MKHULU umnotho okhona ngenxa yamabhayisikili odinga ukuvukuzwa nasemalokishini ngoba ungasetshenziswa ukuthuthukisa lezi zindawo futhi uvule namathuba emisebenzi.
ABATHENGI baye babuke uBlack Friday njengosuku lokonga imali ngenxa yokuthi izinto zisuke zishibhile, ikakhulukazi labo abasuke befisa ukuthenga izinto ezinkulu njengefenisha nezisebenza ngogesi.
UNYAKA ovele usihlukumezile awupheli kahle, kunaloko uphela kabuhlungu uma kubhekwa imalimboleko enqunywa yiMonetary Policy Committee (iMPC) yeBhange loMbuso enqume ngesonto eledlule ukungayiguquli imalimboleko; njengoba lithe izoqhubeka ihlale ku-3.5%, nokusho ukuthi unyaka wonke iyehlise ngo-275 basis points noma ngo-2.75%.
NGAPHAMBI kokuthi singene shi ekuthini uthini umthetho wezokunukubeza ngokocansi enkampanini, ake sichaze kabanzi ukuthi yini ukunukubeza ngokocansi.
UMNYANGO wokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane, ngokubambisana neNedbank, usuzibophezele ekulekeleleni abadayisi bezithelo nemifino abawu-40 000 ngoR40 million ukuvuselela amabhizinisi abo.
UMENGAMELI uCyril Ramaphosa usekuqinisekisile ukuthi uNksz uTsakani Maluleke uzoba wuMcwaningimabhuku-Jikelele kusukela ngoDisemba 1 kuze kuphele iminyaka eyisikhombisa, isikhathi abanikwa sona abahola leli hhovisi.
WAQALA ebamba itoho lokuqhubela abantu izinqola esitolo esidayisa ukudla usondonzima kasomabhizinisi osenoxhaxha lwamagaraji kaphethroli.
UKHETHE ukwenza ibhizinisi lakhe umahambanendlwana ukuze enze lula impilo yamakhasimende akhe onebhizinisi lokuhlanza izinto ezihlukene iKhangs Deep Cleaning.
IBHANGE loMbuso linqume ukungayishintshi imalimboleko njengoba lithe izoqhubeka ibe ku-3.5%. Leli bhange lithe iseyinde indlela esazohanjwa ukuzama ukuvuselela umnotho okhahlanyezwe wukubheduka kweCOVID-19.
EMVA kwesikhathi eside begqigqa izitolo ezidumile bengayitholi imikhiqizo enakekela izinwele zabo ngendlela, abesifazane ababili abasebancane banquma ukuzishaya phansi izinwele zabo ababengasazithandi.
IBHIZINISI lokwenza ubucwebe lidinga ukuthi ube nothando olujulile lobucwebe kanjalo nobuciko. Lawa ngamazwi kaMnu uBilly Dlamini oseneminyaka enza ubucwebe.
U-SOCRATES wathi: “Ushinto ngeke ulugweme, ngakho into engcono wukuluhlelela.” Wumbono omuhle kodwa ababaningi abantu emhlabeni abebengazilungiselela iCOVID-19 nazo zonke izinguquko ezinqala efike nazo.
ONKE amabhizinisi akhona namhlanje aqala njengomcabango. Namhlanje ngithanda sikesibuke ukuthi yimiphi imigudu elandela emva kokuthi usufikelwe wumcabango wokuqala ibhizinisi.
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natali uMnu uSihle Zikalala umemezele ukuthi useqoke ukushintshanisa ongqongqoshe abebephethe iminyango wezeziMali nowokuThuthukiswa koMnotho esifundazweni.
EKHULA, eseyibhungu, eCederberg, eNtshonalanga Kapa, nedume njengekomkhulu letiye i-rooibos emhlabeni, ayikho enye into ayeyazi futhi eyithanda njengaleli tiye uMnu uBarend Salomo.
ABALIMI abamnyama bagwayi abasafufusa baphoqeleke ukuthi bavale bangakwazi ukuqhubeka nomsebenzi ngesikhathi kuqala isizini entsha yokutshala ezinyangeni ezimbili ezedlule.
OSOMABHIZINISI abasafufusa kumele babumbane babambisane ukuze bezobamba iqhaza elibonakalayo emnothweni, bangalindi ukukhangeza kuhulumeni. Lona wumbono wenye yezinkakha zosomabhizinisi abamnyama uDkt uSam Motsuenyane.
UKUKHULA edla ukudla okuphuma ensimini yakubo kutshale uthando lwebhizinisi lokudla kuNksz uNonhlanhla Manganye, oseqeqesha abapheki.
