Uwumholi ozalwa ngabaholi, usebenza ngaphansi kweso labaholi abanohlonze nobuhlakani kanti manje ucija abanye abaholi. Uxoxe noLANGA KHANYILE

NAKUBA ekhule ewuthunjana, kunamabhizinisi futhi kunesithabathaba esinamagumbi okulala ayisithupha kubo kodwa uMnu uDuma Ngcobo, i-chief operating officer yaseTracker Connect, waqala ukuba nekamelo eneminyaka ewu-16.
Umfana waKwaMashu benomzala wakhe babangabafundi abamnyama bokuqala eCowan House eHilton, ngaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali kanti waphothula uMatikuletsheni eMichaelhouse eBalgowan, eKZN Midlands, isikole sezingane zomntakabani.
Namuhla kwi-CV yakhe ubala ukuba yi-executive head of customer operations eCell C, i-executive head of telesales operations ne-executive associate eDiscovery Health.
UNgcobo ugabe nge-Vodacom Advanced Executive Programme i-PostGraduate Diploma yaseGIBS, i-Post graduate Diploma in Management yaseWits Business School ne-Bachelor of Arts (ye-Political Science ne-Sociology) yaseWits University.
“Kwakubuhlungu kimina ngiyingane ngithi kungani engangitotosi (uMa), ngithi yonke into uyakwazi ukuyenza, ugqoka kahle, kungani engangitotosi, unezitolo, kungani engangitosi? Kungani uma ngifuna imoto kuMatikuletsheni ngingayitholi, kungani kufanele ngilale nabanye abantu ekameleni? Ngakho ukuzidela wukuhola abantu. Namhlanje kukhona le nto okuthiwa yi-servant leadership, ngiyaye ngihleke ukuthi mina ngikhule ngaphansi kwayo,” kukhumbula yena.
Nakuba uyise, uSolwazi uSelby Bangani Ngcobo, usolwazi wezomnotho, ashona esemncane kodwa kukhona akufunda kuyena. Muzwe elanda ukuthi wafundani kuyise.
Uyikhumbula kahle indlela athola ithuba lokuba wumholi ngayo. “Ngangisebenza eDiscovery. Iminyaka emibili ngise-call centre ngithi ‘sawubona. Siyakwemukela eDiscovery. Ngingakusiza ngani?’ Kwasuka umlungu owayewumphathi womphathi wami; engaphezu kwami ngamazinga amabili, wathi ‘weDuma kade ngikubuka usebenza, ngikulalele, usuke wayicabanga indaba yobuholi?’
Uthi wachaza indlela aqonda ngayo umehluko phakathi kwemenenja nomholi. Uthi “lo mlungu” wathi uyihlabe esikhonkosini, wase ethi: “Kukhona engikubona kuwena, ngicela ukuba yi-mentor yakho.
“Leyo nto yaguqula impilo yami; ngani ngoba ngabona uhlangothi lwebhizinisi engangike ngilithole. Ngathola ukubona izinto, kangangoba ngangimenywa emihlanganweni. Uthole ukuthi ngiphansi ngokwezinga, akufanele ngibe (kulowo) mhlangano kodwa ngithola ulwazi, ngithola ulwazi oluwumsoco ngoba manje lezinto engangifunzwa zona wulwazi okwakungafanele ngibe nalo, (luyangakha) ukuthi uma ngibuyela ngiyokwenza umsebenzi wami sengiwenza ngenye indlela; sengiqonda ukuthi (luhlangana) kanjani namaqhinga ale nkampani; inkampani iphokophele kuphi. Ngokushesha ngakhula ngaba wumholi wethimba, ngaba yiphini lemenenaja. Njengoba ngikhula ngiwina imiklomelo; umholi ovelele wonyaka. Uma ngiwina umklomelo sisiwa phesheya.”
Namuhla umuntu omcijayo wugalagala uMnu uMteto Nyati, obeyisikhuu esiphezulu e-Altron. Ezinye izingwazi athekela ulwazi kuzona wuSolwazi uBonang Mohale, athi uma kuthomba ukhiye, uyamthinta abuze ukuthi ifindo lithukululwa kanjani.

Ngenxa yokuthola ithuba lokucijwa, naye usenabantu abacijayo. “Leyo nto (ukucijwa), yangisiza kakhulu. ngenxa yokucijwa, nami nginabantu engibacijayo abane ngoba ngiyawazi umehluko (le nto ewenzayo) empilweni yomuntu.
Nakuba ebunjwe ngabaholi abanjengo-Adrian Gore ongumsunguli weDiscovery, uNyati noMohale kodwa uthi umuntu omkhulu ombumbile wunina. “Intu enkulu, enkulu, enkulu engibumbile, angazi ngingayibala kangaki… wuMa, uNora Ngcobo. Ngo-1983, kushone uBaba. Wayekade efundisa, ewuthishanhloko wezikole, ekade eyithishelakazi, (kwafanele) manje ashintshe abe wusomabhizisini. Lolo shintsho kiminna ngikhule ngingazi ukuthi wenza kanjani ngoba ibhizinisi akalifundelanga. Ukuphatha abantu akakufundelanga.”
Usibona kanjani isimo samabhizinisi ezweni? Uthi: “Okokuqala siyizinkampani zaseNingizimu Afrika sinomlando wokungabi yingxenye yamanye amazwe emhlabeni, ngaphandle kwangemuva kwango-1994. Loku kwenze ukuthi sisheshe ekuzameni ukuqhamuka nezisombululo nokuthi senze imali ngezinto esizisungulayo. Ngenxa yaloko, ngikholwa wukuti lilonke, izinkampani zaseNingizimu zisesimweni esihle ngokwezimali. (Kepha) kuba khona ukuhlukana phakathi kukahulumeni nezinkampani ezizimele; kimina okuyinto engeyinhle.
“Yingakho izinkampani eziningi zingatshali ezinhlelweni zomphakathi ezinkulu… okusho ukuthi izinkampani zihleli phezu kwemali edingwa yizwe. Kimina loku akukuhle. Ngicabanga ukuthi kunethuba elikhulu lokubambisana phakathi kukahulumeni nezinkampani ezizimele; ukuthi singalivala kanjani lelo gebe.
“ENingizimu sinethalente eliningi. Isifiso sami wukuthi silisebenzise ngendlela Okokuqala sikholelwe kulona bese silisebenzisa ngendlela efanele,” kuphetha yena.
Okunye ngaye:
- Uganwe wuMaManoto; Banamadodana amathathu nendodakazi;
- Uwumlandeli weKaizer Chiefs, i-Arsenal neBarcelona. Uwumlandeli weSharks. Imfihlo yakhe wukuthanda i-All Blacks;
- Ugijima u-8km kuya ku-10km kathathu ngesonto ekuseni;
- Uthanda ukufunda. Kumanje ufunda i-Thinking, Fast and Slow kaDaniel Kahneman;
- Uvame ukuhlaselwa yisifo sokungakholwa ukuthi izinto ezinhle zimfanele. Nokho ukucijwa kuyamsiza ukusinqoba.

