UNksz uNontokozo Mdletshe, umnikazi weSanvitalia Agric Enterprise yaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Usevuna izithelo owalalela umyalelo kanina ‘owamfunza’ ukufunda ezolimo. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

KUYENZEKA abazali bafisele abantwana babo ukuthi bakhule balandele imikhakha ethile, mhlawumbe ngoba bethanda leyo mikhakha bebona ibafanele noma ingabasiza babenekusasa eliqhakazile.

Kube njalo nakuNksz uNontokozo Mdletshe, umnikazi weSanvitalia Agric Enterprise, owaphoqwa wunina ukuthi akhethe umkhakha wezolimo esefunda u-Grade 10 ngoba ekholwa wukuthi ungamsiza akwazi ukuziphilisa uma kwenzeka engawutholi umsebenzi.

Le nkampani uyiqale etshala amaveji engxenyeni yepulazi aliqashile eMgungundlovu, KwaZulu-Natali. Ugxile kwispinashi, utamatisi, u-lettuce no-pepper ngoba yikona okuvumayo kulo mhlaba oyihekthare alima kuwona.

Ngemva kokuphothula uMatikuletsheni ngakubo eMtubatuba, enyakatho yeKZN, wenza i-Bsc in Agirculture: Agronomy e-University of Zululand. 

Uthi: “Ngaphothula izifundo zami ngo-2018, ngase ngithola umsebenzi kwenye yezinkampani edayisa amaveji nemikhiqizo yezolimo eseMgungundlovu ngo-2019. Ngifunde okuningi kuyona ngomkhakha wezolimo.”

Konke bekuhamba kahle kule nkampani futhi engacabangi kwakukucabanga ukuqala ibhizinisi. Kushintshe sekubhoke iCOVID-19 nezibhelu zokutapa ezitolo ngo-2021.

“Ngenxa yokuthi bese nginesikhathi eside ngisebenzela le nkampani futhi nabantu abaningi sebengazi, kwathi sekunenkinga yokutapa abantu bangifonela becela ngibalethele amaveji ehlukene emakhaya ngoba bengakwazi ukuya ezitolo ngenxa yokushuba kwesimo ezweni ngaleso sikhathi.

“Yilapho engibone khona ukuthi ngingakwazi ukuzenzela ibhizinisi ngakho, ngoba sanda isibalo sabantu ababefuna ngibadayisele izinhlobo zamaveji eMgungundlovu namaphethelo. Ngagcina ngisula emsebenzini ngonyaka odlule ukugxila ebhizinisini ngokugcwele,” kusho yena.

Siklepezela sibe nje ispinashi seSanvitalia Agric Enterprise

UNksz uMdletshe akagcini ngokudayisa amaveji kodwa uba nanezigcawu zokucobelela intsha ngolwazi ngemboni yezolimo. 

“Ubufakazi bokuthi ezolimo ziyindlela engcono nongayethemba yokuziphilisa ngikubone ngami, buka nje ukuthi ibhizinisi engiliqale ngoR150 selithela izithelo kanjani, futhi liloku lichume njalo.”

Le ntokazi, esanda kuklonyeliswa ngendondo i-Emerging Entrepreneur of The Year kumaSebenza Women Awards, ithi akukho okuzoma endleleni yayo eya empumelelweni kulo mkhakha.

“Ngifuna ukuthenga ipulazi engizosebenza kulona ngokukhululeka bese ngiqhubeka nokucija abantu ngezolimo,” kuphetha uNksz uMdletshe.

  • Facebook: Sanvitalia Agric. Enterprise
  • Instagram: sanvitalia_1

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page