UMnu uKhangelani Phungula umnikazi weKhangs Deep Cleaning. Izithombe: Zithunyelwe

Ukungagculiseki ngomsebenzi enzelwa wona ekade ehambise imoto yakhe kwamnika umqondo webhizinisi eselikhula ngamandla. Uxoxe noZIMBILI VILAKAZI ngomahambanendlwana

UKHETHE ukwenza ibhizinisi lakhe umahambanendlwana ukuze enze lula impilo yamakhasimende akhe onebhizinisi lokuhlanza izinto ezihlukene iKhangs Deep Cleaning. 

Phakathi kwezinto uMnu uKhangelani Phungula azihlanzayo kubalwa izimoto, okhaphethi, imibhede nosofa. 

“Ngithe uma ngihlola izinhlobo zamabhizinisi engingawenza, ngafikelwa yileli lokukhuculula ukungcola ezimpahleni ezehlukene. Ngibe sengibona isikhala esikhona uma kuziwa ngasekwenzeni lula impilo yekhasimende uma lifuna ukuhlanzelwa izinto ezifana nosofa.

“Amakhasimende ayaphoqeleka ukuthi athwale le mpahla ayiyise lapho asuke efuna ukuthi iyohlanzwa khona. Yilapho-ke engifikelwe khona umqondo wokuthi ake ngiqhamuke nento ezokwenza izimpilo zawo zibe lula ngokuthi kube yimi engizoya kuwona amakhasimende, ngifike ngiwenzele umsebenzi awudingayo emakhaya awo. Ngaleyo ndlela umuntu ngimongela isikhathi nezindleko zokuthwala impahla eyiyisa lapho iyohlanzwa khona. Lokhu kusiza ekutheni uyakwazi ukuthi ngesikhathi mina ngimatasa ngihlanza imoto yakhe, yena ngapha umatasa uhlanza indlu yakhe, uma ngiqeda, useyakwazi ukuqhubekela phambili nezinye izinhlelo zakhe zosuku,” kusho uPhungula waseLamontville, eThekwini. 

Enye into eyatshala umqondo wokuthi aqale leli bhizinisi wukuthi athi uma eyohlanza izihlalo zemoto yakhe angagculiseki ngomsebenzi ababewenza labo ayehlanza kubona imoto.

“Ngangiphinde ngixakwe wukuthi uma ngilethe imoto kubona, ngifika ekuseni ngo-10, ngihambe ngo-4 kodwa futhi angigculiseki ngomsebenzi abangenzela wona,” kusho yena. 

Ibhizinisi lisungulwe ngo-2017 kodwa labhaliswa ngokusemthethweni ngonyaka odlule. Uthe kumsize kakhulu ukuzikhandla ngokuthola ulwazi mayelana nebhizinisi lakhe njengoba kuholele ekutheni likhule ngesivinini. 

Phakathi kwezinye izinto azenzile wukubheka ukuthi yimiphi imishini angayithola ukuze akwazi ukuhluka kulabo ancintisana nabo ebhizinisini.  Ube eseyithola leyo mishini nokuholele ekutheni amakhasimende ancamele yena ngoba azi ukuthi unemishini ekwaziyo ukomisa izimpahla zawo ngokushesha.

Uthe: “Kuqala bekuye kuthathe cishe usuku lonke ukuthi bome osofa bekhasimende noma izihlalo zemoto kodwa manje sekuye kube cishe amahora ayisihlanu nokuthakaselwa kakhulu ngamakhasimende ngoba ayakwazi ukuthi aqhubeke nezinye izinhlelo zawo zosuku; angabanjezelwa ukuthi izihlalo zezimoto zawo zisemanzi.”

Ibhizinisi lakhe selivule amathuba omsebenzi entsheni yendawo njengoba liqashe izisebenzi eziyisikhombisa. “Kuyajabulisa ukubona ngenza umehluko empilweni yabafana basendaweni engivela kuyona ngoba abanye babo bayafunda manje, abanye benza nezincwadi zokushayela ngayo le mali abayithola ngomsebenzi wokuhlanza izimpahla,” kusho yena. 

