Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele umrepha futhi ongumlingisi uBandile ‘Dr Bone’ Maphalala. Udlala indawo kaXolani Chiliza kwiSifiso. Leli ciko lidume ngengoma ethi Fak’umoya nethi KwaZet

Usemncane wawuphiwa yini imali?
Bengiphiwa uma ngiya esikoleni kodwa ethe xaxa ubaba ubengifunela umsebenzi engizowenza egcekeni ukuze ngiyithole.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Angisawukhumbuli kahle unyaka kodwa ngayivula ngisadansa kumaRaffifi ngoba sasijwayele ukuwina imali enkulu. Ngicabanga ukuthi ngayivula ngoR1 000 eStandard Bank.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ukuthi imali iyasetshenzelwa, awuvele uyithole nje. Nokuthi imali iyahlonishwa. Uma usuyitholile kubalulekile ukugwema ukuyisebenzisa noma yikanjani.
Uqale nini ukusebenza futhi kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Umlungu angikaze ngamazi ngoba bengizisebenza ngezindlela ezihlukene kodwa umsebenzi wokuqala engawenza wafaka amasenti ephaketheni kwaba yi-street bash engangisenza uma kuphela inyanga eNtuzuma. Kwakusondele la koR8 000 uma umcimbi usuphelile.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Angisiye umuntu odla okotini ababizayo noma othanda ukugcwala iziganga uma enemali. Ngangithenga izinto ezibabulekile nje ekhaya nokwenza igumbi lami libe lihle.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ukushintshela uMama i-ceiling ngafaka entsha.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Ukutshala imali ezinkampanini eziyikhulisayo ngaphandle kokwenza ucwaningo olwanele ngaleyo nkampani.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ‘ebhanoyini’?
Kunjalo impela. Ngake ngabhayiziseka.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi imali yinhle, yimbi. Iyahlonishwa ukuze izokusebenzela.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?
Ngingayovusa ipulazi lakithi eBergville bese ngakha izindawo zomtapo wolwazi ezikoleni zamabanga aphansi engangifunda kuzo, eSibavane eBergville naseSandasonke eNtuzuma.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Kulo mkhakha ikusasa kalaziwa. Namhlanje uyashisa, kusasa uyabanda. Kubalulekile ukuzama ukuthi kube namabhizinisi aseceleni noma utshale imali ngokuthenga amasheya ezinkampanini ezithize ukuze kuzoba nemali engenayo eceleni.
