Ukhuthazwe wugogo wakhe onebhizinisi elenza impilo ibe lula yabafuye izinkukhu. Uxoxe noSANDILE GWALA

KUSUKELA esemncane ubezithanda ezolimo kanti nokukhuliswa wugogo owayezifela ngezolimo kwenza wazithanda kakhulu. Kwasheshe kwamcacela ukuthi wumkhakha lona obalulekile empilweni yomuntu.
UMnu uHlelokuhle Nkabinde, ohlala eLangkloof, eMpumalanga, ukhuthazwe yilo lolu thando ukusungula iNkabinde Trading and Projects ngo-2020. Uhlinzeka abafuyi bezinkukhu zenyama ngamachwane anosuku echanyiselwe ngobuchwepheshe besimanje.
UNkabinde uthi emva kokuphothula uMatikuletsheni ngo-2018 wenza izifundo ze-Mechanical Engineering eNkangala TVET College, nokho wagcina ezishiye phakathi esenza uN2 ngenxa yokuthanda ukuziphatha. Emva kwaloko akabange esabheka emuva wangena ekufuyeni.
Uthi kwakuyiphupho lakhe ukuba nebhizinisi ngoba uyathanda ukuziphatha. Wayengaziboni esebenzela omunye umuntu ngoba wabona ukuthi loku kuyabambezelana njengoba athi uphaphama emva kweminyaka usubona ukuthi akukho lutho olutheni lwakho.
“Ngagcina ukusebenzela umuntu ngo-2019, ngiphila ngalo leli bhizinisi. Kuningi esengikwenzile ngalo, okunye kwako wukuthenga i-incubator enkulu yokuchamisela amatshwele amaningi, loku kulilekelele kakhulu ibhizinisi lami.

“Ngisemncane ngangithanda kakhulu izinkukhu ezizalelayo kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngagcina sengithanda izinkukhu zenyama. Ngabona ukuthi kwakunzima ukuthola amachwane uma ufuna ukufuya izinkukhu zenyama, yingakho ngakhetha ukungena emkhakheni wokuchamisela amachwane bese ngiwadlulisela kubafuyi,” kulandisa lo mfuyi odabuka eWitbank, eMpumalanga.

UNkabinde uthi kubalulekile ukufuya. “Nakuba siyadla namhlanje kungenxa yabafuyi; kumele sibonge bona. Kuningi okunye okuhle abakwenzayo esingeke sikwazi ukuphila ngaphandle kwako. Mina umsebenzi wami wukuqinisekisa ukuthi siba nokudla okwanele ezweni, ngifake isandla nasekukhuliseni umnotho wezwe lethu.”
Ugcizelele ukuthi kubalulekile ukuthi intsha ingene ekufuyeni nezolimo ngoba yiyona esenamandla amaningi okusebenza ngokushesha ngendlela edingekayo kwezolimo. “Kumele intsha ifundiswe ngokufuya ngoba izingqondo zayo zisebukhali kakhulu, zizokwazi ukubamba futhi zigcine ulwazi oluyoyisebenzela ngelinye ilanga,” kusho yena.
UNkabinde uthi into ayithanda ngalo mkhakha wukuthi maningi amakhasimende, umkhiqizo awuhlali uthengwa ubuthaphuthaphu.
Uthi nakuba ibhizinisi lisahamba kahle kodwa akuhlale kunjalo. “Ngake ngalahlekelwa ikhasimende elikhulu, okwaholela ekutheni ibhizinisi lami liwe, ngaphoqeleka ukuba ngiqale phansi yonke into.”
Uyakhala ngokucinywa kukagesi ezweni, athi kuyalikhinyabeza ibhizinisi. “Uma uthembele kugesi kuphela ungagcina uphoqeleka ukuthi ulivale ibhizinisi.”
Facebook: Hlelokuhle Scooby Nkabinde

