Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNtokozo ‘S’ngqazu’ Ngcobo, umlingisi obedlala indawo kaQueen Ibanathi kwi-Falakhe nozobonakala edlala indawo kaCarol emdlalweni weSABC i-Good Men, imbongi nombhali wencwadi ethi Amaloba: The Traces

Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Yebo, ngangiphiwa.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi ibhange?
Ngaqala ngisafunda uMatikuletsheni. Ngayivula eStandard Bank.
Yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali usemncane?
Ngikhumbula nginesikoqokoqo esihle engangithengelwe sona wubaba, lapho ngangigcina khona imali ewuhlweza. Ngafunda okukhulu ngokonga imali nokugwema izikweletu.
Uqale nini ukusebenza futhi kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqala ngineminyaka ewu-18. Umholo wami wokuqala wawuphakathi ku-R2 000 noR3 000.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathengela abazali ukudla.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukusungula inkampani, ukuqala ibhizinisi lokubhala izincwadi nokukwazi ukuthengela abazali ukudla.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza phambilini?
Wukungazikhuthazi ukutshala imali ezimweni ezikuvikelayo njengokulahlekelwa wumsebenzi nokunye.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Ha ha ha, yebo, sekukaningana.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukubaluleka kokonga imali kusenesikhathi, ngoba uma uyiphatha budlabha ebuncaneni bakho, maningi amathuba okuthi uyiphathe budlabha ekukhuleni kwakho.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?
Ngingathuthukisa ukusebenza kwebhizinisi lami, nginikele kwabaswele, nginwebe (ekhaya), esalayo ngiyitshale emikhakheni ehlukene yezamabhizinisi.
Ungabeluleka uthini abanye abalingisi ngokuphatha imali?
Kubalulekile ukonga imali kusenesikhathi, ikakhulukazi ngoba umkhakha wethu usebenza ngezivumelwano (zesikhashana) ngesikhathi bezakhela namanye amathuba emisebenzi.
