Sekuphase izicelo zomshwalense zikaR24bn zokukhokhela umonakalo wokutapa ngoJulayi. INTATHELI YOMBELE iyabika

UMSHWALENSE kahulumeni ohlinzekela izibhicongo iSouth African Special Risk Insurance Association (iSasria) usukhokhe uR24 billion, okuwu-80% wezicelo ezafakwa ngamakhasimende okwacekelwa phansi izimpahla zabo ngenkathi kutatshwa ngoJulayi ngonyaka odlule.
Esitatimendeni sayo le nhlangano, ithe ezicelweni eziwu-21 000, kusele eziwu-6 800 nezenza uR7bn.
Isikhulu esiphezulu eSasria, uMnu uMpumi Tyikwe, sithe: “Lo nyaka odlule awugcinanga ngokuba nzima kuphela kodwa ubufuna ukuthi siyinhlangano sicabange ngendlela ehlukile, siqhamuke nezisombululo ukuze kusizakale kahle izinhlaka zethu nawo wonke amakhasimende ethu.
“Siyawazi sonke umonakalo owadalwa yizibhelu emnothweni nakwingqalasizinda yethu. Nakuba lokhu sekudlulile, siyadinga ukubuka kukona, sihlele kangcono sifunge ukuthi ngeke kuphinde kwenzeke. Siyazi ukuthi abantu banelungelo lokubhikisha kodwa siyabanxusa ukuthi babhikishe ngendlela efanele.
“Kuyasigqugquzela ukubona izinhlaka zokugcina umthetho zisebenzisana njengoba sisebenzela ukuthi singaphinde sizithole sisemweni esinjena. Siyimboni yomshwalense sesiyibonile imininingwane emayelana nabasanda kuboshwa ekhishwe yiqoqo lokuNqanda ubuGebengu nelezokuPhepha. Sizoqhubeka sisebenze nazo zonke izinhlaka,” kusho yena.
Ekutapeni kwangonyaka odlule kwacekelwa phansi ingqalasizinda, kwatatshwa ezitolo. Lo monakalo wadlula nemiphefumulo yabantu abawu-354 kanti umonakalo waba wuR50bn.
UTyikwe uthi iSasria isesimweni esithembisayo ngokwezimali njengoba inemali eyanele eyidingayo njengomlawuli. Uthe lokhu kusho ukuthi isingagxila ekuhleleleni ukunciphisa ingozi ngomuso ukuze ihlale ikulungele ukubhekana nesimo esingafana nalesi esibi esehla ngo-2021.
Uthi kuyishwa ukuthi kudingeke ukuthi umNyango wezeziMali ubafakele uR22bn ukubalekelela ukuthi bakhokhele izicelo ebezifakiwe.

