UNkk uNontuthuko Mbimbi uyi-radiographer emajukujukwini akobantu

Izithombe: Zithunyelwe

Wenza okungavamile ezindaweni zabantu abamnyama onezindawo ezixilonga ngeX-ray. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngomsebenzi wakhe

KUYINTO ejwayelekile ezindaweni zabantu abamnyama ukuthola izindawo zodokotela abazimele yonke indawo kodwa akuvamile ukuthi kube nendawo egxile ekusizeni labo abasuke bedinga ukuhlolwa ngemishini yeX-ray.

Yiloku kanye uNkk uNontuthuko Mbimbi i-radiographer, ungoti ohlola ngeX-ray akwenzayo. Unezindawo ezintathu okungezakhe; ezimbili eMgungundlovu nenye eMtshezi.

Indawo yokuqala wayivula ngo-2009 e-Edendale, eMgungundlovu, emva kokusebenzela uhulumeni iminyaka emihlanu.  Uthe uthando lokusiza abantu yilona olwamgqugquzela ukuthi azimele.

“Ngesikhathi ngise-Edendale, isibhedlela esimatasa lesi, ngangiye ngibone ulayini wabantu belindile, kungifikele ukuthi mhlawumbe ngelinye ilanga uma ngingaba namandla okuvula indawo yami ngingakwazi ukuthi ngiwusize umphakathi ungami labo layini abade,” kusho yena.

UNkk uMbimbi, ozalwa eBulwer, esigodini saseMaNgwaneni, ugxile kwi-diagnostic X-ray. Uqeqeshwe e-Edendale School of Radiography kanti une-BTech yaseNatal Technikon ne-Mammography Certificate yaseCape Peninsula Technikon.

Ubuxhakaxhaka bemishini emagumbini kaNkk uMbimbi

Usizo lwezempilo oluzimele lwaziwa ngokubiza njengoba bembalwa abantu abanamandla alo; kwazise iningi labantu lithembele ezikhungweni zezempilo zikahulumeni. UNkk uMbimbi unezindlela zakhe ezenza ukuthi umphakathi asebenzela kuwona ukwazi ukuba namandla alolu sizo.

“Sisebenzisane kahle nomphakathi (wakithi). Enye into esiyenzayo wukuthi abantu asebehola impesheni kanjalo nezingane bathola isaphulelo kanti nalabo abanama-medical aid uma esephelile siyamsiza umuntu ngesivumelwano sokuthi uzobuya azokhokha uma esenayo imali. Angimxoshi umuntu; siqala ngokumsiza bese eyabuya azokhokha. Uthola kokunye ukuthi mhlawumbe umuntu ushoda ngoR50 kodwa uR400 unawo, siyamsiza bese ebuya eyawuqedela uR50,” kusho uNkk uMbimbi.

Kwaba wumzukuzuku kuNkk uMbimbi ukuthola indawo yokusebenzela

Eqala wasizwa yimali yempesheni kwathi enye wayithola kumyeni wakhe. Kwaba wumzukuzuku ukuthi athole indawo yokuqala angasebenzela kuyona njengoba ethi iningi lezindawo ezisezindaweni ezikahle zinikezwa kakhulu ezinye izinhlanga kanti namabhange abengayingeni uma ezama ukuboleka imali yokuthenga imishini.  Kodwa namhlanje emva kweminyaka ewu-10, kuningi okumjabulisayo nasekuzuzile, mlalele ekhumbula emuva: 

Isifiso sakhe manje sekuwukuthi akwazi ukuthi abe nomshini wokuhlolela umdlavuza webele njengoba kungomunye umkhakha awufundele. UNkk Mbimbi unabantwana abathathu. 

Ukhuthaze abafisa ukuzisebenza ukuthi baqale baqashwe basebenzele omunye umuntu ukuze bezofunda kahle umsebenzi ngaphambi kokuzimela.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page