaphuna kusona uma kunesimo esiphuthumayo bese kuba naleso ayokwazi ukuphila ngaso mhla esethathe umhlalaphansi. 

Uhulumeni ushicilele umthethosivivinyo ozokwenza ukuthi kubuyekezwe izikhwama zempesheni iRetirement Reform: Draft Legislation for the Two-pot System, lapho ucele umphakathi ukuthi uphawule ngalesi siphakamiso kuze kube mhla ka-29 Agasti.

Ngalesi siphakamiso uhulumeni uthi umuntu uzokwazi ukuthatha ingxenye ewu-1/3 wempesheni ube sesikhwameni angakwazi ukusisebenzisa ngesikhathi esasebenza bese kuthi u-2/3 wona uhlale ubekelwe impesheni. 

UmNyango wezeziMali uthi lo mthetho, ozoqala ukusebenza ngoMashi wango-2023, uzosiza kakhulu uma abantu beshintsha umsebenzi ukuthi bangathathi imali yempesheni, nokwenza ukuthi bahlupheke uma sebesempeshenini ngoba basuke bengasenayo imali eyanele.

“Loku kuzosiza kugweme ukuthi izisebenzi zingayeki emsebenzini ngoba nakhu nje zifuna ukuthatha imali yempesheni futhi ibingasiza ngesikhathi bekunenkinga efana nobhubhane iCOVID-19 nokuyisikhathi lapho izisebenzi eziningi zincishiselwe umholo noma zingakhokhelwanga nhlobo,” ngokwesitatimende somnyango.

I-managing executive ye-Absa Investment Cluster uMnu u-Armien Tyer ithe bayasamukela lesi siphakamiso ngoba sizosiza kakhulu. Nokho ithe kunezinto ezizodinga ukubuyekezwa ukuqikelela ukuthi zizohambisana nemboni yokonga imali.

“Eminyakeni ewu-10 edlule ehlile amazinga okonga eNingizimu Afrika, nokudalwe yizizathu eziningi. Yize izinguquko emigomweni zingaluletha ushintsho oluhle, kubalulekile ukuthi zonke izinhlaka zisebenzisane nohulumeni ukugqugquzela abantu ukuthi bajwayele ukonga imali, ikakhulukazi ukongela umhlalaphansi,” kusho yena.

UNksz uFeziwe Mntambo, imenenja yehhovisi laseGauteng le-Inkunzi Wealth Group, uthe lihle leli gxathu elithathwe wuhulumeni ngoba lizosiza ukuthi abantu babenemali ewugadingozi kodwa futhi bavikeleke uma sebethathe umhlalaphansi.

UNksz uMntambo we-Inkunzi Wealth Group

“Kuzomsiza umuntu ngokuhamba kwesikhathi ngoba umuntu uke ashiye umsebenzi ngoba enzela ukukhokha izikweletu kodwa engaqondi ukuthi uzolimala ngokuhamba kwesikhathi.

“Akuwona umzamo wokuqala lona uhulumeni awenzayo ukuzama ukukhuthaza abantu ukuthi bonge njengoba waqale wethula indlela yokonga ongabanjelwa kuyona intela; uR500 000 awukhokhiswa intela. Kepha kufanele sikhumbule ukuthi indaba yemali yindaba ebucayi kubantu abamnyama, ikakhulukazi eyempesheni ngoba uthola ukuthi yiyonanto enkulu umuntu asuke enayo futhi kokunye isuke ingaphezu ngisho komuzi nemoto anayo. Ngakho sidinga ukwandisa izigcawu zokucobelela abantu ngolwazi ukuze bezoqonda ngoba uma ngingenalo ulwazi, akukho engingakwenza,” kusho yena.

UMnu uSamukelo Zwane, inhloko yeProduct Development eFNB Wealth and Investments, naye uhambe emazwini abalingani bakhe, wathi  lesi siphakamiso sizosiza njengoba kumanje bengaphansi kuka-10% abantu baseNingizimu Afrika abakwazi ukuphila kahle uma sebethathe umhlalaphansi.

UMnu uZwane, inhloko yeProduct Development eFNB Wealth and Investment

“Ukuhlukanisa kabili isikhwama sempesheni kuzosiza ukubhekelela izinhloso zikahulumeni zokuqinisekisa ukuthi abantu bayawongela umhlalaphansi nezifiso zababeka imali okungenzeka ukuthi badinge ukuyisebenzisa imali abayongile uma bengenayo enye imali noma enye abayibekile. Ngisho abantu bezama kangakanani kuba nzima ukuvala isikhala semali yempesheni asebeyithathile ngoba kusuke kudingeka ukuthi bonge imali enkulu kakhulu,” kusho yena.

UZwane naye ugcizelele ukubaluleka kokufundisa abantu ngokongela impesheni, ukusheshe baqale nokubeka imali yabo ngisho beshintsha umsebenzi.

Uthe kufanele baqonde nokusebenza kwezikweletu, bazijwayeze ukuphila ngemali engaphansi kwalena abayiholayo nokongela izimo eziphumayo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page