UMnu uSandile Ndlanya, i-chief operations officer yeMpucuzeko Training and Skills Development Centre nomqondisi weWushe Projects

Isithombe: Sithunyelwe

Unoxhaxha lwezitifiketi emikhakheni eminingi osekhaleni lokuguqula indlela ezobuciko ezibukwa ngayo. Uxoxe noLANGA KHANYILE

EFUNDA uMatikuletsheni wayazi kahle kamhlophe ukuthi akafuni ukuba wuthisha ngenxa yokuthi wayezalwa wothisha futhi ezalwa nabo. Nakuba ayazi ukuthi ufuna ukusebenza kwandabazabantu, ngenxa yokubukela kubaba wakwamakhelwane owayenomuzi omuhle futhi eshintsha ubutsetse bezimoto, kodwa wagcina ewuthisha.

UMnu uSandile Ndlanya, i-chief operations officer yeMpucuzeko Training and Skills Development Centre nomqondisi weWushe Projects, uthi ukungayitholi indawo yokuhlala eMangosuthu Technikon (esibizwa nge-University of Technology) kwamenza wagcina engayenzanga i-human resources, waya kofundela ubuthisha ngoba engayizwa eyokufunda ehlala kubo.

“Ngiyakhumbula uma ngiphasa uMatikuletsheni ukuthi ekuqaleni ngangifuna ukuyofunda eMangosuthu, yayiseyintsha iMangosuthu. Uma ngifika, kwathiwa ayikho indawo yokuhlala kuzofanele ngihlale ekhaya; ngathi ‘yo!, kufanele ngithole enye indawo’,” esho ephela yinsini uNdlanya, owumsinsi wokuzimilela eMlaza. Njalo ngamaholidi uyise wayeba“posela” eMzimkhulu, eKromhoek nasekhabonina eMvubukazi.

Waphelela kanjalo “emsebenzini oyifa lakubo”. Wadlondlobala waze wagcina eyinhloko yomnyango wezomnotho nephini likathishanhloko esikoleni samabanga aphezulu ne-lecturer e-Adams College of Education. 

Lo mculi wakudala we-tenor kwiDurban Serenade Choral Society, wayengenye yezimenenja zeDurban Serenade Music Academy.

Namuhla ungene shi ekushintsheni umkhakha wezobuciko, ikakhulukazi ukuvuba amafilimu. Baziqhayisa ngokubeka umaskandi kwelinye izinga ngeMpucuzeko Maskandi Festival “iWorld Cup Maskandi”.

“Impucuzeko ngenkathi iqala inhloso kwakuwukuqeqesha kwezamafilimi kodwa kukhona izinto ezaqhamuka lapho. Uma umculi eshona, uzwe sekuthiwa kuqoqwa izimali into ehlambalazanayo; uma ubheka ukuthi ngenkathi impilo akade eyiphila, ejabulisa abantu, njll. Sathi asifundise laba bantu ukuthi into abayenzayo akusiyo into yokuqeda isizungu kodwa yibhizinisi. Sase sithi asibasize baqonde lokhu,” kusho uNdlanya. 

Nokho lo msebenzi unezinselelo zawo. Akasikhohlwa isithangami sokuqala abasihlela sokufundisa abaculi ngesabelomali. Uthi babengakhulumi ngisho nango-90: 10, bekhuluma ngo-80: 20 (%), okufanele umculi awucaze phakathi kwakhe nebhizinisi lakhe lomculi. Uthi kunomculi owasukuma wambuza ukuthi unama-CD amangaki. Wangibuza ukuthi ngiwubani. Ngathi uma ngithi ‘ngiwuSandile wakwaNdlanya’, waphendula wathi ‘Mina uNdlanya ngimazela ebholeni (uPollen)’.

“Uyabona ukuthi umqondo (wakhe) wawuthi ‘yini ozongitshela yona ngoba umculo awuwazi?’. Sasizama ukushintsha lowo mqondo. Sasithi ungabheki ukuthi ngiwubani, lalela engikushoyo ngizama ukukusiza ukuthi ubeyiciko elingcono, umuntu ongcono kule nto oyenzayo.

“Kanjalo nakumafilimu wonke umuntu ufuna ukuba phambi kwekhamera. Sitihi kubantu abasha miningi imisebenzi ziningi izinto ongazenza ngemva kwekhamera; yilapho imisebenzi ikhona. Muzwe ebala imisebenzi enganakekile ekuphekeni ifilimu. 

UNdlanya une-Certificate in Project Management yase-University of Stellenbosch Business School, i-Certificate in Film and Television Production yaseMICT SETA, i-Certificate in Music Theory (Grade 5) sase-UNISA, i-Post graduate Diploma in Business Administration yaseTechnikon Natal, i-B Admin (Hons) Economics yase-University of Durban-Westville, i-Bachelor of Administration University of Zululand ne-Secondary Teachers’ Diploma yase-Indumiso College of Education. Kungani enoxhaxha lwezicucu zemikhakha ehlukene? 

Uthi: “Mhlawumbe wubugwala obenza i-CV yami ibe njalo. Uma ngingena entweni, ngiba nothando lwayo, ngiye ngifisa ukwazi kabanzi ngayo. Nakuba ungakwazi ukuvele uyenze ngethalente kodwa kuhle uyifundela. Mina ngizenza kanjalo izinto.” 

Unesilonda ngesimo samabhizinisi eNingizimu Afrika. “Enye yezinto ezidabukisa, loku akuthinti mina nje kuphela kodwa kuthinta abantu ebhizinisini, sisesikhathini lapho kungebona ubuhle bamasu akho noma ukuba mandla kohlaka lwakho lebhizinisi okukwenza uphumelele. Ngeshwa uma uqhamuka nomqondo webhizinisi omuhle, ngisho nosomabhizinisi esibukela kubona umbuzo wokuqala akusiko ukuthi ufuna ukwenzani, abantu bangasizakala kanjani, umtshalimali angazuzani ngomqondo onawo kodwa kube wukuthi ‘ubani uSandile?’ Kulibulele ibhizinisi loku.”

Okunye ngaye:

  • Uganwe uMaMfeka. Banezingane ezintathu (endala isiyashona). Babeyisithupha kubo kodwa usesele nodadewabo ababili abalekela kubona. Uwumzala kaManqoba Mngqithi, umqeqeshi weMamelodi Sundowns;
  • Ukhonza eWeseli;
  • Uthanda ukufunda ama-biography;
  • Kabili ngenyanga bayaphuma endlini bewumndeni;
  • Kwakhe abahlali abantu begceke; uyalishaya futhi kuyindlela yokuzivocavoca;
  • Imfihlo yakhe wukuthi uyakuthanda ukuba yedwa

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page