SEBEWU-6.5 million abantu abangasebenzi eNingizimu Afrika njengoba lesi sibalo sinyuke ngo-2.2 million ngekota yesithathu uma kuqhathaniswa nekota yesibili onyakeni. Loku kwenza ukuthi abantu abangasebenzi babewu-30.8% ezweni, nokuyisibalo esikhulu kunazo zonke … Read More
NGENKATHI eqala umsebenzi wokuba wuMcwaningimabhuku-Jikelele eminyakeni eyisikhombisa edlule, uMnu uKimi Makwetu wathi into yokuqala nemqoka angathanda leli hhovisi ligxile kuyona wukwenza izisebenzi zikahulumeni zikusukumele ukulungisa amaphutha atholwa ngabacwaningimabhuku; nathi kuyoholela ekutheni imali yabakhokhi bentela isetshenziswe futhi iphathwe ngobunono.
AKASEKHO emhlabeni uMcwaningimabhuku-Jikelele obese kungasenzukuzatshwala adede kulesi sikhundla njengoba uMnu uKimi Makwetu ebeseyiqedile iminyaka yakhe eyisikhombisa, ngaphambi kokuthi amatomu athathwe wuNksz Tsakani Maluleke.
UKUDAYISWA kotshwala sekubuyele kokwejwayelekile kanti ukukhokhwa kwemali kapoyinandi, i-Unemployment Insurance Fund (i-UIF) nakho kululiwe.
IPHUPHO lakhe elikhulu wukuthi ngelinye ilanga abone umsebenzi wakhe wezandla usudayisa ezitolo ezinkulu ezweni lonke kanjalo nakwamanye amazwe.
ININGIZIMU Afrika isuka kude nokulwa nokubandlululwa kwabantu abamnyama kwezomnotho. Uma futhi ubheka kusekude phambili uma izinto zenzeka ngalolu hlobo. Ngesonto eledlule iNkantolo yokuDluliswa kwaMacala ikhiphe isinqumo sokuthi umthetho ovuna osomabhizinisi abamnyama, iPreferential Procurement Policy Framework Act uma kucutshungulwa umsebenzi wamathenda akhishwa wuhulumeni awuhambisani noMthethosisekelo wezwe, ngakho kufanele ubuyekezwe.
AMAKHASIMENDE asebenzisa iFNB asengakwazi ukukhangisa ngemizi yawo uma eyidayisa kanti lawo angosomabhizinisi azokwazi ukukhangisa ngomsebenzi wawo okungenani emakhasimendeni awu-3 million.
WAYENGAKAZE aziphuphe ewumlimi futhi wayengazitsheli ukuthi yimboni umuntu ofana naye angangena kuyona ngoba wayecabanga ukuthi ngeyabantu abacebile futhi abakhule vele emakubo kunamapulazi.
UMA ubuka izinto asezenzile endimeni yezamabhizinisi, cishe lilodwa igama angachazwa ngalo – uziyamlandela.
NGESIKHATHI uNkk uNkateko Mabindisa enquma ukuthi uzojoyina umyeni wakhe ebhizinisini labangcwabi, elase lineminyaka likhona, wayengazi ukuthi uzosukela isidleke sezinyosi esizobatinyela size sibaxoshele nezisebenzi ezazibona ukuthi indlela “entsha” enza ngayo ngeke ziyimele.
IGAMA elithi Refiloe Mocwa liyakhula kwezemfashini futhi izimpahla zalo ziyahlonishwa njengoba kukhona ngisho nezokulala zikaNokusho
NGOLWESITHATHU olwedlule iPhalamende lezwe lakithi iNingizimu Afrika lihlangane kwethulwa isabelomali seminyaka emithathu ezayo, lokho okubizwa ngeMedium Term Budget Policy Statement.
EMAVIKINI amabili adlule ngike ngaqeqesha izisebenzi zezinye izinkampani esisebenzisana nazo emkhakheni wezokuqeqesha nokulola amakhono kwezisebenzi emikhakheni eyehlukene.
IZIKHUNGO ezibhekelele ukuxhasa amabhizinisi ngemali kumele zibe yingxenye yesisombululo sokuthuthukisa ezokuthuthwa komphakathi eNingizimu Afrika.
ENEMINYAKA ewu-26 wacelwa owayenguNgqongqoshe wezokuThutha ongasekho uMnu uDullar Omar ukuthi abe wusihlalo wokuqala omnyama webhodi yenkampani ebhekelela indawo okuhamba kuyo amabhanoyi emoyeni, i-Air Traffic Navigation Services(i-ATNS).
