UNkk uMary Vilakazi, uyisikhulu esiphezulu esisha eFirstRand, uzoqala ngo-Ephreli ngo-2024. Isithombe: Sithunyelwe

Izinguquko ezinqala eFirstRand esizoholwa ngowesifazane omnyama. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUQOKWE isikhulu esiphezulu esisha nokungesokuqala sesifazane eFirstRand uNkk uMary Vilakazi. Uzothatha izintambo kuMnu u-Alan Pullinger ngo-Ephreli wango-2024. 

UNkk uVilakazi, oyi-group chief operating officer, ufike kule nkampani engabanikazi beFNB neRand Merchant Bank ngo-2018, esuka eMMI Holdings, lapho ephathe khona izikhundla zokuba yisikhulu esiphezulu sezimali nephini lesikhulu esiphezulu. 

Ungesinye sezikhulu ezisebenzisana noPullinger ukwengamela amaqhinga ale nkampani futhi uyisikhulu esiphezulu se-Corporate Centre eyengamele iminyango ebheke ubungozi, ukuqikelela ukuthi le nkampani iyayihlonipha imithetho, owomgcinimafa nokucwaninga amabhuku.

Ephawula ngokuqokwa kwakhe, uNkk uVilakazi uthe: “Kuyangijabulisa ukuthenjwa ngokuhola enye yezinkampani ezinkulu ezihlinzeka ngemali futhi eyenza inzuzo e-Afrika. Ngesikhathi ephethe u-Alan, ubewumholi ofakana ugqozi futhi ngiyabonga ukuthi ngisebenze naye nethimba lonke. Ngithatha izintambo ngesikhathi lapho izinto zihamba kahle yonke indawo. Izinto ezenza iFirstRand ihluke futhi idlule ontanga bayo zisimeme.”

UNkk uVilakazi wake wasebenza ePwC naseMSG Group kanti wake waba yilungu lebhodi eMMI Holdings, eKagiso Media naseHoldsport Holdings. 

U-Pullinger uneminyaka ewu-26 esebenzela le nkampani, lapho ephathe khona izikhundla ezihlukene. Waqokwa ukuba yisikhulu esiphezulu ngo-2018.

Uthe: “Ithimba labaphathi baseFirstRand linohlonze okusho ukuthi ukushiya njengesikhulu esiphezulu nazo zonke ezinye izinguquko ezizokwenzeka ngenxa yalesi sinqumo yinto eyenzeka kalula. Sineminyaka sisebenza ndawonye sibambisene futhi sifukulana.” 

Ezinye izinguquko ezimenyezelwe yile nkampani ezokuthi uMnu uJacque Celliers uyadeda ekubeni yisikhulu esiphezulu seFNB emva kweminyaka ewu-10 ephethe lesi sikhundla. Usezokwengamela iqhinga lale nkampani le-fintech. 

Isikhala sikaCelliers sizovalwa wuMnu uHarry Kellan, obeyisikhulu esiphezulu sezimali eFirstRand. UMnu uMarkos Davias uzongena ezicathulweni zikaKellan. 

UMnu uGideon Joubert uzothatha izintambo kuDavias, esakhe isikhala sivalwe wuNks uTaufeeqa Waja. 

Usihlalo waleli bhodi, uMnu uRoger Jardine uzoshenxa ekupheleni kukaNovemba kanti usihlalo omusha wuMnu uJohan Burger.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page