Ingwevu kwezamabhizinisi ithi abantu abamnyama abangacabangi ukuthi izinto zizobalungela ngenxa yebala labo kuphela kodwa kumele bazikhandle futhi bafunde. Ixoxe noSLINDILE KHANYILE
ABAHOLI abakhona njengamanje eNingizimu Afrika abagculisi neze, abaziphethe kahle futhi abazi lutho. Lona wumbono kasomabhizinisi osemnkatshubomvu, uDkt uReuel Khoza.
UKhoza, ohlonishwa nakwezemfundo ngamagalelo akhe, uthe iningi labaphethe kuleli licabanga ukuthi kudingeka ukuthi litoyitoye nje kuphela ukuze libe ngabaholi kanti lokho akwanele nge-21st century.
“Umuntu ucabanga ukuthi nje ngoba ngidumile ngikwazi ukudansa, ukutoyitoya nokufunda iminyaka eyisikhombisa esikoleni, loko sekusho ukuthi uzokwazi ukujula ubuke izinto ngeso elibanzi,” kusho yena.
“Kukhona nendaba yokuthi sikhuluma nangokwenzeka emhlabeni jikelele lana, ungaziqonda izinto ezimbalwa kodwa kumele kube wukuthi uzihluphile ngokufunda ngokwenzekayo emhlabeni.”
Eqhuba uthe umholi nomangabe ukumuphi umkhakha kumele abeqotho, awazi umsebenzi futhi athembeke.
“Uma uya kulo muzi ohola izwe lakho ubuke laba bantu abakhona kuwo, babili abazihluphile ngokufunda okwangempela. Angikhulumi ngokufunda amaphephandaba kodwa ngisho ukufunda kwangempela, laba abanye uyabezwa ngisho bekhuluma ukuthi ayikho lento yabo futhi iyacika kodwa bafuna ukuba ngabaholi. Bayayiqonda kancane ipolitiki nokuyingakho beqokwa kodwa akukona loko kuphela… kudingeka nokunye ngoba kukhona nezinye izinto, ikakhulukazi umnotho. Udinga ukuqonda ipolitiki nomnotho.
“Okunye kumele kube khona into okwazi ukuyenza. Ngeke uthi ngoba nakhu ukhethiwe bese uthi kukhona okwaziyo. Kumele futhi ube wumuntu oqotho, kungafuniselwa ngawe. Ukhumbule ukuthi njengomholi okwenzayo, awuzenzeli wena kodwa wenzela laba bantu abalelwa ku-60 million futhi kumele ube neqiniso endleleni owenza ngayo. Iningi labaholi bethu aliyona incwadi efundekayo, kuningi elikufihlayo,” kuqhuba uKhoza.
Enaba ngobuholi, nokungenye yezinto abhale ngazo encwadini yakhe yesithupha esihloko sithi Attuned Leadership, uthe nokuba wumholi owande ngomlomo ngaphezu kwezenzo, akuthi shu.

“Kuhle ukuthi ngizokwenza ukuthi nokuthi kodwa uma sekuqhamuka umuntu ekusabisa ngokuthi uzohlukanisa inhlangano phakathi bese uyagodola, kumele ube nesibindi futhi ume entweni okholelwa kuyona.”
Uthe lezi zinto akhuluma ngazo zidingwa ngabaholi yonke indawo ngisho kwezamabhizinisi.
“Uma umuntu ethi konakele ePIC (ePublic Investment Corporation), sicela uzosisiza, kumele ube wumuntu oqotho, oyaziyo into ayenzayo. Uma ungayazi into oyenzayo futhi ungaziphethe kahle uzobe ungumholi owushaya nje ngoba bakhona abantu abangabaholi kodwa abaholela abantu ophathe ngoba bekwazi ukuzikhulumela; badobe abantu,” kusho yena.
Lo sihlalo wePIC, nokuyinkampani kahulumeni ebhekelele ukutshala nokukhulisa ikakhulukazi imali yempesheni yezisebenzi zikahulumeni, ibe sematheni uma kuvela amahlazo ngezinye izinqumo ezingaphusile ezenziwa ngababeyiphethe nezaholela ekutheni kucwile izigidigidi zemali yabatshalimali.
Kuze kwasungulwa ikhomishana ebiholwa nguJaji uLex Mpati.
Sekunezinyanga eziwu-14 uKhoza eqokwe njengosihlalo wePIC kanti bamatasa nokukhuculula okonakele kule nkampani.
“Sesikhathule okungenani ingxenye yomsebenzi osihlalele uma sikhuluma ngokugcwalisa izikhala. Iziphakamiso zikaMpati, cishe u-25% wazo sesizenzile, kanti lona omunye u-75% sizowenza ezinyangeni eziwu-12 kuya kwezingu-15 ezizayo.”
Uthe kumqoka ukuthi izinkampani ezibhekelele ukutshala imali zingenzi umathanda kodwa kuko konke ezikwenzayo ziqikelele ukuthi kuba nomthelela omuhle, hhayi nje inzuzo kuphela.
UKhoza, oneminyaka ewu-39 aqala ukuba wusomabhizinisi njengamanje, uphinde abewusihlalo weDzana Investments, inkampani yomndeni wakhe ayihola ngokubambisana nendodakazi yakhe. IDzana inezinkampani ezakhiweni, kwezamandla, kwezemfundo, kwezempilo nakwezobuchwepheshe.
