Category: Izindaba
Izinkampani azisebenzise ubuchwepheshe obuvikela imvelo, kuloba uYugen Naidoo
NGENKATHI abantu nezinkampani bekhombisa ukukhathalela imvelo, ukusebenzisa ubuchwepheshe obuvikela imvelo kuya ngokuya kuba yinto ebalulekile kunakuqala. Empeleni imakethe yobuchwepheshe obuvikela imvelo inani lale makethe belingaphezu kuka$10 billion ngo-2020 kanti kulinganiswa ukuthi lizofika ku-$74bn ngo-2030. Ukonga ugesi ngenye yezinto zokuqala lapho ubuchwepheshe bunganciphisa khona umphumela wabo olimaza imvelo.
Ukuphucula indlela okusetshenziswa imali kahulumeni ngayo sekufanele kubonakale kwizidingo zomphakathi, kusho umcwaningimabhuku. USLINDILE KHANYILE uyabika
KUNOMEHLUKO omuhle endleleni okuphathwe ngayo imali kahulumeni ngonyaka wezimali u-2021/22 njengoba yandile iminyango kahulumeni ethole imibiko yezimali emihle. Nokho kusadingeka ukuthi kuqiniswe isandla ekuqikeleleni ukuthi loku kuholela ekuphuculeni indlela izidingo zomphakathi ezihlinzekwa ngayo.
Maningi amathuba ebhizinisi alethwa yiNdebe yoMhlaba yebhola, kuloba uNtokozo Biyela
NGEMPELASONTO edlule kuqale iNdebe yoMhlaba yebhola. Kimina kuvuke isasasa elalikhona ngenkathi lemidlalo izodlalelwa eNingizimu Afrika. Ngizibuze ukuthi ngabe mangaki amathuba ebhizinisi iQatar ewavulele osomabhizinisi bakhona, njengoba inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFIFA ithe ilindele ukwenza inzuzo ewu-$3 billion emva kwale midlalo.
Abalawuli bayayibambezela imboni yobuchwepheshe, kusho izikhulumi. USLINDILE KHANYILE uyabika
KUFANELE abalawuli bemboni yobuchwepheshe bashintshe indlela abenza ngayo izinto ukuze bayeke ukubambezela izinto ezintsha ezizothuthukisa imboni ne-Afrika. Leli yikhwelo elihlatshwe yizikhulumi kwi-Africa Tech Festival ebiseCape Town International Convention Centre kusukela mhla ka-7 kuya mhla ka-10 Novemba 2022.
Umnotho waseNingizimu Afrika uzulelwa ngamanqe ngengozi entsha. USLINDILE KHANYILE uyabika
ZINGAHLE zande izinselelo ezithwalise kanzima umnotho waseNingizimu Afrika njengoba sekuvele ukuthi maningi amathuba okuthi ifakwe ohlwini okukleliswa kulo amazwe athathwa njengayigcini imiyalelo ebekwe yiFinancial Action Task Force (iFATF) elwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zobushokobezi i-grey list.
Ukuthuthuka kobuchwepheshe kusho ukuthi nezigebengu ezibusebenzisayo ziyathuthuthuka. Yazi izindlela ongazivikela ngazo, kuloba uSiyabonga Mabuza
ESIKHATHINI esiphila kusona manje, yonke into ixhumene futhi isebenza ngobuchwepheshe, yingakho ukuzivikela ngendlela efanele kwezobuchwepheshe, phecelezi i-cybersecurity, kubalulekile njengokutshala imali, ukuba namakhono ahlukene, ukuqhamuka nezinto ezintsha nokuba nabaphathi abafanele ukuze ibhizinisi liphumelele.
Sidinga uhlelo lokuvikela ofakazi abaveza inkohlakalo, kuloba uBusi Mavuso
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ibiloku isebenzisa izincomo zeKhomishini kaZondo ukubheka izindlela nezinhlaka ezingasiza ukugwema inkohlakalo ngomuso nokweseka ezinye izinhlaka ukuthi ziqhube umsebenzi wazo. Enye yezinto esicabanga ukuziphakamisa yindlela engcono yokuvikela ofakazi okuyibona abaqhumbuza ithumba ngezenzo zenkohlakalo.





























































