UMcwaningimabhuku-jikelele uNksz uTsakani Maluleke uthi uhulumeni ophumile komasipala ushiye isimo sisibi kunowasifica ngo-2016

Izithombe: wuGoogle nezithunyelwe

UMcwaningimabhuku-jikelele uthi bazozinuka amakhwapha njengoba izinto zidlebeleka komasipala. USLINDILE KHANYILE uyabika

IHHOVISI loMcwaningimabhuku-jikelele lizobuyekeza ukuthi kufanele yini liqhubeke nokunika omasipala abaletha imibiko yezimali engahlanganisiwe ngendlela ithuba lokuyilungisa.

Usho kanje uMcwaningimabhuku-jikelele uNksz uTsakani Maluleke ngesikhathi ethula umbiko womasipala wonyaka wezimali u-2020/21.

UNksz uMaluleke uthe bayabavumela omasipala ukuthi balungise imibiko uma bebona ukuthi basengenza kangcono. Nokho uthe manje bayazibuza ukuthi lolu sizo lwabo alunaso yini isandla ekuhlehleleni emuva kwezinto.

Ukhalile ngokuthi azibi ngcono izinto endleleni okwenziwa ngayo komasipala njengoba ethe bawu-141 kuphela omasipala abathole imibiko emihle. “Kulabo masipala kukhona nabezifunda nokusho ukuthi akubona labo masipala lapho izidingo zihlinzekwa khona ngqo. Empeleni bawu-62 kuphela noma u-25% omasipala abathole imibiko emihle. Lesi sibalo sinyukile ngoba enye yezindlela esiseka ngayo omasipala wukuthi sibavumele ukuthi bayilungise imibiko yabo.

“Kade sikhuluma sizibuza ukuthi kungabe asibhebhezeli yini izinto ngokwenza kanjena, siyazibuza ukuthi akufanele yini sivele sithathe lowo mbiko wokuqala esiwutholayo noma ngabe unjani? Uma umuntu eloku ethola i-disclaimer (umbiko omubi kunayo yonke) ephindelela kufanele yini sizihluphe ngokumsiza ngoba phela akuwona umsebenzi wethu sodwa ukuletha ushintsho,” kusho yena.

Lilonke lo mbiko uveze ukuthi uhulumeni ophumile ngo-2021 ushiye izinto zizimbi komasipala kunangesikhathi owathatha ngaso izintambo ngo-2016. Ngo-2016 babewu-90% omasipala ababeletha imibiko yabo ngesikhathi ukuze icwaningwe kodwa ngo-2021 lesi sibalo bese sehlele ku-82%.

Komasipala abayisishiyagalolunye abangayilethanga imibiko, abayisikhombisa abaseFree State kuthi ababili babeseNorthern Cape. Imibiko kufanele ithunyelwe ehhovisi lomcwaningimabhuku-jikelele ekupheleni kwango-Agasti, okuyizinyanga ezimbili emva kokuphela konyaka wezimali womasipala ophela ngoJuni.

Abahlanu kulabo masipala baze bayithumela imibiko phakathi kukaMashi noMeyi kulo nyaka njengoba kuyima isacwaningwa. IMaluti-A-Phofung neMasilonyana eFree State nePhokwane eNorthern Cape bebengakayilethi namanje. IMaluti-A-Phofung ayikaze iwulethe nombiko wonyaka wezimali wango-2019/20.

UNksz uMaluleke uthe idinga ukusukunyelwa indaba yaseFree State, eNorth West naseNorthern Cape. 

Phakathi kwango-2016 no2021, bangu-61 omasipala abaphucule izinto kwathi abawu-56 bona bahlehlela emuva. Kulabo masipala abathole imibiko emihle, abawu-27 kubo bebevele benemibiko emihle kanti abawu-14 bona bayaqala.

Omasipala abakhulu, phecelezi ama-metro, yibona abanesabelo esikhulu semali njengoba behlinzeka ngezidingo imizi ewu-8.1 million, ngo-202/21 bebenesabelomali esiwu-R247.4 billion.

UNksz uMaluleke uthe kulabo masipala kufanele ngabe izinto zenziwa kangcono ngoba banesabelomali esikhulu, banabantu abanele futhi kulula ukuthi baqashe abantu kodwa akunjalo njengoba ethe nakuba abawu-13 benze kangcono kodwa kunabayisishiyagalolunye isimo sabo esesisimbi kakhulu. “Ukunganakwa kwemiphumela yemibiko yethu kusho nokuthi uma kuba nesibhicongo esifana neCOVID-19, izikhukhula, awukwazi kahle ukumelana nalezo zimo.”

