ICLICKS ithe imali engenayo inyuke ngo-9.6% yafinyelela kuR34.4 billion ngonyaka wezimali ophele ngo-Agasti 31 kwathi inzuzo yona yanyuka ngo-10.4% yafinyelela kuR2.8 billion. Le nkampani eke yaba sematheni ngenxa yesikhangiso ebesicwasa izinwele zabantu besifazane abamnyama ithe ezinye izitolo zayo zike zaphazamiseka ngesikhathi izwe livaliwe kanti nabantu abaphathwanga umkhuhlane njengokujwayelekile nokube nomthelela emalini engenile. Kodwa ithe futhi isibalo sabantu abathenge besebenzisa i-internet sinyukile.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page