Kusasa yindali yodumo yonyaka eyaziwa ngokuthi uBlack Friday. Ngalolu suku abantu baphuma ngobuningi babo ngoba bekholwa ukuthi izimpahla zicoshwa phansi, nokho abathengi bayaxwayiswa ukuthi bahlolisise ukuthi amanani ehliswe ngempela yini
ABATHENGI baye babuke uBlack Friday njengosuku lokonga imali ngenxa yokuthi izinto zisuke zishibhile, ikakhulukazi labo abasuke befisa ukuthenga izinto ezinkulu njengefenisha nezisebenza ngogesi.
Nakuba kulo nyaka abathengi beshayekile emaphakatheni ngenxa yeCOVID-19 kodwa usuku lwakusasa kubhekwe ukuthi balisebenzise ukuzama ukuzitholela okusendalini kanti nezitolo zinethemba lokuthi zizozuza.
Nokho-ke akusiwo wonke umuntu ozophithizela ezitolo kusasa ngoba enamandla, nokungakho ungoti wokufundisa abathengi eFNB uNksz uDhashni Naidoo ekhiphe amathiphu angezansi ukulekelela abathengi:
- Hlela isabelomali sakho futhi ungazikhohlisi ngokuthi yikuphi onamandla okukuthenga;
- Yenza ucwaningo kuqala, wazi ukuthi yini ofisa ukuyithenga nokuthi ibiza malini. Thenga okudingayo hhayi okusendalini;
- Ungasebenzisi isikweletu ukuthenga izinto ezingenasidingo neziwubukhazikhazi. Abathengi kumele bakhumbule ukuthi isikweletu sinenzalo;
- Uma kuwukuthi usebenzisa imali oyilondolozile noma yokugada ingozi, kusho ukuthi awunayo imali kaBlack Friday.
“Kwesinye isikhathi sithathwa isasasa, ezokukhangisa bese siyalingeka ukuthenga izinto ngoba naku nje sikholwa wukuthi amanani azo ehlisiwe. Kodwa kumqoka ukuqonda kahle hle ukuthi lehlisiwe ngempela yini inani le mpahla ofisa ukuyithenga. Indlela elula yokwenza loku wukubheka ukuthi ibiza malini leyo mpahla nokuthi sekunesikhathi esingakanani ibiza leyo mali,” kweluleka yena.
Wengeze ngokuthi: “Ungalingeki uthenge mawala kanti uma unohla lwezinto ofisa ukuzithenga kanjalo nesabelomali, sebenzisa kona. Kulezi zikhathi ezinzima zomnotho kumqoka ukucophelela nokuzithiba, ukuthi into kuthiwa ishibile ngoBlack Friday, akusho ukuthi kumele uyithenge,” kuxwayisa uNksz Naidoo. – Intatheli yoMbele