“IDzana yikhulu ngeXitsonga. Sikhule kuthi uma kukhulunywa ngokupheleleliswa kwento kusetshenziswe ikhulu njengoba namanje kuyaye kukhulunywe ngo-100% uma into iphelele. Ngikhula uma ngiganga ugogo wami noma uma kuganga omzala bami wayethi ‘awunadzana’ nokwakusho ukuthi kukhona okushodayo; ngakho le nkampani ngiyiqambe kanje ngoba ngihlonipha yena,” kuchaza uKhoza.
Ube ngusihlalo we-AKA Capital iminyaka engu-18. Ngokubambisana nomkakhe, uMumsy, asebeshade naye iminyaka engu-48, bananezindawo zokuvakasha eziyisithupha ezifundazweni ezahlukane kanti kumanje baphothula ukwakha ihhotela elizoba namagumbi awu-82 eGraskop, eMpumalanga, abaliqambe ngokuthi yi-Angel’s View,” kusho uKhoza.
Leli hhotela lizoba nomtapo oqanjwe ngokuthi nguMchavheri (uMduduzi), igama lendodana yakhe engasekho emhlabeni. UKhoza uphinde abe wumlimi njengoba edayisela amanye amazwe ukotapheya, amakinati bese ebanemfuyo.
“Ngikhula eBushbuckridge, e-Acornhoek, ngaphambi kokuthi sisuswe ngeminyaka yo-1950, umkhulu wayenemfuyo engangiyilusa. Ngina-17 nganginakekela imfuyo kamkhulu manje njengoba sengino-70 senginakekela eyami,” kusho uKhoza ehleka.
Ungomunye wabantu ababa nesandla ekubhalweni komthetho onhloso yawo wukuthi abamnyama bakwazi ukubamba iqhaza elibonakalayo kwezamabhizinisi, iBlack Economic Empowerment. Uthi lona wumthetho owawudingeka ngoba abantu abamnyama babevaleleke ngaphandle kwezomnotho nathe kuyishwa ukuthi umsebenzi omuhle walo mthetho ubuye wamoshwa ngabakhethe ukwenzelela izihlobo nabangani babo.
“Mina nje siqu sami angikaze ngiwuthole umsebenzi kuhulumeni ngoba kunezinto ebengingazimisele ukuzenza. KwiPIC ngiqashiwe, bayangiholela. Ngisho ngesikhathi ngihola ibhodi lakwaNedbank kwakudingeka ukuthi ngizimisele, ngifunde. Ukuba ngumuntu omnyama akusho ukuthi izinto zizozenzakalela nokuthi akumele wena wenze owakho umsebenzi ukuzithuthukisa; yingakho nje abanye abantu begcina bexoshwa. Nginomalume ababemnyama kodwa abafa benganalutho ngoba abafunanga ukusukuma bazithathe,” kusho yena.

Ngaphambi kokungena kwezamabhizinisi uKhoza wayefundisa i-psychology ne-research methodology e-University of the North, esiyaziwa nge-University of Limpopo naxoshwa kuyona ngo-1974 ngoba eseqale ukuzibandakanya nepolitiki.
Okwalandela lapho waqashwa kwa-Unilever, nokuyisigaba athi saguqula impilo yakhe unomphela.
“Ngisho kanjalo ngoba abantu engabashiya enyuvesi esasisebenza nabo abaningi bafe bengosolwazi impela kodwa bebengashicilelile okutheni futhi ukube ngahlala cishe nami ngabe ngagcina ngiwuyena usolwazi kodwa ngangiyoba wusolwazi ongatheni. Kodwa manje ngiwusolwazi emanyuvesi amathathu, sengichicilele izincwadi ezisithupha futhi ngahlonishwa ngeziqu zobudokotela,” kusho uKhoza ngeqholo.
Washiya kwa-Unilever ngoba ethole umfundaze wakwaShell wokuyofunda phesheya lapho enza khona iziqu ze-MA kwi-marketing e-University of Lancaster, e-UK. Ezinye iziqu zakhe yiBA Hons kwi-psychology yase-University of the North ne-EngD kwi-business leadership yaseWarwick Univeristy. Amanyuvesi awusolwazi kuwona yiStellenbosch, iRhodes ne-University of Free State.
Ngale kokuqopha umculo, enye into achitha isizungu ngayo wukuvakasha nomndeni wakhe nokunikela emphakathini ngokwakha amasonto, ukuvuselela izikole, izinkulisa nokunikela ngamakhompyutha.
“Ngiyindodana yomshumayeli futhi ngiyakholelwa kuNkulunkulu. Ukunikela akuyona into engiyibuka njengomsebenzi kodwa yizinto engizenza kusuka othandweni. Ngisanda kusiza nje esibhedlela engazalelwa kuso.”
Basaxoxa nendodazi yakhe encane ngokubhala incwadi ngempilo yakhe kodwa basaphikisana ngesihloko sayo.
Nanka amathiphu ewanike osomabhizinisi abasafufusa:
- Akulula, londoloza imali;
- Indlela ibuzwa kwabaphambili. Xoxa nabantu wakhe ubudlelwano nabo;
- Thembeka, uzikhandle ngoba izindlela ezinqamulelayo azisizi;
- Ukuphatha ibhizinisi akufani nokuqashwa, zimisele ukuthi uzosebenza ngokuphindaphindiwe;
- Ngena emkhakheni owuthandayo;
- Abantu yibona abamqoka kunako konke. Bazise futhi ungacabangi ukuthi wonke umuntu uyingelosi kodwa kukhona izingelosi nosathane;
- Ibhizinisi akubona ubuntu futhi akuyona intando yabantu;
- Langazelela izinto ezinkulu.