ONksz uMpho Serabele noDimakatso Ngoveni, abanikazi beTwin Chicks yaseNorth West

Izithombe: Zithunyelwe

Abalimi baxoxa ngamasu abasizayo ukumelana nokucinywa kukagesi. Baxoxe noTEBOGO MOKWENA

NAKUBA kujwayelekile ukuzwa ukuthi amabhizinisi amancane ayasokola futhi aze avalwe ngenxa yokucinywa kukagesi, amanye awo athola izindlela zokungaphinde athembele kugesi.

Ipulazi lezinkukhu eliseNorth West, iTwin Chicks, elinamakhasimende eGoli nase-Ekurhuleni, eGauteng, neliphethwe ngabangani oNksz uMpho Serabele noDimakatso Ngoveni, lingelinye lalawo mabhizinisi. ONksz uSerabele noNksz uNgoveni batshele i-Vutivi News ukuthi sebethole ezinye izindlela ezivala isikhala sikagesi njengezishisisi ezisebenza ngegesi, izibani ezisebenza ngogesi welanga, ama-bio brick nembawula.

Lezi zindlela zibasizile babhekana nokucinywa kukagesi. UNksz uNgoveni uthi bekufanele ukuthi baqhamuke nezindlela ezintsha ukuze balungiselele ukucinywa kukagesi, kwesinye isikhathi okuphela amasonto kuqhubeka. Uthi bese bazi ukuthi ebusika kuba mandla ukucinywa kukagesi, nokuyinkinga enkulu kubafuyi bezinkukhu, abanezinkukhu ezidinga ukufudumala ukuze ziphile.

Uthi kudingeke ukuthi bathenge amalahle amaningi, abiza uR130 isaka ngalinye, asetshenziselwa ukubasa imbawula ukuze izinkukhu zifudumale ebusuku. Bathola nezindlela zokumboza amahhoko ezinkukhu ukuze kuvaleke amawindi.

“Ama-bio-brick ayasiza kakhulu ekulekeleni amalahle, nakuba esha ngokushesha kunamalahle. Sibuye sisebenzise izishisisi zegesi uma kuyisimo esiphuthumayo, isigubhu segesi esincane sibiza uR270,” kusho uNksz uSerabele.

“Sibeka namapulangwe phansi ngaphambi kokubeka izinkukhu ukuze zingakutholi ukubanda okusuke kuphansi. Sizama ngazo zonke izindlela manje ukuqinisekisa ukuthi azifi izinkukhu zethu,” kusho uNksz Serabele.

Bendlala amapulangwe ehhokweni ukufudumeza izinkukhu

UNksz uSerabele uthi nakuba lezi zindlela zibasizile kodwa bezidinga imali futhi bezifuna ukwenziwa njalo ukuze amahhoko ahlale efudumele. “Umphathi wepulazi lethu uzinikele emsebenzini wakhe, uyaqinisekisa ukuthi izinkukhu zifudumele, ikakhulukazi amatshwele anezinsuku ezinhlanu kuya kweziwu-12 echanyiselwe.”

UNksz uNgoveni uthi: “Kwesinye isikhathi umphathi ubelala khona ehhokweni lezinkukhu ngoba amazinga okushisa ehla kakhulu phakathi nobusuku, kumele abekhona ukuze agcine amazinga okushisa esesimweni esifanele.”

UNksz uNgoveni uvumile ukuthi lezi zindlela azishibhile. “Siyabonga ukuthi sinemisebenzi esilekelelayo ngokuthi sikwazi ukunakekela ibhizinisi lethu kodwa sibhekene nokunyuka kwamanani ezimpahla nokwehlisa amandla emali, ukunyuka kukaphethroli namanani okudla, okuwubhubhane ngokwakho,” kusho yena.

UNksz uNgoveni uthi uyafisa uhulumeni ake acabange izindlela zokuxhasa abalimi abasafufusa njengabo ukuze bezokwazi ukulungiselela ubusika. Uthi kubi kakhulu kwamanye amabhizinisi amancane angafani nabo angakwazi ukulungiselela ukucinywa kukagesi njengabo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page