Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noLungile Masondo, umculi we-afro pop owaziwa ngelikaB.L.U.E Nyambose. Ugqame ngengoma ethi Induk’ Enhle
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo, ngangiphiwa kodwa hhayi njalo.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wayivula kuliphi?
Ngaqala ngenza unyaka wokuqala enyuvesi ngo-2018, ngayivula eNedbank.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngikhumbula ukuthi kusukela ngisemncane ngangithanda ukuzimela, ngidayisa uswidi esikoleni ukuze ngibe nemali, yize ngangibuye ngiyimoshe ngezinto ezingenasidingo.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqala ngenza unyaka wesibili eNyuvesi yaKwaZulu-Natali, ngisebenza ePie City owawungaphakathi eNyuvesi. Umholo wami wokuqala kwaba wuR860.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Yize ngingasakhumbuli kahle kodwa ingxenye yawo ngayithumela ekhaya ukuthi babone benzanjani ngawo.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukukwazi ukuzimela nokuzenzela izinto engizithandayo ngemali yami.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukungakwazi ukuyibeka nokubolekisa ngayo, abanye abantu bagcine bengasayibuyisi ngesikhathi.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Cha, angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Esokuthi ukwenza imali kudinga imali ukuze yenzeke.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingaqala ngokulungisa ikhaya, ngithuthukise amabhizinisi ami bese esalayo ngiyibekela indodakazi yami enonyaka izelwe.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi abasebenzise imali ngendlela efanele ukuze bangasokoli uma ingekho engenayo ngaleso sikhathi.
- WuSimangaliso Ntshangase