Nakuba akhula efisa ukuba wumlimi, ufundele omunye umsebenzi ogcine ephelele ekulimeni. Manje uthemba imvula ngezithelo zomhlabathi. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUNGAWUTHOLI umsebenzi ngemva kokuwufundela kumenze wakhumbula uthando lwakhe lokutshala. UNksz uBongiwe Mchunu waseShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natali, uqale ukulima ngo-2021 emva kokuphothula iziqu zokuba wunjiniyela kagesi.
Ngale kothando lwakhe lokulima, uNksz Mchunu, umsunguli weMayine Agricultural Farming, wacela enkosini yaKwaMaqhwakazi umhlaba azowulima ngoba efuna nokunciphisa isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika.
Uthi ukutshala yinto ayithanda esemncane ngesikhathi enza ezolimo esikoleni samabanga aphezulu wanquma ukufundela ukuba wunjiniyela asebenze kancane ukuze abeke imali yokuqala ibhizinisi. Nokho akazange alithole ithuba lokusebenza, okumsize washeshe wakwazi ukufeza isifiso sakhe sakudala.
“IMayine Agricultural Farming noma (ukuthi) Mayine kuchaza ukuthi mayine imvula yezibusiso. Ngesikhathi ngiqala ibhizinisi lami ngazitshela ukuthi lizokuna nakumina.
“Umdeni wami ungiseka kakhulu kangangokuthi yiwona owathenga kuqala i-butternut ibhizinisi lisavulwa. Manje (abakithi) basiza kakhulu uma kuyisikhathi sokutshala, isikhathi sokuvuna noma sekumele siyodayisa bahlale bekhona,” kusho yena.
Amanye amaveji akhiqizwa eMayine Agricultural Farming wubhontshisi, iklabishi namakhowe. Badayisela imakethe yaseThekwini neKwaZulu-Natali yonke.

UNksz uMchunu uthi ibhizinisi lakhe lalahlekelwa wumkhiqizo kaR70 000 ngenxa yezikhukhula ebezingo-Ephreli kodwa akaphelanga amandla, kunalokho ufunde ukubaluleka kokuba nomshwalense webhizinisi.
Inhloso yakhe iyafezeka kancane kancane njengoba eqashe izisebenzi eziyisikhombisa ebhizinisini, ezintathu ezisebenza ngokugcwele kanti ezine ziba khona uma kuyisikhathi sesivuno.
UNksz uMchunu uthi ukutshala yinto edinga uthando, kungcono umuntu angakuqali nokukuqala uma engenalo uthando lwakho.
Umyalezo awudlulisela kubantu besifazane iNyanga yabaNtu beSifazane isizophela uthi: “Asisoze saba khona isikhathi esikahle sokuqala. Okubalulekile wukuqala ngonakho, ukwesekwa uzokuthola ngokuhamba kwesikhathi. Ungavumeli izinkinga zendlela zikwenze udangale. Xhumana nabanye abalimi, wenze isiqiniseko sokuthi ukhiqiza izitshalo ezisezingeni eliphezulu.”
Ufisa ukuba nepulazi elizokwazi ukukhiqiza izitshalo ezizoya kwezinye izifundazwe eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe ase-Afrika.
Facebook: @mayine_agrifarm_sa
Instagram: @mayine_agrifarm_sa

