Abadilizwa emsebenzini sebeziphilisa ngefenisha yangaphandle ‘kaNokusho’. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

ISINTU sithi ukuwa indlu wukuvuka kwenye. Kube njalo nakuMnu uThabani Radebe nobangani bakhe beminyaka ngemva kokudilizwa emsebenzini ngo-2021.

Usevuna izithelo owalalela umyalelo kanina ‘owamfunza’ ukufunda ezolimo. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

KUYENZEKA abazali bafisele abantwana babo ukuthi bakhule balandele imikhakha ethile, mhlawumbe ngoba bethanda leyo mikhakha bebona ibafanele noma ingabasiza babenekusasa eliqhakazile.

Ulekelela indawo yangakubo ngamanzi ochuma emkhakheni angawufundelanga. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUDILIZWA emsebenzini nokuphela kwamanzi ngakubo kugqugquzele usomabhizinisi waseSikhawini, enyakatho yeKwaZulu-Natali, ukuthi asungule ibhizinisi elikhiqiza futhi lidayise amanzi asebhodleleni.

Isithukuthezi sokuvalwa kwezwe samnika umqondo webhizinisi lokwakha izindlu. Uxoxe noLUNGI LANGA

ZOLO loku ubengakwazi nokubamba isando. Kepha isifiso sokuzibona ekwazi ukuzilungisela ikhaya lakhe ngaphandle kokuqasha abantu simenze waphumelela ukusungula ibhizinisi lokwakha izindlu zamapulangwe zikanokusho.

Ukuswela imali yokuqhubeka esikoleni kwamholela ebhizinisini lokwenza umsebenzi awufundisa wunina. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUNGALITHOLI ithuba lokufunda ngemva kokuqeda uMatikuletsheni kumenze  wasebenzisa ikhono alifundiswa wunina ukuziphilisa. 

Bathuthukisa abafisa ukungena kwezolimo ngolwazi nangezinsizakusebenza. UNQOBILE NDLOVU uyabika

SELUNEMINYAKA ewu-14 uhlelo lukaMasipala waseThekwini, KwaZulu-Natali, lokuthuthukisa nokukhuthaza ezolimo kuleli dolobha.

Awupheleli emalini kuphela umsebenzi wabacwaningimabhuku. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMSEBENZI weHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele akufanele uphelele ekucwaningeni amabhuku nasekushicileleni imibiko ngendlela imali kahulumeni esetshenziswa ngayo kodwa kufanele liwasebenzise amandla elinawo ukuze umsebenzi walo ushintshe izimpilo zezakhamuzi zaseNingizimu Afrika. 

AbeSefa bebezitamuzela emalini okufanele isize amabhizinisi asafufusa. U-ANNA MAJAVU uyabika

KUNENQWABA yezisebenzi zeSmall Enterprise Finance Agency (iSefa) ezisolwa ngokuntshontsha uR30 million obekufanele uxhase osomabhizinisi abasafufusa.

I-McDonald’s iphucula izimpilo zabafundi eThekwini. INTATHELI YOMBELE iyabika

KUFANELE abantwana balekelelwe ukulungiselela ikusasa labo kanti enye yezindlela zokukwenza loko wukubacija ngamakhono okusebenzisa amakhompyutha kwazise nesikhathi okuphilwa kusona sisebenzisa ubuchwepheshe kakhulu.

Ubugebengu nemigomo kahulumeni wasekhaya kukhinyabeza osomabhizinisi abasafufusa, kusho ucwaningo. U-ANNA MAJAVU uyabika

OSOMABHIZINISI abasafufusa abasebenzela kuMasipala iRaymond Mhlaba, eMpumalanga Kapa, bathi inkinga enkulu ababhekene nayo wubugebengu nendawo yokusebenzela engaphephile.

Kukhunjulwe isishabasheki sokuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane. ULANGA KHANYILE uyabika

UBEBUKHALI, eyisifundiswa, enobuntu, enesibindi, eyivulandlela, ethanda intuthuko yomphakathi, ewumKhatholika wokuqina futhi ethanda umndeni wakhe.

Baqhamuke neziko lobuchwepheshe elikhulula abazali uma bethumela abantu ukubalandela izingane esikoleni. Uxoxe noKELETSO MKHWANAZI

BAYINKAMPANI esebenzela ukuqinisekisa ukuthi izingane ziphephile. I-PasswordKid inqanda ukuthunjwa kwezingane ngokuqinisekisa ukuthi zilandwa ngabagunyaziwe ezinkulisa nasezikoleni zamabanga aphansi.

Kuyaphela ukufana nomuntu othusa ngenyoka efile kweBrics, kusho izingqapheli. USLINDILE KHANYILE uyabika

SEKUZOQALA kubonakale imiphumela emihle ngokuba khona komfelandawonye wamazwe eBrics njengoba sekunezivumelwano sokuthi la mazwe azosebenzisa imali yasemazweni awo futhi kuzokwengezwa nesibalo samazwe akule hlangano.

Ukunconywa wuthisha esemncane kwamholela emkhakheni wokubhala owujikelele kwezokukhangisa, ukushicilela nobuntatheli. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

OMUNYE wothisha ababemfundisa isiNgisi esikoleni samabanga aphezulu wancoma indlela abhala nacabanga ngayo. Loko kwamvula amehlo wazibona ukuthi kanti kukhona into enhle akwazi ukuyenza.

Sesifikile futhi leso sikhathi sendumezulu yombukiso wamabhizinisi eThekwini. INTATHELI YOMBELE iyabika 

KWETHULWE ngokusemthethweni umbukiso othuthukisa amabhizinisi amancane owengamelwa umasipala waseThekwini, iDurban Business Fair (iDBF) izolo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page