Ukhulisa abalimi ngobuchwepheshe, ulwazi nangemali osemkhankasweni wokuxazulula izinkinga zezolimo eNingizimu Afrika. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UNQUME ukuhlanganisa uthando lwakhe lobuchwepheshe bamakhompyutha nolwezolimo ukuze asize izwe liyeke ukuthenga ukudla elingakwazi ukuzikhiqizela kona kwamanye amazwe.
Ekusebenzeni kwakhe nalo lonke uhlobo lomlimi njengoba naye uqobo ewumlimi, umsunguli wePuno Greenery uNksz uFaith Mokgalaka ufuna abalimi abancane bagcine sebengabalimi abaphumelele nabadayisa umkhiqizo wabo. Nakuba ibhizinisi lakhe lobuchwepheshe linonyaka kuphela, selisize abalimi abangaphezu kuka-40 ngemali nangolunye usizo olungathinti imali.
UNksz uMokgalaka utshele i-Vutivi News ukuthi inkampani yakhe isiza abalimi behlise ubungozi emabhizinisini futhi yenze bakwazi ukuheha abatshalimali ngendlela okuthiwa yi-crowdsourcing investment. Uqashe ithimba lochwepheshe akholwa wukuthi libalulekile ekuphumeleleni kwenkampani yakhe nabalimi abasizayo.
“Sibheka ukuthi ibhizinisi lidinga ini bese siqinisekisa ukuthi uma sikufaka kwiziko lethu usukulungele ukusebenzisa i-crowdsourced investment ngendlela efanele.
“Uma sesiqedile ukunciphisa ubungozi, umlimi simfaka kwiziko lethu lapho simtholela khona abatshalimali,” kusho yena.

Ngokusho kukaNksz Mokgalaka uhlelo lwe-data analytics luyindlela yokuqoqa, ukuguqula nokuhlela ulwazi ukuze kubonakale iziphetho, kuqagelwe okungenzeka bese kuba nendlela yokwenza izinqumo ezifanele, yindlela ebaluleke kakhulu ekutheni ezolimo ziphumelele. UNksz uMokgalaka ukholwa wukuthi into eyenza ibhizinisi lakhe lihluke kwamanye wukuthi unethimba lochwepheshe abaqoqa ulwazi, ama-data scientist.
“Ukwenza kwethu izinqumo silekelelwa ulwazi kuqinisekisa ukuthi sisiza amapulazi kusuka ekuqaleni, kuze kufike lapho ephumelela khona ukuthola abatshalimali,” kuchaza yena.
IPuno Greenery iqashe abantu abawu-12, nakuba kwaba nzima ukuthi athole abantu abafanele ukuthi bamsebenzele. Ngesikhathi eqala ibhizinisi lakhe eGoli, eGauteng, wazama ukunika abantu izabelo ukuze basebenze enkampanini yakhe. “Ngazama ukunika abantu abaningi izabelo ukuze bangisebenzele, ngiyajabula ukuthi banqaba ngoba ngabe angiyena umnikazi wenkampani yami ngokuphelele.
“Ngaphinde ngabona ukuthi babengenalo iphupho elifana nelami ngenkampani. Ngokwami kubalulekile ukuba nethimba engingalethemba ukuthi lisebenzisane nabatshalimali nabalimi. Manje ngiyaziqhenya ngokuthi ngiqashe ithimba lezisebenzi ezisanda kuthweswa iziqu, kuyangijabulisa nokuthi ngikwazi ukuhlinzeka abantu abasanda kuphuma enyuvesi ngomsebenzi,” kusho yena.
IPuno Greenery isilekelele abalimi abawu-42 ukuthi bahlanganise imali engaphezu kuka-R130 000.
“Inhloso wukuthi sifike esigabeni lapho khona abalimi bethu abancane, abaneminyaka ngeminyaka belima, abanesipiliyoni, bekhula ukuze bakwazi ukulimela ukudayisa basize nezwe liyeke ukuthenga ukudla esinawo umhlaba wokuzitshalela wona kwamanye amazwe,” kuphetha uNksz uMokgalaka.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

