UMnu uNoko Masipa, ilungu leKomidi lePhalamende lezoLimo, ukuVuselela uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya

Izithombe: yiVutivi noLucas Ledwaba

Kunempikiswano ngomthetho wezolimo ohlose ukuhlomulisa abalimi abancane. UTEBOGO MOKWENA uyabika

UMNYANGO wezoLimo, ukuVuselela uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya usuthembise iPhalamende ukuthi ukuchibiyela umthethosivivinyo obhekelela imikhiziqo yezolimo i-Agricultural Products Standards Amendment Bill kuzosiza abalimi abasafufusa abahluleka wukuthola amakhasimende kalula.

Umnyango wenze lesi sithembiso ngenkathi uvele phambi kweKomidi lePhalamende lezoLimo, ukuVuselela uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya.

Uguqula izigaba zomthetho i-Agricultural Product Standards Act, amanye amalungu ekomidi akhathazekile ngokuthi ezinye izinguquko zizoba wumthwalo kubalimi abasafufusa ngezindleko zezimfuno ezihambisana nawo. Isigaba esikhathaza amalungu siguqula ukucwaninga, ukuhlola, inqubo yokuhlukanisa amazinga ukuze kubhekwe ukuthi umkhiqizo unohlonze yini, okuyikona okubuye kusetshenziswe ukuhlola ukuthi umkhiqizo awenziwanga yini ngamakhemikhali.

Ilungu lekomidi uMnu uNoko Masipa lithe likhathazekile ngokuthi izindleko zokuqinisekisa ukuthi umkhiqizo usezingeni elifanele zizothwalisa kanzima abalimi abasafufusa.

“Nakuba lo mthetho umuhle kodwa kungenzeka ufake engozini abazohluleka wukumelana nawo ngenxa yokungabi nemali noma izinsizakusebenza ezingabeseka kahle. Inselelo enkulu esibhekene nayo ezindaweni zasemakhaya ngenxa yezitolo zokudla ezinkulu ngabalimi abajwayele ukulima bese bedayisa isivuno sabo bagcina bephoqeka ukuthi basilahle ngoba sisuke singasekho ezingeni elifunekayo ezitolo ezinkulu,” kusho yena.

Nokho isikhulu esiphezulu se-Agricultural Product Standards uMnu uBilly Makhafola sitshele izethameli zomhlangano ukuthi lezi zinguquko zizobasiza abalimi abasafufusa.

“Abalimi abasafufusa abaningi abawasebenzisi amakhemikhali noma umanyolo owakhiwe ngamakhemikhali, nezitshalo zabo azayifuthi ngamakhemikhali okubulala izinambuzane. Bazothola ithuba lokudayisa isivuno sabo ngaphandle kokuhlangabezana nezithiyo ezizobavimba bangakwazi ukuhambisana nomthetho noma nezindleko eziphezulu kakhulu,” kusho yena.

Iphini lomqondisi-jikelele lomnyango uMnu uDipepeneneng Serage lithe umthethosivivinywa ohlongozwayo uzokwenza izinto zibe lula kubalimi abasafufusa njengoba ethe ngeke besancintisana nabalimi abakhulu abevele babhale izinto emikhiqizweni yabo ingahlolwanga uhulumeni.  

Usihlalo wekomidi Inkosi uZwelivelile Mandela uncome izingxenye zomthethosivivinywa wathi abasafufusa bazothola ithuba lokungena ezimakethe ezizozithokasela izindlela zokukhiqiza ukudla ngaphandle kokusebenzisa amakhemikhali.

Inkosi uZwelivelile Mandela

Umthethosisivivinywa wethulwe ekomidini ngo-Agasti odlule, uzodluliselwa ePhalamende ukuze uphasiswe ngevoti uma kuwukuthi ikomidi liyawuvuma unjalo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page