INkosi uZwelivelile Mandela, uSihlalo weKomidi lasePhalamende lezoLimo, ukuLungiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo eziseMakhaya

Izithombe: wuLucas Ledwaba

Zisadlangile izinkinga zokungahloniphi amalungelo ezisebenzi nabahlali emapulazini. U-LUCAS LEDWABA uyabika

IKOMIDI lasePhalamende lezoLimo, ukuLungisa umHlaba nokuThuthukisa iziNdawo eziseMakhaya neKomidi lezokuQasha nezokuSebenza asanda kuzwa indlela abalimi abangabelungu abaphatha ngayo izisebenzi ezingabantu abamnyama neziqashi emapulazini.

Lo msebenzi owenziwe ngokuhlanganyela izinsuku ezintathu eLimpopo naseFree State lapho kwethulwe khona imibiko eveza ukuthi imfuyo idliswa ushevu, ukuxosha abantu ngokungemthetho, ukusatshiswa, ukuhlukunyezwa nokungalandelwa kwemithetho yezisebenzi. Loku kusebenzisana kwenzeke ngenxa yesinqumo esathathwa yiPhalamende ngoNovemba ngo-2020 ukubheka umphumela womthetho nokuwubuyekeza.

Omunye wemihlangano ubuseGroblersdal, lapho khona iningi labanikazi bamapulazi kungabelungu. Kepha okumangalisayo ukuthi bekungekho ngisho oyedwa umlimi omhlophe kulo mhlangano obusetendeni eduze nomgwaqo ophithizelayo.

Umhleli weMukurukuru Media ukhulume nosihlalo weKomidi lasePhalamende yezoLimo, ukuVuselela umHlaba nokuThuthukisa iziNdawo ezisemaKhaya Inkosi uZwelivelile Mandela emva komhlangano obuseGroblersdal, eLimpopo. Ihambe kanje ingxoxo:

Lucas Ledwaba: SiseGroblersdal iningi labanikazi bezindawo lapha ngabalimi abamhlophe. Njengoba usuzwile ubufakazi abantu lana, akukho ngisho umlimi omhlophe oyedwa oze kulo mhlangano namhlanje. Akukukhathazi lokhu? Awukuthathi njengokuthi abalimi abamhlophe abakuhloniphi okwenzeka lapha?

Inkosi Zwelivelile: Besifuna ukubona zonke izinhlaka zomkhakha wezolimo zikhona zonke. Njengoba bengishilo ngethula inkulumo yami ukuthi lo msebenzi uwumphumela wezethulo ezenziwa ePhalamende mayelana nezimo okusebenza nokuphila kuzo izisebenzi zasemapulazini nabaqashe khona. Yingakho ngisho siza lapha besiqonda ukuthi izithameli zethu kuzoba yizisebenzi zasemapulazini nezakhamuzi zasemapulazini neziqashi eziyizisebenzi ezixoshwe emapulazini ezazalelwa kuwona, okwazalelwa obaba, omkhulu nokhokho bazo kuwona. Sikuthokozela ikakhulukazi namhlanje ukubona abalimi abamhlophe ababili abangomakhelwane emndenini yakwaLedwaba nowa kwaMahlaela abazele ukweseka imndeni eyizisebenzi ehlala ngaphansi kwabo (ngesikhathi kuvakashwa okokuqala epulazini iRietfontein). Kuyatshengisa ukuthi noma kungathiwa kuze ababili kuphela kodwa kuyatshengisa ukuthi bukhona ubudlelwano phakathi kwabantu baseNingizimu Afrika, ngalena kobuhlanga.

Lucas Ledwaba: Ubufakazi obethulwe lapha bukhombisa ukuthi ubandlululo lusadlangile kwezoLimo. Lizokwenzenjani ikomidi ukuqinisekisa ukuthi izinto ziyashintsha emapulazini?

Izisebenzi nabahlala emapulazini bethula ubufakazi ngenhlalo emapulazini

Inkosi Zwelivelile: Kuyathusa ukulalela izethulo zabantu bakithi, ikakhulu uma sizwa ngonya olubhekiswe kubona mihla namalanga emapulazini abasebenza kuwona. Ngiyacabanga ukuthi kokunye benzelwe phansi wuhulumeni nezikhulu eziseminyangweni ethile, kwezokuqasha nokusebenza nezolimo nezokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya. Iningi labo belixoxisana nezikhulu zomnyango kodwa asikho isisombululo esaphuma. Kokunye uthola ukuthi umuntu ulimale emsebenzini ngesikhathi somsebenzi kodwa kungabi bikho izinyathelo ezithathwayo uma kufakwa izikhalo. Abanye bayaxoshwa ngaphandle kokunxeshezelwa emva kokusebenza iminyaka emapulazini. Lezi yizinto esithanda ukubona izikhulu ziphendula ngazo futhi kusheshe kutholakale izisombululo. Kukhona nezicelo zokubuyisa umhlaba ezihleli neKhomishini yokuBuyisa umHlaba futhi kukhona ezinye esesizibonile ezazifakwe ngaphambi kuka-1998. UKhomishana wezicelo zomhlaba uMama uGobodo (UNkk uNomfundo Ntloko-Gobodo) uselazisile ikomidi ukuthi kunezicelo ezingu-6 000 okufanele ziqedelwe nezizodinga uR72 billion. Esabelweni umNyango ositholayo ubeka eceleni uR2bn ukubhekelela lokhu. Kukhona izicelo zeziqashi ezivalwe ngoMashi 31 esizozilandelela.

Lucas Ledwaba: Ngabe umthetho uyaninika amandla njengekomidi okuthi nithathele umuntu onqaba ukuthi ningene epulazini lakhe izinyathelo?

Inkosi Zwelivelile: Ikhona inkinga yokuthi amapulazi awumhlaba wabantu ozimele. Kodwa kufanele siqonde ukuthi njengoba abanikazi bamapulazi benamalungelo athize, izisebenzi nabahlali basemapulazi neziqashi nazo zinamalungelo okufanele avikelwe. Yingakho sizohamba siyithimba nezinhlaka ezifanele sizothi nansi imithetho (evikela) lezi zisebenzi nabahlali basemapulazini ngakho size lana ukuzobabona futhi akekho ozosivimba ukuthi sixoxe nabo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page