Usekhaleni lokuthungathela iKwaZulu-Natali imicimbi owangena kwezokuvakasha engaqondile. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ININGIZIMU Afrika iyahlomula ngoba ewumuntu onganqeni ukuzama izinto ezintsha njengoba afundela ezokuvakasha engaqondile kangangokuthi ngisho nonina wayephoxekile ngoba engasaqhubekanga nokwenza izifundo zokuba yi-chartered accountant.
Namhlanje ungomunye wabantu abasekhaleni lokuhambela amazwe omhlaba bethungatha imicimbi nezingqungquthela ukuze zize kuleli zwe.
UNksz uSonto Mayise uyisikhulu esiphezulu esibambile eKZN Convention Bureau. Lolu wuphiko oluseHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natali oluqondene nokuhambe linxenxa amanye amazwe ukuthi alethe imicimbi nezingqungquthela zawo kulesi sifundazwe nokuyisingatha.
UNksz uMayise uthi lo msebenzi omenza ahlale ehla enyuka kwamanye amazwe awusho nje ukuqhudelana namanye amazwe kodwa kokunye basuke beqhudelana nezinye izifundazwe zakhona lapha eNingizimu Afrika.
“Uthando lwami lwale mboni yemicimbi nezingqungquthela lwaqala emva kokuthi (sasizoba) neCop17. Emva kwaloko kwavunyelwana ngokuthi kumele kube nehhovisi elizimele elizobheka ukusingatha imicimbi nezingqungquthela ngoba amanye amazwe ayesevele eseqalile ukusebenzisa izingqungquthela nemicimbi ukukhulisa umnotho. Senza ucwaningo ngeVienna Convention Bureau, iKZN Convention Bureau yasungulwa kuqala ngisho ngaphambi kweyezwelonke.

“Kuningi okuzuzwa wumnotho ngemicimbi nezingqungquthela njengoba kuletha imisebenzi futhi kwenza nesithunzi seKZN sibe sihle kwamanye amazwe. Asiyisingathi imicimbi ngoba senza nje kodwa sifisa ukuthi kube khona okunye okuzuzwayo uma umcimbi usudlulile. Isibonelo nje emva kokuthi sibene-Aids Conference ngo-2016, kwaliphakamisa ngempela igama leKZN kodwa futhi emva kwayo kunohlelo olwenziwa yi-UKZN olwaqhamuka lapho.”
UNksz uMayise udabuka eNgoje, eKZN, lapho akhuliswa khona wunina ngemva kokushona kukayise esemncane.
Esephothule uMatikuletsheni waya e-University of Zululand, nokuyilapho azithola khona esengena kwezokuvakasha. Waba wumfundi wokuqala owabhaliswa kuvulwa iCentre for Recreation and Tourism ngo-2000 emva kokuthi exoxisane noSolwazi uNzama owayehamba ebheka abafundi abangabhalisela lezi ziqu ezazisanda kwethulwa.
Waphothula i-Bachelor of Tourism and Recreation, wenza i-Honours yakhona. Kwathi esenza i-Master’s kwaqhamuka ithuba lokuyofunda phesheya njengoba wagcina eyiphothule eRadford University eMelika. Une-MBA yase-Universidad de Madrid eSpain.
Imboni yezokuvakasha nemicimbi ingenye yezishayeke kakhulu ngenxa yokuvalwa kwamazwe omhlaba ngenkathi kuhlasela iCOVID-19. Nokho izinto seziqalile ukuvuleka njengoba nemicimbi isiqalile ukubuya kancane kancane.
UNksz uMayise uthi le mboni izovuka ngokuphelele, kuphela nje kuzodingeka ukuthi izinto zenziwe ngendlela ehlukile kunokujwayelekile.
“Kumele sijwayele indlela izinto eseziyiyo manje. Ngesikhathi izwe livaliwe sasingasongile izandla; ukukhankasela ukuthola imicimbi kuthatha isikhathi eside, kumanje singakwazi ukufaka izicelo zemicimbi kuze kufike ku-2035. Loko kusebenza kwethu ngisho izwe livaliwe yikona okwasisiza uma kuvela intuba sakwazi ukuthi sibene-Intra-African Trade Fair, nokwamangaza abantu abaningi.
“Siyadinga ukusebenzisana. Ukusebenza uwedwa ekhosombeni lakho akusizi kanti nemithetho akuyona eyethu. Sisebenzisana futhi sithembela kakhulu nakweminye iminyango ukuze siphumelele. Sidinga nokwesekwa ngosopolitiki nawo wonke umuntu.”
Akaqali ngalolu phiko uNksz uMayise ukusebenza ngemicimbi emikhulu nabantu bakwamanye amazwe. Ngenkathi kwethulwa uhlelo uhulumeni ayezolusebenzisa ukuphungula ububha phakathi kwango-2004 no-2014, i-Accelerated and Shared Growth Initiative for South Africa(i-AsgiSA), wayengomunye wabantu abawu-10 abaqokwa ukuyocobelela ulwazi kwamanye amazwe. Waqala eDubai izinyanga eziyisithupha ngaphambi kokuya e-India, lapho ahlala khona ngaphezudlwana konyaka.
Ngesikhathi kulungiselelwa imidlalo yeNdebe yoMhlaba yebhola wajutshwa eMhlathuze, kusathiwa wuThungulu, ebheke ukwakhiwa kwenkundla yezemidlalo.
“Ngiyaye ngithi ngibusisiwe ngabantu engisuke ngingabazi nhlobo engihlangana nabo kusukela oNgoye ngoSolwazi uNzama abaye banginike amathuba. Nangesikhathi se-AsgiSA baningi abantu ababelifisa lelo thuba futhi langikhulisa kakhulu. IPhini likaMengameli uNkk uPhumzile Mlambo-Ngcuka wayengangazi ngesikhathi engiqokela i-AsgiSA.”
UNksz uMayise, oseke waqwala intaba ende kunazo zonke e-Afrika iMt Kilimanjaro, uthi nakuba esehlangane nabantu abaningi afundayo kubona kodwa umuntu abukela kuye wunina.

“Ngelinye ilanga uMa washo into engingasoze ngayikhohlwa. Wathi kimina ‘ngiyazi uyintombazane kodwa ngiyabona uwena oyovusa umuzi, amathemba ami akuwena.’”
Okunye ngaye:
- Unamadodana amabili;
- Ukhonze ukugijima nokubuka ibhola namadodana akhe;
- Ukhonze amahlaya nomculo wokholo;
- Ukhule esonta e-Ebenezer Family Church kodwa manje usekhonze eDurban Christian Centre;
- Amazwe awathandayo yiSpain ne-Italy;
- Ukhonze i-seafood.

