Sekuvuliwe ukufaka izicelo zokuba namasheya e-Old Mutual Bula Tsela

Isithombe: wuGoogle

Kuvulwe indlela kubantu abafisa ukuba namasheya ase-Old Mutual. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUVULIWE kuleli sonto ukufaka izicelo zokuthenga amasheya ase-Old Mutual Bula Tsela ngaphansi kohlelo olwenzelwe ukunikeza abantu abamnyama ithuba i-Broad-based Black Economic Empowerment.

Ngalolu hlelo le nkampani, ehlinzeka ngemali nehweba eJohannesburg Stock Exchange, ithe abafisa ukuba namasheya kuyona bazokwazi ukuwathenga ngemali eqala kuR10 isheya ngalinye. I-Old Mutual Bula Tsela iyona ezobe inamasheya ngqo kwa-Old Mutual.

“Kubantu abanawo amandla bangakhokha okungenani uR2 000 bese beyabelwa amasheya kodwa abangenamandla bangathenga la masheya abiza uR1 000 kodwa kuzodingeka bakhokhe uR100 kuphela bese kuthi lena enye bayikhokhe kancane kancane unyaka wonke,” kusho isitatimende se-Old Mutual.

Le nkampani ithe leli thuba livulelwe abantu abafisa ukuzithengela bona, izitokfela, izinkampani nabazali noma abagade izingane ezingaphansi kweminyaka ewu-18 okungenzeka ukuthi bafisa ukuthengela zona.

Ukufakwa kwezicelo kuzovalwa mhla ka-24 Okthoba, okuzothi emva kwaloko bese ziyahlungwa. Imali uyikhokha ngesikhathi usufaka isicelo kanti kufanele ube usuyikhokhile ngaphambi kokukuvalwa kokufaka izicelo. Uma uzokhokha nge-EFT kufanele kushaye umhla ka-19 Okthoba usukhokhile. Abaphumelele bayokwaziswa nge-SMS noma nge-email ngomhla ka-9 Disemba, lapho beyotshelwa khona ukuthi mangaki amasheya abazokwabelwa wona.

Abangaphumelelanga bayobuyiselwa imali yabo. Le nkampani igcizelele ukuthi ikhona ingozi yokuthi abantu abazotshala imali balahlekelwe yiyona yonke imali abazoyifaka njengoba ukutshala imali kuyingozi ekhona noma ngabe yikuliphi ibhizinisi.

I-Old Mutual Bula Tsela yinkampani ezogcina inamasheya awu-1.3% enkampanini i-Old Mutual. Amasheya eBula Tsela azobe engahwebi ngqo eJSE noma kwesinye i-stock exchange.

Abazoba nalamasheya abazukuvunyelwa ukuthi bawadayise ingakapheli iminyaka emihlanu.

Amafomu okufaka izicelo ayatholakala emahhovisi ahlukene ase-Old Mutual nangokungena ku: www.singularfs.co.za noma ngokushayela u-087 015 0395.

Ezinye izinkampani esezike zavula amathuba afana nalawa yiMTN Zakhele, iSasol Inzalo neMultichoice Phuthuma Nathi.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page