Uthe kuyishwa ukuthi omasipala baneminyango okusingathwa kuyo imali eqashe abantu abaholelwa uR10.41bn uma behlanganiswa kodwa baphinde baqashe ongoti abazimele ukuthi bazobasiza ukuhlanganisa imibiko yemali kahle. Labo ngoti baholelwe uR1.26bn ngo-2020/21. Isiyonke imali eye kongoti abazimele kusukela ngo2016 kuya ku2021 inguR5.31bn kodwa u75% womasipala awukwazi nokuhlanganisa imibiko esezingeni elifanele.  

“Isiyonke kunoR11.67bn okhokhelwa abantu abaqashiwe nongoti kodwa yize kunjalo ngomasipala abawu-62 kuphela abakwazi ukwethula imibiko ehleleke kahle nethembekile. Ongoti bayaqashwa ukuthi bazolekelela ngasekupheleni konyaka wezimali kodwa futhi abalandelwa izinto eziyimicikilisho enzima, baqashelwa ukuthi bazokwenza lezi zinto ezilula okufanele ngabe abantu abaqashiwe ngokugcwele bayazenza.

“Komunye umasipala bakhokhele uchwepheshe uR34m ukuthi abasize ngokugcwalisa imininingwane ye-VAT. Bavumelene ngokuthi bazomkhokhela ingxenye yemali abazoyikhokhelwa wuSars. Ukugcwalisa imininingwane yeVAT akuyona into okufanele uyiqashele uchwepheshe uma uyisikhulu esibheke izimali. Kepha uma kwenzeka lezi zinto kufanele sizibuze ukuthi isuke ikuphi imenenja kamasipala, isuke ikuphi imeya futhi usuke ukuphi umkhandlu. Kufanele sizibuze ukuthi uma sixwayisa sikhipha imibiko minyaka yonke sisho izinto ezingahambi kahle, uthini umNyango wezokuBusa ngokuBambisana, sithini isiShayamthetho ngoba yizo zonke izinhlaka lezi okufanele zigade futhi ziqikelele ukuthi imali isetshenziswa ngendlela,” kusho uNksz uMaluleke.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana uDkt uNkosazana Dlamini Zuma uthe umbiko woMcwaningimabhuku-Jikelele uyahambisana nemibiko abasanda kuyethula ngesimo sohulumeni basemakhaya. Uthi yingakho bona nomNyango wezeziMali bematasa nohlelo oluzolandelwa ukungenelela nokweseka omasipala iMunicipal Support and Intervention Plans.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana uDkt uNkosazana uDlamini Zuma

UDkt uDlamini Zuma uthe lokhu bakwenza ngokubambisana neminye iminyango, iSouth African Local Government Association (iSalga), izifundazwe nomasipala. Wengeze ngokuthi sebeluphothulile lolu hlelo komasipala abawu-64 abachazwe ngokuthi bafana nabangasasebenzi.

Umbiko woMcwaningimabhuku-jikelele uphinde wagcizelela ukuqhubeka kwezinkinga ezindala okuhlale kukhulunywa ngazo njengokungakwazi ukuqoqa izikweletu, ukusebenzisa imali kungalandelwa umthetho nokumosha imali.

I-Salga izobambisana neHhovisi loMcwaningimabhuku-jikelele nezinye izinhlaka

Ngo-2020/21 omasipala basule isikweletu esiwuR41.28bn kwathi uR14.13bn kwaba yimali esetshenziswe budlabha. Imali esethenziswe kungalandelwanga umthetho iwuR20.45bn kanti izindleko zomasipala zingaphezu ngoR6.63bn uma kuqhathaniswa nemali engenile.

Omasipala abawu-17 basebenzise uR1.92bn bethenga ingqalasizinda yobuchwepheshe kodwa kwabayisishiygalolunye kubona u-64% wale ngqalasizinda awusebenzi ngendlela elindelekile.

I-Salga ibancomile omasipala abathole imibiko emihle njengoba ithe isabelomali esisezandleni zalabo masipala abawu-141 siwu-76% noma uR387bn wemali eyabelwe omasipala. 

Nokho igcizelele nayo ukuthi lilonke umbiko uveza okubi futhi yakhala ngokuthi abantu abathathelwa izinyathelo ngokungenzi kahle nokuyinto ethe kufanele ishintshe.

Eminyakeni emithathu edlule, iHhovisi loMcwaningimabhuku-jikelele lathola amandla athe xaxa nokwenza likwazi ukuthatha izinyathelo ezingaphezu kokukhipha umbiko.

UNksz uMaluleke uthe kukhona izigameko eziwu-181 ezilandelwayo emva kokusebenzisa kwabo la mandla amasha.

Ngesonto elizayo Umbele uzokulethela umbiko ogcwele ngaloku.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page