Usomabhizinisi uMnu uSandile Zungu uthembisa okusha njengoba engenele ukhetho lokuba wusihlalo we-ANC KwaZulu-Natali

Isithombe: wuSlindile Khanyile

Owaziwa ngamava kwezamabhizinisi uthembisa uku‘takula’ uKhongolose KwaZulu-Natali. USLINDILE KHANYILE uyabika

UKHULUMA izinto ezingayisa izwe phambili usomabhizinisi osenqume ukungena ngokugcwele kwezombusazwe. Kepha mukhulu umsebenzi ohlalele uMnu uSandile Zungu ngoba inhlangano ebusayo i-ANC ingcole kusuka phezulu.

Basho kanje abahlaziyi bezepolitiki ngesinqumo sikaZungu sokungenela ukhetho lokuba wusihlalo we-ANC KwaZulu-Natali. Lolu khetho oluqala kusasa luzokhetha ubuholi obusha bale nhlangano esifundazweni.

Azobanga nabo wuNdunankulu uMnu uSihle Zikalala noNgqongqoshe wezeziMali esifundazweni uNkk uNomusa Dube-Ncube.

UZungu, owusihlalo weZungu Investment Company (iZico) neqembu lebhola AmaZulu, uthi usecelwe ngabantu abaningi emagatsheni ehlukene ale nhlangano esifundazweni ukuthi angenele ukhetho. Uthe abantu baqala ukukhuluma naye ngoDisemba. 

UZungu uqambe umkhankaso wakhe ngokuthi yiFresh Approach, okusho ukuthi uza nendlela entsha yokwenza izinto.  “Abantu bafuna ushintsho. Izinto zonakele ngale ndlela yokuthi  wonke umuntu ufuna kube khona okwenziwayo. Nginethemba elikhulu ukuthi izinto zisengalungiseka. Wonke umuntu ufuna ukubona i-ANC ibumbene… umsebenzi wokuqala engizowenza (uma ngiphumelela), wukuhlanganisa i-ANC.

“Inselelo enkulu ebhekene ne-ANC wukuthi kungabe izowudla yini umhlanganiso okhethweni lwango-2024. Bonke abahlaziyi nezinkomba kuveza ukuthi kuyehla ukwesekwa kwayo esifundazweni futhi uma kuqhubeka ngo-2024 siyobe siyinhlangano ephikisayo. Sikhathazekile ngokuthi uma siphunyukwa yizintambo zombuso kuzosiphuca ithuba lokwenza impilo yabantu ibe ngcono,” kusho yena.

Sekuneminyaka kwehla ukwesekwa kwe-ANC uma kunokhetho. Ngonyaka odlule okhethweni lohulumeni bezindawo, le nhlangano yathola amavoti awu-46%, nokwakuqala ukuthi ithole amavoti angaphansi kuka-50%.

UZungu owaqala ukuba wusomabhizinisi ngo-2002 uwuSihlalo weZico, inkampani enamasheya ezimbonini ezifana neyokushicilela, izimayini, ezokuvikela, ezokudla nezinye. Uke waba wumengameli wenhlangano yosomabhizinisi abamnyama iBlack Business Council.

Ngenkathi eqinisekisa isinqumo sakhe sokungenela ukhetho lwe-ANC, ubalule inqwaba yezinto athe zidinga ukulungiswa ngaphakathi enhlanganweni njengendlela okuqokwa ngayo abaholi, athe ukuba nezithunywa zengqungquthela akuhlale kufeza izidingo zabantu.

Ubalule nezinye izinto athi zidinga ukulungiswa emnothweni waseKZN njengoba ekhale ngezinto ezifana nokuvalwa kweSapref, ukuthutha kwamahhovisi eTransnet National Port Authority, umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust Fund, athi kufanele ngabe usetshenziswa kangcono ukuthuthukisa umphakathi nokuntuleka kwemisebenzi entsheni.

