Ufisa ukwandisa abahweba ngoju oneminyaka eziphilisa ngokufuya izinyosi. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UJU alumnandi nje kuphela kodwa lunezinto eziningi ezisiza impilo njengokukuvikela ukuthi umqondo wakho ungaphazamiseki ukukhumbula izinto nokwelapha izilonda.
UMnu uThomas Mokhathi, umnikazi we-Atlisang Ditirelo, ukhulele epulazini lezinyosi eSpringfontein, eFree State, nokwenze ukuthi abe namava adingekayo ukukhiqiza imikhiqizo enoju ngokuhamba kwesikhathi. Usungule i-Atlisang Ditirelo ngo-2016.
UMokhathi uvuna uju bese ekhiqiza uju olusemabhodleleni, isigcobo somlomo i-lip balm nensipho. Le mikhiqizo idayiswa emakethe yasendaweni futhi idayiselwa amakhasimende athenga inqwaba yemikhiqizo ezindaweni ezihlukene ezweni.
UMokhathi, oqashe izisebenzi ezimbili, usebenzela endaweni ayiqashile ukuvuna nokukhiqiza uju. Echaza ngomsebenzi wakhe, uthi izinyosi zinendlela ezikwazi ukuhogela iphunga labantu ngayo. “Kuthatha isikhathi ukuthi izinyosi zijwayele iphunga lo muntu othile. Uma sezilijwayele, izinyosi zigcina sezizwana nozifuyile ngendlela emangalisayo.
“Ngithatha amakhekheba ngiwafake emanzini, amanzi yiwona ahlukanisa uju namakhekheba. Uma sengilufakile uju emabhodleleni, ngithatha okusele emakhekhebeni ngikhiqize ngakho insipho nesigcobo somlomo,” kulanda yena.

UMokhathi uthi umsebenzi woju akufanele uthathwe kancane. “Uju lusiza ukwelapha izifo ezifana nokunyuka komfutho wegazi, isifo sikashukela futhi (lusiza) onenkinga yamehlo futhi ophathwa ikhanda. Liyasiza ukwelapha ukukhwehlela futhi lupholisa izilonda ngokushesha.”
UMokhathi uthi umsebenzi uyangena futhi kakhulu kodwa inkinga kuba ezokuthutha. “Ngihlala edolobheni elincane elinamapulazi kanti asinayo inkampani yokuthutha izimpahla, ngakho kufanele ngiye kwelinye idolobha eFree State ukuze ngipose imikhiqizo. Kwesinye isikhathi uma nginama-oda amaningi, kufanele ngisebenzise izinto zokuthutha umphakathi ukuze ngihambisele amakhasimende imikhiqizo yawo.”
UMokhathi unezinhlelo zokukhulisa umsebenzi wakhe ngelinye ilanga. “Iphupho lami wukuba nepulazi lapho ngingakhiqiza khona uju oluningi ngidayisele izitolo zokudla ezinkulu. Ngifisa nokuqasha inqwaba yabantu futhi ngifundise abafisa ukuba ngosomabhizinisi amaqhinga okuhweba ngoju.”
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

