UNkk uLebohang Dhludhlu, omunye wabasunguli beNkanyezi Chicken yaseMalahleni, eMpumalanga

Izithombe: Zithunyelwe

Ababekade bewa bevuka sebedayisa izinkulungwane zezinkukhu ngenxa yothando. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UTHANDO lwabo lokufuya izinkukhu lwaqala ngoSuku lweziThandani ngo-2019. Nakuba sebehlukumezeke kaningi oNkk uLebohang Dhludhlu nomnyeni wakhe uMnu uDumisani Dhludhlu, abasunguli beNkanyezi Chickens, kodwa babambelela othandweni lwabo lokufuya izinkukhu, olugcine luchamisele inqwaba yezinkukhu ezidida ukwenza manje.

Ekhuluma neVutivi News uNkk Dhludhlu uthe ngesikhathi befikelwa wumcabango wokufuya izinkukhu, bobabili babengazi lutho ngebhizinisi noma ngokufuya izinkukhu, ababekwazi wukuthi babefuna ukwandisa imali engena ekhaya.

“Ngakhuthazeka ukuthi ngibheke ekufuyeni izinkukhu. Ngathi uma ngitshela umyeni wami, wavuma nakuba sasingenayo indawo noma ulwazi ngaleso sikhathi. Yingakho sabona ukuthi indlela efanele wukuthi siqale sidayise izinkukhu esizithenga komunye umuntu. Saqala ukuthenga izinkukhu kozifuyile sibuye sizidayisele abantu. Ikhasimende lethu lokuqala kwakuwumama wami, kwathi kungakapheli isikhathi eside abantu ababefuna ukuthenga baqala ukwanda ngokushesha,” kukhumbula yena.

Kodwa lezithandani zaseMalahleni, eMpumalanga, zaphoqeka ukuthi ziyeke ukusebenzisana nomuntu ezazithenga kuyena izinkukhu ngoba uDhludhlu wayengayithandi indlela ayebaphatha ngayo.

UNkk uDhludhlu nezinkukhu esezilungele ukudayiswa

UNkk uDhludhlu uthe benza izifundo zebhizinisi besekwa yiNational Youth Development Agency ngo-2019. Yilapho bahlangana khona nomuntu wokuqala abasebenzisana naye kodwa izinto azihambanga kahle ekusebenzisaneni kwabo. “Indoda esahlangana nayo yasitshela ukuthi ineminyaka eyisikhombisa ifuye izinkukhu, sase sivumelana ukuba nepulazi ndawonye. Kepha sehlelwa wumshophi ngenkathi ipulazi lethu likhahlanyezwa yizikhukhula salahlekelwa yizinkukhu eziningi.

“Sakhetha ukuyeka ukusebenzisana naye ngoba imizamo yethu yokulungisa izinkinga esasibhekene nazo epulazini wayengayizwa. Kulokho safunda okuningi ngokufuya izinkukhu, sagcina sikhetha ukuzenzela into yethu,” kusho uNkk uDhludhlu.

Uthi baya enkosini yesigodi esiseduzane naseMalahleni bacela indawo abazoqala ipulazi kuyona, banikezwa imvume yokusebenzisa umhlaba ongamahekthare awu-2.5. Kepha ngaleso sikhathi babengenayo imali emva kokuthi besebenzise imali ekutholeni umhlaba nasekwakheni indawo yabo yokuqala yokuhlala izinkukhu.

Ngenkathi kufika ubhubhane iCOVID-19, umNyango wezoLimo, uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zaseMakhaya wamemezela isikhwama owawusiza ngaso abalimi abasafufusa, bafaka isicelo bathola i-voucher kaR60 000. Bathenga ngayo izinkukhu zabo zokuqala eziwu-700 nokudla kwazo epulazini eliseMalahleni.

NgoDisemba zonke izinkukhu zasezithengiwe. Kwabakhuthaza ukuthi bakhe esinye isakhiwo sezinkukhu. Namhlanje ipulazi likhiqiza izinkukhu eziwu-3 800 njalo emva kwamasonto ayisithupha futhi banendlela yabo yokudayisa; ibhizinisi labo linabadayisi abawu-65 ababadayisela izinkukhu.

UNkk uDhludhlu ucathulisa abalimi abasafufusa mahhala, abacobelele ngolwazi ngokufuya izinkukhu.

Ulibona ibhizinisi labo lisazokhula ligcine selikhiqiza izinkukhu ezingaphezu kuka-300 000, liqashe nabantu abangaphezu kuka-1 000. Okwamanje banezisebenzi ezimbili.

Facebook: @lebohang dhludhlu

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page