UZungu ukhale nangeminye imigomo efana nokuthi kuncishiswe ukusetshenziswa kukagesi ophehlwa ngamalahle, nathi nakuba kuyimigomo emihle kodwa akufanele kuthathwe ngamawala ngayo kuze kulimale umnotho.

USolwazi uBheki Mngomezulu uthi kuningi okuvuna uZungu futhi izinto aziphakamisayo zingalisa phambili izwe njengokushintsha indlela okuqokwa ngayo abaholi kwi-ANC nokuvuselela ukusebenza kwezimboni eKZN.

Isasasa ngokungena ngokugcwele kukaZungu kwipolitiki kucishe kufane nangenkathi uMengameli uCyril Ramaphosa eqokelwa kulesi sikhundla kodwa okuthe ngokuhamba kwesikhathi abanye baphoxeka.

UMngomezulu uthe kunomehluko phakathi kukaZungu noRamaphosa. “URamaphosa akaqalanga kahle zisuka ngokukhuluma ngokuthi kuneminyaka eyisishiyagalolunye eyalahleka. Wayekuphi yena njengephini likamengameli we-ANC nowezwe? Iphini likamengameli wezwe yilona eliwumholi wamabhizinisi kahulumeni. Ngabuza nangesikhathi ekhuluma ngeNew Dawn ukuthi ivela kuphi ngoba kwi-ANC kuba nengqungquthela yokubeka imigomo bese kukhethwa abaholi, ngakho umholi usuke ezoqhuba le migomo esibekiwe. Wakhuluma nangokuvuselela kodwa ngabe i-ANC isingcono manje kunangesikhathi sikaZuma?

“Ukuba nemali akusona isiqiniseko sokuthi ngeke konakale kodwa uZungu akushoyo nakwenzayo ukwenza eyingxenye ye-ANC kuyona, hhayi yedwa,” kuqhuba uMngomezulu.

UZungu uthi uma ephumelela futhi i-ANC ivuma angathanda ukuthi abe wusihlalo wenhlangano kodwa angabi nasikhundla kuhulumeni. Uthi uyazi ukuthi ukuba wusihlalo esifundazweni sekwamukeleka ukuthi lowo muntu uba wundunankulu ngoba kuthiwa kubalekelwa ukuthi kungabi nomdonsiswano wokuphatha.

UDkt uProtas Madla uthi empeleni lena yiyona ndlela yokwenza izinto futhi kuningi okuhle ngayo ngoba kungasho ukuthi usihlalo ugxile ezintweni zenhlangano kuthi omunye anake ezikahulumeni.

“Izinhlangano eziningi zenza kanjalo futhi izinto zihamba kahle,” kusho yena.

Uthi kucacile ukuthi i-ANC izama okuhlukile ngoZungu ngoba inovalo lokuphunyukwa yizifundazwe ngo-2024. Nokho uthi akazi noma kwanele yini loku ‘ukuzotakula umkhumbi ocwilayo’.

“Kunzima ngoba inhlangano ibole kusukela phezulu. Angazi noma kufanele kwenzeke loku okwashiwo wuMotlanthe (uMnu uKgalema) ukuthi kungcono i-ANC ike ihlulwe kanye okhethweni ukuze izovuka emaqandeni.

“Ngikholwa wukuthi isifundazwe siwinwa komasipala kanti uma ubheka okhethweni lomasipala (ngo-2021), i-ANC iphunyukwe yinqwaba yomasipala, nokuyiyona nselelo enkulu,” kusho uMadlala.

Abanye osomabhizinisi abasanda kungena ngokugcwele kwezombusazwe ngoMnu uPhilani Mavundla, uGayton McKenzie noKenny Kunene. Abanye njengoRamaphosa, uMnu Tokyo Sexwale baphuma bengena kwipolitiki.

Kazi iyozala nkomoni okhethweni ngamathuba endlela entsha yokwenza izinto?

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page