Kuphenywa isikhwama sempesheni i-Akani Retirement Fund Administrators. INTATHELI YOMBELE iyabika

INKAMPANI yabantu abamnyama enkulu kunazo zonke ezilawula izikhwama zempesheni i-Akani Retirement Fund Administrators ithi izothathela inhlangano elawula le mboni iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) izinyathelo zomthetho.
Lokhu kumayelana nophenyo olwenziwa yiFSCA, oluholele ekutheni le nhlangano igasele emahhovisi e-Akani kwaba khona imininingwane eyithathayo njengengxenye yophenyo lwayo.
I-Akani ithi izofaka nesicelo sokuthi imvume etholwe yiFSCA yokuphenya amahhovisi ayo imiswe njengoba ithi lokhu kwenzeke ngaphambi kokuthi yaziswe.
Ngesonto elidlule iFSCA imemezele ukuthi igasele emahhovisi e-Akani ngenhloso yokuthola ulwazi oluzoyisiza ophenyweni lwayo. Ithe ithole izikhalo ngolwazi olwanele ukuthi isole ukuthi kukhona imithetho yale mboni ephulwe yi-Akani.
UKhomishana weFSCA uMnu u-Unathi Kamlana uthi: “Inhloso yeFSCA wukuvikela amakhasimende (embonini yemali), loku kuthinta namakhasimende ezikhwama zempesheni afaka wonke umuntu emphakathini wethu. Loku (uphenyo) kuhambisana nalokho nokuqikelela ukuthi izinto zenziwa ngendlela embonini yezikhwama zempesheni.”
Le nhlangano ithe okwamanje ayikwazi ukudalula imininingwane yophenyo lwayo ngoba isigaba 251 seFinancial Sector Regulation Act asivumi. Nokho ithe izogeqa amagula uma isiphothule uphenyo nesinqumo ezosithatha emva kwaloko.
I-Akani ithe ibambisene neFSCA ngophenyo elwenzayo futhi izoqhubeka nako.

“I-FSCA iyazi ukuth i-Akani imi kuphi kodwa isitatimende esikhiphele abezindaba ngoJulayi 14 asikuvezi loku. Besingekho isidingo sokukhipha isitatimende ngophenyo olungakaphothulwa futhi isinqumo seFSCA sokusichicilela asihambisani nezimiso zayo zokuba neqiniso nokungachemi,” kusho okhulumela i-Akani.
Le nkampani eyasungulwa wuMnu uZamani Letjane ngo-2001 ithi iyaziwa ukuthi inerekhodi elihle lokusebenza ngobuqotho futhi iyayihlonipha yonke imithetho ebekiwe embonini yayo njengoba yengamele isikhwama sempesheni esinamalungu angaphezu kuka-30 000.