Ithimba laseKhangs Deep Cleaning elifika lapho ukhona

Uthi njengamanje uthola uhide lwamakhasimende ngenxa yokusebenza ngokuzimisela. Amaningi uwathola ngokuthi atshelane wodwa ngomsebenzi wakhe.

“Sihlale sisebenza ngokuzikhandla nangokuzimisela kanti lokho (kuyasisiza) kakhulu. Isibonelo nje, ngahamba ngayosebenza komunye umuzi othile kanti ikhasimende elalingibizile lisebenza enkantolo yaseNtuzuma. Kuthe uma sekufuneka umuntu ozohlanza impahla yasenkantolo, leli khasimende engangiyolihlanzela impahla emzini walo labatshela ngami emsebenzini walo ukuthi ngishaya umsebenzi ocokeme. Kusukela lapho sesithole umsebenzi emahhovisi ahlukene ngakho njalo ukuthi senza umsebenzi oncomekayo konke lapho sifika khona,” kusho uPhungula. 

Baphinde bayowasha umbhede welinye ikhasimende eThekwini nokwathi emva kwesikhathi bathola ukuthi lisebenzela iGolden Arrows. 

“Sezwa sesithola ucingo lwakhe esesitholela umsebenzi omkhulu kuleli qembu lebhola. Miningi nje imisebenzi esiyitholile ngamakhasimende ethu angawuvali umlomo ngomsebenzi wethu ngoba sesike sawasha ngisho imoto yomunye usomabhizinisi odumile neyendodana yakhe,” kusho yena. 

Uthi izimpendulo abezithola emakhasimendeni akhe yizo ezimkhulise zambeka kuleli zinga asekulo manje. 

“Izimpendulo ebebenginika zona zizinhle, zizimbi bengizibhala phansi bese ngiza namacebo okuthi yikuphi lapho okudinga (ukuthi) ngenze kangcono khona,” kusho uPhungula. 

Uthi isifiso sakhe wukudlondlobala kakhulu kunakuqala kuleli bhizinisi aze akwazi ukukhiqiza amathuba omsebenzi abantu abazoqashwa ngokugcwele.

“Ngiyafisa futhi ukuthola izindawo ezihlukene lapho ngizokwenza umsebenzi ozoba owezinkontileka, kwaziwe ukuthi njalo ngesikhathi esiwukuthi onyakeni, iKhangs Deep Cleaning iyafika kuleli hhovisi izohlanza impahla ethile,” kusho yena.

Uthi wathatha imoto ayeyisebenzisa, waqala ngayo ibhizinisi. Uthe esuka wabeka imali yokuthenga imishini. Uthi wagcina eseboleka imali ukuthenga imishini emikhulu, imifaniswano kanjalo nezinto zokukhangisa ngenkampani ukuze konke lapho behamba khona kucace ukuthi bayinkampani ehlelekile.

Umsebenzi wabo uqala kuR200, kuye ngokuthi umsebenzi ungakanani. Uthi ababizi imali kaphethroli yokuya ekhasimendeni, kuba yimali yomsebenzi nje. 

Uthi bona ebhizinisini lakhe bebehleka bodwa ngesikhathi sokuvalwa kwezwe ngoba umsebenzi ubungena ubuthaphuthaphu. 

Ucabanga ukuthi bekwenziwa wukuthi abantu abaningi bebesebenzela emakhaya, ngakho imali ebebeyisebenzisa ukuya emsebenzini bebeyisebenzisa kwezinye izidingo zabo njengokuhlanza izimpahla.

UPhungula ucabanga ukuthi abantu basebenzise isikhathi sokusebenzela emakhaya ukunakekela izidingo zabo akade beziziba njengokuthola abantu abazobakhucululela izimpahla. 

Facebook: Khangs Deep Cleaning Specialists

Twitter: @khangsdeepcleaning

Instagram: KhangsDeepCleaning

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page