Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uLinda Nxumalo, umlingisi odlala emdlalweni owuchungechunge ku-e.tv, iHouse of Zwide. Udlala indawo kaSokalezwe kanti useke wabonakala nasemdlalweni iSithembiso

Usemncane wawuphiwa imali?

Sasiyisebenzela. Umuntu wayeba nesiqephu sakhe sengadi, atshale anakekele izitshalo zakhe bese uyaphiwa-ke imali, ikakhulukazi ngoDisemba uma ugogo esebhonasile.

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi?

Ngaqala ukuba ne-akhawunti yasebhange ngo-2015, ngifunda uMatikuletsheni. Ngayivula eCapitec.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Imali iyasetshenzelwa. Uma isikhona inakekele ngoba kuba nzima uma isingasekho.

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngaqala ngo-2018 emuva kokuqeda inyuvesi. Iholo lami kwakuwu-R9 000.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga iteki iNew Balance engangikade ngilibuka. Enye imali yaya ekhaya, kwathi eyasala, nami ngabe sengizijabulisa (ngayo).

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ukuthola indawo engifanele yokuhlala nokuthenga izimpahla zasendlini. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ukubhubhudla imali engingenayo bese ngigcina ngiyiboleka.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?

Cha futhi angisoze. Ngathola isifundo ngisesesikoleni samabanga aphakeme ngenkathi umakhelwane wasekhaya elahlekelwa yikho konke ayenakho ngenxa yeMMM. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Imali iyasetshenzelwa. Uma usheshe wakufunda lokho, ngeke ube nayo inkinga. Okunye imali iphathiswa okwezikhali zamaNtungwa.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?

Ngingathatha uhhafu ngiwutshale, ngivule inkampani yami yokukhiqiza amafilimu ngoba lokho yisifiso sami bese ngakhela umama umuzi omuhle.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi abathole izindlela eziphusile zokutshala imali ngoba kulo mkhakha wethu sisebenza ngezinkontileka. Namhlanje uyasebenza, kusasa awusebenzi. Kubalulekile ukuthi sithole izindlela zokwenza imali.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page