Kwethulwe izinguquko ekuphathweni kwezimali nokuthuthukiswa komnotho KwaZulu-Natali. USLINDILE KHANYILE uyabika

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natali uMnu uSihle Zikalala umemezele ukuthi useqoke ukushintshanisa ongqongqoshe abebephethe iminyango wezeziMali nowokuThuthukiswa koMnotho esifundazweni. 

UNkk uNomusa Dube-Ncube, obewuNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ushintshelwe kowezeziMali, kwathi umlingani wakhe kulowo Mnyango uMnu uRavi Pillay wanikwa obekungokaNkk uDube-Ncube.

UZikalala uthe lesi sinqumo, asenze emva kokuxoxisana ne-ANC esifundazweni, usenze ngenhloso yokuqinisa izinto kuhulumeni ngoba laba baholi amava abo afanele le minyango asebefakwe kuyona manje.

Ebuzwa ukuthi babengaqokwa ngani kule minyango ngesikhathi eqala ukuqoka iKhabinethi yakhe, uZikalala uthe yingoba ngaleso sikhathi babengafuni ukuphazamisa indlela izinto ezazihamba ngayo esifundazweni kodwa manje sesiyavuma isikhathi ukuthi kuqiniswe umsebenzi.

UZikalala uthe bakholwa ukuthi uNkk uDube-Ncube noMnu Pillay bazoqhubeka nomsebenzi wokuthuthukisa isifundazwe.

Mlalele echaza ngalesi sinqumo ngezansi.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page