Osomabhizinisi bancoma iTransnet ngomsebenzi wayo wokuvuselela ingqalasizinda. INTATHELI YOMBELE iyabika

UNGQONGQOSHE wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan usencome umsebenzi owenziwe yiTransnet ukulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula ezihlasele ngo-Ephreli nangoMeyi emzileni emqoka wokuthutha izimpahla phakathi kwaseThekwini naseGauteng.
Ngesonto eledlule le nkampani elawula amachweba namaguzu athutha izimpahla ivule umzila wokuthutha ama-container phakathi kwaseThekwini naseCato Ridge obuvaliwe kusukela mhla ka-11 Ephreli.
Loku kusho ukuthi ezinye izimpahla ebezingathutheki phakathi kwaseThekwini naseGauteng sezizothutheka kanti kulindeleke ukuthi omunye umzila uvuleke ngoSepthemba uma sekuphothulwe umsebenzi wokulungisa umonakalo.
Indima esikhathulwe yiTransnet Freight Rail ilandela umsebenzi osanda kuphothulwa yiTransnet National Ports Authority nechweba laseThekwini njengoba bebesanda kuvula umzila wesine obulimele eBayhead, okuyiwona mzila ongenela eDurban Container Terminal nase-Island View, okungezinye zezindawo eziphazamisekile ngesikhathi umgwaqo ugugulwa yizikhukhula.
Eminye imizila emithathu yaseBayhead ivuliwe phakathi kuka-Ephreli noMeyi.
U-Gordhan uthe loku kuzophungulela abahwebi abadayisela amanye amazwe nabathenga kwamanye amazwe njengoba kusho ukuthi isimo sesizobuyela kosejwayelekile eBayhead.

Nosomabhizinisi bakujabulele loku njengoba iKZN Growth Coalition income iTransnet ngendlela ephuthume ngayo ukulungisa umonakalo.
Omunye wosihlalo beKZN Growth Coalition, uMnu uMoses Tembe, uthe loku kuzosiza ukuvuselela umnotho esifundazweni. “Siyayincoma iTransnet nangokuvula amathuba emisebenzi njengoba iqashe abantu abangaphezu kuka-1 300 ukuthi basize ukulungisa umonakalo. Lezi zikhukhula ziwuphazamise kakhulu umnotho esifundazweni kanti uhulumeni nosomabhizinisi bayabonga kakhulu indlela iTransnet esheshise ngayo ukulungisa ukuqinisekisa ukuthi siyakwazi ukuphinde sithuthe izimpahla ezweni. Sigculiseke kakhulu ngobuholi obutshengiswe yiTransnet ukusukumisa umnotho wethu futhi. Bekungumsebenzi omkhulu lona,” kusho yena.

Ngokwezibalo ezakhishwa wuMasipala waseThekwini imvula eyana ngo-Ephreli ilingana nemvula yezinsuku eziwu-110. Bangaphezu kuka-400 abantu ebabulele kanti kusekhona nabawu-60 abangakatholakali nezinkulungwane ezikhosele emahholo omphakathi emva kokulinyalelwa yimizi.
UNdunankulu waseKZN uMnu uSihle Zikalala uthe umonakalo odalwe yizikhukhula iwuR25 billion kanti umonakalo omkhulu wenzeke eThekwini lapho ulinganiselwa khona kuR5.8bn.

