Intwasahlobo yisikhathi esihle sokulungisa isimo sakho sezimali ngokubuyekeza imishwalense onayo

Izithombe: wuGoogle nesithunyelwe

Lungisa isimo sakho semali ngokubuyekeza imishwalense yakho. INTATHELI YOMBELE iyabika

YISIKHATHI lesi lapho abantu bekhuculula khona kwazise lithwese ihlobo. Yithuba elihle lokubuyekeza futhi ukhuculule isimo sakho sezimali, ozibophezele kukho nemishwalense onayo ukuqinisekisa ukuthi ukulungele ukubhekana nanoma ngabe yisiphi isimo ongahlangabezana nazo ngalezi zinyanga ezisele onyakeni.

Akungatshazwa ukuthi ukunyuka kwemalimboleko, amanani kaphethroli nokubiza kwempilo kuthwalise abathengi kanzima nokungenzeka kwenze abanye babhekisisa imishwalense abayikhokhelayo.

Isikhulu esiphezulu seFNB Insurance uMnu uLee Bromfield sithi: “Enye yezinto esizifundile eminyakeni emibili edlule wukubaluleka kokuba nomshwalense owanele. Sikhuthaza amakhasimende ukuthi abuyekeze imishwalense yawo ngesikhathi ebuyekeza imali yawo futhi aqinisekise ukuthi imindeni yabo nezimpahla zawo zivikelekile uma kungakhona okuwehlelayo.

“Uma kukhona ababheke wena, okufanele kube seqhulwini kuwena ngalesi sikhathi esisele wukuqinisekisa ukuthi unomshwalense noma uyawandisa lona onawo ukuzivikela wena, umndeni wakho nezimpahla zenu uma kungakhona okubi okunehlelayo,” kusho yena.

Isikhulu esiphezulu seFNB Insurance uMnu uLee Bromfield

I-FNB Insurance icebisa amakhasimende ukuthi enze loku okulandelayo uma ebuyekeza isimo sawo semali:

  • Buyekeza isabelomali sakho: Ungathuka uma ungabona imali ongayonga uma ungakhuthala ugade masonto onke ukuthi uyisebenzisa kanjani imali yakho futhi yiziphi izinto ezibalulekile.
  • Hlanganisa umshwalense wempilo yakho: Amakhasimende anemishwalense eminingi ezinkampanini eziningi, okugcina kuwaphoqa ukuthi akhokhe izindleko eziphezulu. Awuzame ukufaka umndeni wakho ngaphansi komshwalense owodwa ukuze uzokhokha endaweni eyodwa.
  • Gunyaza inkampani ukuthi ibambe imali ebhange: Kulula ukubona ukuthi yini esikhokhelwe noma engakakhokhelwa uma usebenzisa ibhange elilodwa ukukhokhela zonke izinto. Loku kusiza ngokuthi ukwazi ukugcina zonke izithembiso zakho futhi wehlise nengozi yokwenza iphutha lokungakhokhi.
  • Buyekeza umshwalense wakho: Uma kwanyuka imali oyikhokhela umshwalense wakho ngenxa yezimo zempilo noma imikhuba eyingozi, ungacela inkampani onomshwalense kuyona ukuthi ibuyekeze imali oyikhokhayo uma isimo sempilo sesishintshile noma usungawenzi umkhuba oyingozi, njengokuphuza nokubhema.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page