Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noDJ wodumo lwengoma ethi Amabhungu nethi Umona, u-‘DJ Thotho’, ogama lakhe langempela uLutho Pasiya, futhi oyintatheli ebhala ngokudla neziphuzo

Usemncane wawuphiwa imali noma cha?

Yebo, ngangiphiwa ukuthi ngithenge ukudla esikoleni. Umama wayenginika nyanga zonke imali yokugibela neyokuthenga ukudla esikoleni sengifunda amabanga aphezulu. Kwesinye isikhathi abazali bami babengipha imali yokuthenga izimpahla zokugqoka ne-airtime. 

 Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi ibhange?

Eish, angisakhumbuli (kahle) kodwa kwawu-2011 noma u-2012 kodwa i-akhawunti ngayivula eCapitec eMthatha. 

Uma ucabanga imali ebuncaneni noma ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo futhi yini owayifunda ngemali? 

Ngafunda ngokonga. Njengoba umama wayenginikeza imali nyanga zonke, ngafunda ngaleso sikhathi ukonga ngoba ngangisaba ukubuyela kumama, ngizomcela imali ekubeni inyanga ingakapheli. 

 Uqale nini ukusebenza futhi kwakuyimalini umholo wakho wokuqala? 

Ngiqale ukusebenza ngo-2016 ngiyithwasa. Ngeke ngathi umholo kodwa kwakuyisibonelelo sikaR2 500. Emva kwalokho ngabe sengiqashwa ngokugcwele ngahola uR6 000. 

 Wawenzani umholo wakho wokuqala? 

Ngathi uma ngiqeda ukufundela umsebenzi, umama wathi usephumile kimi, yonke into ngizozibonela. Wayengadlali. Ngakho ngoR2 500 ngakhokhela indawo yokuhlala, ngathenga ukudla, izinto zokugcoba nemali yokugibela.


Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali? 

Wukunika abazali bami imali futhi ngakhulisa inkampani yami ehlela imicimbi futhi ngakhokhela indawo engihlala kuyo enhle nesezingeni elicokeme.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza phambilini? 

Wukuboleka imali ezalayo. Angisoze ngaluleka umuntu ukuthi aboleke imali. Nami ngangisemncane ngingakazi ngomphumela omubi ngokuboleka imali.


Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”? 

Lutho, futhi ngiyathandaza ukuthi ngize ngingalutheki.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Ukuboleka imali kwangifundisa ukuthi akufanele uboleke imali ngoba kubuyiselana emuva. Kungcono wonge noma uvule i-fixed account uyifake khona imali.

 
 Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingalungisa ikhaya. Akukhona ukuthi alilungile kodwa ngingalilungisa lapha nalaphaya. Ngingathenga imoto futhi ngisungule amabhizinisi angangenzela imali.

 Ungabeluleka uthini abanye abasendimeni yakho ngokuphatha imali?

Ngingabaluleka ukuthi bonge imali. Thina boDJ imali siyinikwa esandleni, okwenza kubelula ukuyixhaphaza. Kungcono uyibeke ebhange ngoba kulula ukuxhaphaza uR5 000 owukheshi uma uwubeke endlini.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page