I-COVID 19 wundabizekwayo wango-2020. Iyindaba izekwa hhayi eNingizimu Afrika kuphela kepha emhlabeni jikelele.
INKAMPANI yezokuxhumana kuleli iMTN ikhiphe umbiko wekota yesithathu ephele ngoSepthemba 30; lapho iveze khona ukuthi isibalo samakhasimende ayo sikhule ngamakhasimende awu-12 million, safinyelela ku-273 million emazweni awu-21 esebenza kuwona.
AZIKHO izingxoxo eziqhubekayo phakathi kukahulumeni nezinyunyana mayelana nokumisa ukunyusa imiholo yezisebenzi zikahulumeni futhi ngeke zibe khona uhulumeni engakasifezi sonke isivumelwano sokunyuswa kwemiholo esasayinwa ngo-2018.
WAQALA enebhizinisi elihlanganisa abantu abasuke befuna umaqondana nokwathi maduze emva kwaloko waqala elokuba nomgqomo emotweni ngoba ebona isidingo salo ngesikhathi indodana yakhe isencane.
ININGIZIMU Afrika ilindele ukuthi imali eyikweletayo inyuke isuka kuR4.1 trillion ngo-2020/21 ifinyelele kuR5.5 trillion ngo-2023/24, nokuzoba ngu-95% wenani lo mnotho noma i-gross domestic product (iGDP), lokhu kushiwo wuNgqongqoshe wezeziMali uMnu uTito Mboweni.
IFA leziwula lidliwa yizihlakaniphi. Sisho njalo isiZulu. Leli yiqiniso elingephikwe uma kuziwa kumathalente abantu abanawo abangakwazi ukuwaphathisa okwebhizinisi.
NJENGOBA isikhathi siya sihamba, abantu abaningi bayambuleleka ngobudlelwano phakathi kwebhola nemigomongqangi yezomnotho. Lo budlelwano bungaba obuqondile noma obuphambene nehlombe kodwa abulawuleki. Ngenxa yaloko, noma ngabe uwusomnotho noma umbhali wezemidlalo, akulula ukuqonda noma ukuqagula ngezezimali ebholeni.
ASHONA ezintangeni amabhange amathathu kwamane amakhulu ezweni uma ebuzwa ukuthi yini azoyenza ukuze kwande isibalo samabhizinisi ashaywe yi-COVID-19?
BEKUFANELE ngabe isabelomali sizokhombisa ukuzinikela kweNingizimu Afrika ekufukuleni umnotho ngokuthi kube khona imali ebhekile ezokwabelwa ukuthuthukisa ingqalasizinda kodwa kunaloko uNgqongqoshe wezeZimali uMnu uTito Mboweni uzoqhubeka nokubopha izifociya.
ABAKWA-TRANSNET bathi baqinise ukusebenzisana kwabo nabengalo yomthetho nezinye izinhlaka ezifanele ukusheshisa uhlelo lokubuyekeza ukuthengwa kwezinto, okwavela kwikhomishana ephenya ngokuqhwagwa kombuso. Loku kubandakanya nokuthengwa kwamaguzu awu-1 064.
NGENKATHI sethula Umbele ngenyanga edlule sabika ukuthi kuyohamba kuhambe kufike isikhathi lapho kuzodingeka mfundi othandekayo ukuthi uzikhokhele ezinye zezindaba esikuphakela zona. Njengeziko lezindaba siyibhizinisi njengawo wonke amanye amabhizinisi, nokusho ukuthi … Read More
MIHLA namalanga eNingizimu Afrika, e-Afrika jikelele, naphesheya ezindaweni ezigcwele abantu abadabuka e-Afrika, kuculwa iculo elilodwa – iculo elithi azibuye emasisweni.
NGONYAKA ozayo inkampani yabantu abamnyama eyakha izikole ezizimele, i-Edinvest Schools, izovula isikole sayo sesibili esizimele i-Etham College eHilton, maphakathi neKwaZulu-Natali.
KUYINTO ejwayelekile ezindaweni zabantu abamnyama ukuthola izindawo zodokotela abazimele yonke indawo kodwa akuvamile ukuthi kube nendawo egxile ekusizeni labo abasuke bedinga ukuhlolwa ngemishini yeX-ray .
ZININGI izindlela zokungena ebhizinisini njengoba sesike sachaza ezingosini ezedlule. Namhlanje ngithanda sibheke ukuthi yini lezi zinkomba zokuthi ngelinye ilanga ungagcina ungenile ebhizinisini.
