Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele umlingisi wemidlalo yethelevishini, uThuli Zulu. UbenguMaCele kwiDurban Gen kodwa kulezi zinsuku udlala indawo kaMaMkhize kwiBlack Door, ekaCelina kwiLingashoni nekaLindelwa kwi-Identity

Usemncane wawuphiwa yini imali?
Cha, sasingaphiwa imali ngoba yayiyivelakancane.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngiqale ukuba ne-akhawunti eStandard Bank sengisebenza eDomonia ngo1996, ngihola uR800.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngafunda ukuthi imali iyasetshenzwa ngoba sakhula ingekho, nakuba abazali babezama kodwa kungelula.
Uqale nini ukusebenza, kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqala ngo-1991, ngihola uR500 ngenyanga.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngawunika abazali ngoba sakhula sazi ukuthi owokuqala unikwa abazali.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngafundisa izingane zakithi, ngazithengela imoto.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Iphutha engihlala ngilenza ngemali wukuboleka abantu kodwa bangayibuyisi nokunika abantu izinto ngesikweletu ebhizinisini lami, bagcine bengazikhokhelanga.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Yebo, ngake ngangena “ebhanoyini” elangidla izinkulungwane.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi uma ufuna ukuba nezitha, boleka umuntu imali
Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?
Ngingakha umuzi bese enye ngiyitshala ebhizinisini elingasiza nabanye bathole umsebenzi, ngigcine ngokukhulisa izingane ezimbili engingazizali, okuyiphupho lami.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingabeluleka ngokuthi uma kusasebenzeka, abacangele ikusasa; batshale okuncane abakutholayo ebhizinisini ukuze bakwazi ukuphila ngezikhathi ezinzima.
