UNksz uMbali Nwoko, umlimi nesikhulu esiphezulu eGreen Terrace

Izithombe: Zithunyelwe

Uneminyaka emine eqalile kwezolimo kodwa ugila izimanga. Uwola imiklomelo, ungafunga ukuthi selokhu kwathi nhlo, yiyona nto ayenzayo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngezindlela ezintsha zokulima ezisebenzisa ubuchwepheshe

WAYENGAKAZE aziphuphe ewumlimi futhi wayengazitsheli ukuthi yimboni umuntu ofana naye angangena kuyona ngoba wayecabanga ukuthi ngeyabantu abacebile futhi abakhule vele emakubo kunamapulazi.

Kodwa langa limbe exoxa nomunye umngani wakhe owayesengenile kule mboni, wavuleka amehlo ngenkathi emchazela ukuthi awudingi ukuthi uze ube nepulazi kodwa uyakwazi ukuwuqasha umhlaba futhi akumele kube wukuthi udayisela izitolo ezinkulu kuphela kodwa ungathengisela noma wubani ngoba wonke umuntu uyakudinga ukudla nsuku zonke.

Kwathi qwebu kuNksz uMbali Nwoko, isikhulu esiphezulu seGreen Terrace, kanti emva kwaloko akapholisanga maseko njengoba kwathi emva kwamasonto amabili exoxe nomngani wakhe, wabhalisa inkampani yakhe.

“Ngiyazithanda izinselelo futhi ngiwumuntu onganqeni ukuzama izinto noma zibukeka zinobungozi. Ibhizinisi enganginalo ngaleso sikhathi lali ngahambi kahle. Kwakuyisikhathi somsindo (ngendaba) yaseNkandla, uThuli Madonsela ekhiphe umbiko ngokuqhwagwa koMbuso nokwakunomthelela omubi emnothweni, kuthikameza imboni engangikuyona nokwangenza ngavele ngayithanda yonke into engayizwa ngezolimo.

“Ngaqala ngenza ucwaningo ngizama ukuqonda kahle ngezolimo eNingizimu Afrika kodwa ngangingababoni abantu abafana nami – abesifazane, abamnyama futhi abancane. Kunaloko ngangibona kugcwele amadoda amadala futhi okungabantu ababeqhubeka nomsebenzi owawuqalwe ngabazali babo kanti amanye amapulazi ayewa ngenxa yesomiso,” kukhumbula yena.

UNksz uNwoko uneziqu zeBComm Industrial Psychology. Ngaphambi kokuba wumlimi, wayenenkampani esiza izinkampani uma zifuna ukugcwalisa izikhala neyayigxile ezimbonini ezifana nezobunjiniyela.

“Ekwenzeni kwami ucwaningo ngangihlangana nezindaba ezazingikhombisa ukuthi kumnyama nakuyona le mboni yezolimo engifuna ukungena kuyona kodwa mina ngabona ithuba yize kunjalo. Loku nje kokuthi ngangingababoni abantu besifazane abamnyama futhi abancane njengami kwangenza ngabona elikhulu ithuba,” kusho yena.

Nakuba beba khona abangamthembi ngoba emncane kodwa kodwa kumsebenzele uNksz uNwoko njengoba namhlanje engagcini nje ngokuba wumlimi kuphela kodwa unengosi yezolimo ayibhalela iFarmer’s Weekly, unane-podcast ngezolimo, isibalo sabalaleli bayo esikhula ngamandla kanti usewole nenqwaba yemiklomelo kule mboni.

E-Green Terrace utshala isipinashi nezinhlobo ezihlukene zika-pepper. Uqale kade eqashe ipulazi elinamahektha awu-14 kodwa manje usethuthele kwelincane elinamahektha amabili kodwa eligabe ngokusebenzisa kakhulu ubuchwepheshe besimanjemanje.  

UNksz uNwoko uthi ukuba musha kuyamsebenzela kwezolimo

“Izinto ziyehla zenyuke futhi sekuke kwanezikhathi lapho bekunzima khona okwangempela kodwa njalo ngiyabona ukuthi kungani ngibizelwe kulo msebenzi. Kumnandi, abantu esengihlangane nabo bayangisiza uma bebona ukuthi ngizimisele ngempela, sekuke kwasa ngafica izitshalo zifile zonke ngenxa yesimo sezulu; kwacwila yonke imali ngasala nginesikweletu sikaR100 000. Unyaka u-2016 kwakuwunyaka wokuthi ngifunde ngempela,” kusho uNksz uNwoko.

Kuleli pulazi elisha usetshale kwingqalasizinda yobuchwepheshe kaR4 million; nokuyimali ayihlanganise ngabeyilondoloza kwathi enye wacela amakhasimende akhe ukuthi amlekelele ngokuzibophezela emigomweni nemibandela ethize ngokwezivumelwano zakhe.

Kumsizile nokuthi epulazini elidala kukhona akutholile ngoba nalo wayesilithuthukisile. Njengosomabhizinisi abaningi abancane naye waqala wayongqongqoza emabhange kodwa imizamo yakhe yafana nesithukuthuku senja. 

Okunye okuhlukile epulazini elisha wukuthi batshale endaweni evalekile nokusho ukuthi akukhathaleki ukuthi isimo sezulu sinjani kodwa bayakwazi ukuya emasimini, bavune futhi ayikho ingozi yokulimala kwezisebenzi njengokuthi zishelele odakeni. 

“Sisebenzisa indlela yokutshala okuthiwa yi-hydroponic nokusho ukuthi asitshali ngqo emhlabathini nokusho ukuthi asikho isidingo sabantu abazohlakula ukhula.  Sinanekhompyutha okuyiyona esitshelayo ukuthi sekumele sichelele noma sekumele sifake umanyolo, hhayi lokhu kwakudala okuwukuthi sasizicabangela thina ukuthi cishe manje sekumele sichelele ngisho kungathiwa izitshalo azikawadingi amanzi. Iyasitshela futhi ikhompyutha uma kuwukuthi kunamapayiphi avalekile.

“Sisebenzisana nanabantu abahlanganisa i-app ezoqopha okwenzeka epulazini. Le ndlela yokulima inciphisa amaphutha,” kusho yena.

Epulazini uqashe abantu abayisihlanu ngoba eminye imisebenzini iseyenziwa wubuchwepheshe kanti ngesizini iyodwa isivuno sakhe singamathani awu-180 000.

Imboni yezolimo ngenye okwaziwayo ukuthi ubandlululo ludlangile kuyona kodwa uNksz uNwoko uthi akakaze aqondane nokucwaswa ngokwebala, kunalokho yiminyaka nanobulili bakhe abantu abake bamcwase ngakho.

Uthe intsha emnyama ingangena futhi iyadingeka kulo mkhakha kodwa wathi kumele kulungiswe izinto ezenza kube lukhuni ukungena ngoba yimboni izinto zakhona ezibizayo kanti neminye imigomo njengeyokubolekwa imali ngamabhange ayibavuni futhi kukhona nokuthi isuke ingaqhamuki emindenini yabalimi. 

UNksz uNokwo uzalwe futhi wakhulela eGoli kanti unendodana eneminyaka emine. 

Instagram: @mbalinwoko

                    @greenterrace_za

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page