UMcwaningimabhuku-jikelele osezoshenxa, uMnu uKimi Makwetu, umbongele uNksz uMaluleke. UMakwetu uthe akangabazi ukuthi uNksz uMaluleke ukulungele ukwenza lo msebenzi. Osekuzolandela manje wukuthi iPhalamende kumele lisemukele lesi siphakamiso bese lisidlulisela kuMengameli, okuzothi … Read More
UKUQEDWA kukachatha obufakwe ezibonelelweni zezingane nezabantu abadala kuzokwenza izigidi zabantu zibulawe yindlala futhi kuzolimaza kakhulu abantu besifazane, okuyibona abahlomula kakhulu ngalezi zibonelelo.
UKUFISA ukutshala imali ngendlela ayiqonda kahle ukuthi isebenza kanjani yikona okwagqugquzela uMnu uNtuthuko Shezi, isikhulu esiphezulu seLivestock Wealth, ukuthi asungule le nkampani.
KUTHIWA kukabilli ngomuntu ofaka imali ebholeni. Okokuqala kuthiwa wumuntu osuke engaqondi empeleni ibhola liyayidla imali, kunokuyingenisa; ngaphandle uma unenqwaba yabaxhasi futhi kuyiqembu elithola imiphumela emihle.
UMENGAMELI uCyril Ramaphosa uthe kuzosetshenziswa uR100 billion eminyakeni emithathu ezayo ukudala imisebenzi kanti amathuba awu-800 000 wona kulindeleke ukuthi aqhamuke ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.
UMA umuntu ezovuka athathe uhambo olumqoka noma uma kunento enkulu ezokwenzeka ngakusasa, kuye kuthiwe ulala engalele. Kube njalo nasethimbeni elisungule leli ziko lezindaba zamabhizinisi enkundleni yokuxhumana ngobuchwepheshe.
NGISHO umuntu obengakuqondi kahle ukubaluleka kobuchwepheshe ukubonile ngesikhathi izwe livaliwe ngenxa yokuqubuka kweCOVID-19. Kodwa okunye okugqamile ngalesi sikhathi yindlela izindawo zabantu abamnyama ezisasele ngayo emuva uma kukhulunywa ngobuchwepheshe besimanjemanje.
‘HEY’ wena, Durban
Ebhish’ Kumnand’ eThekwini…”
Laligqoma kanje elinye lamanoni eCJB, iqembu lomculo i-bubblegum, phakathi nama-’80s. Le ngoma ethi Durban eBeach (Kumnandi eThekwini) yayifakazela ukuthi ubumnandi bubuzwa eThekwini ngenxa yokuthi phakathi kwezinye izinto ligabe ngolwandle olucwebile.
UMA ungabheka umhlaba jikelele uzoqaphela ukuthi thina sizwe esimnyama sisemsileni uma kuziwa kwezomnotho. Ziningi-ke izizathu ezenza loku.
UMA engelaphi iziguli lapho esebenzela khona uDkt uMatome Moloto, usuke esepulazini lakhe elikhulisa futhi lidayise izinkukhu, izimbuzi, izinkomo nezingulube. Izithelo zona bazitshalela ukuzidlela bona bewumndeni, abazidayisi.
I-FNB imemezele ngeqholo ukuthi ngoR10 nje vo noma wubani angaba wumnikazi wamasheya ezikhondlakhondleni ezingo-Apple, uFacebook, u-Netflix, u-Amazon, uMicrosoft, uCoca-Cola, iTesla, i-Alphabet noMcDonald’s.
ABAHOLI abakhona njengamanje eNingizimu Afrika abagculisi neze, abaziphethe kahle futhi abazi lutho. Lona wumbono kasomabhizinisi osemnkatshubomvu, uDkt uReuel Khoza.
UKhoza, ohlonishwa nakwezemfundo ngamagalelo akhe, uthe iningi labaphethe kwezepolitiki kuleli licabanga ukuthi kudingeka ukuthi litoyitoye nje kuphela ukuze libe ngabaholi kanti lokho akwanele nge-21st century.
UMA ufika e-Uhuru Shopping Centre, inxanxatheleni yezitolo eClermont, eThekwini, uzozithela emabhizinisini ajwayelekile ezindaweni zabantu njengesitolo nendawo yokucwala izinwele. Kodwa kunolunye uhlobo lwamabhizinisi ozoluthola kule ndawo eqanjwe ngegama le-nightclub eyake yanedumela “eSkomplazi” namaphethelo eTheku, eliyisiSwahili nelisho ukuthi “inkululeko”. Kule ndawo uzothola isitolo samakhekhe ekhethelo, phecelezi ama-novelty cake, isitolo esikhanda amakhompyutha nendawo ebhucunga necwala abantu besifazane.
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent