I-FNB nav app

Isithombe: Sithunyelwe

I-FNB ithemba ukuthi usizo lobuchwepheshe luzokwenza amakhasimende akhulise amabhizinisi, onge futhi agcine esetshala imali. USLINDILE KHANYILE uyabika

AMAKHASIMENDE asebenzisa iFNB asengakwazi ukukhangisa ngemizi yawo uma eyidayisa kanti lawo angosomabhizinisi azokwazi ukukhangisa ngomsebenzi wawo okungenani emakhasimendeni awu-3 million

Lisebenzisa i-app yalo, leli bhange lethule izinto ezintsha ngaphansi kohlelo i-nav>> nolulekelela ngawo amakhasimende ukuthi akwazi ukuhlela isabelomali sawo ukuze ezosheshe abone uma esebenzisa imali engaphezu kwalena anayo ukuze azame ukunciphisa nokungagcina kwenze ukuthi akwazi ukonga nokutshal imali. 

Ngokusho kukaNksz uJolande Duvenage, waseFNB, sebenamakhasimende ayisigidi kwiNav Money kanti kuwona awu-10 000 asezihlelele isabelomali azosilandela kanti imali asezibophezele ukuthi angafisa ukuyonga iwuR463 million

“Siyakusiza ubone kahle-hle imali oyisebenzisayo ukuthi ishona kuphi nokuthi ingakanani. Uma ungakwazi ukusebenzisa imali engaphansi kwalena engenayo, ungagcina usukwazi ukutshala imali nokuyonga; nokuyithuba elihle lelo,” kusho uNksz uDuvenage. 

Bangaphezu kuka-1 500 osomabhizinisi abancane abenza imisebenzi efana nokulungisa ugesi, ukulungisa amapayipi okuthutha indle, abapheki, izinkampani zonogada abayingxenye ye-marketplace, indawo abakhangisa kuyona emakhasimendeni angaphezu kuka-3 million

Loku kusiza osomabhizinisi futhi kusiza namakhasimende akwazi ukuthola umuntu okungabalula nokumlandela uma kungathiwa ugcina ebaleka nemali yawo. 

Isikhulu esiphezulu saseFNB uMnu uJacque Celliers sithe loku bakwenza nangenhloso yokusiza amakhasimende abo angangeni ogibeni lokusebenzisa abantu abangathembekile ngoba bona abantu ababavumela ukuthi bazikhangise yilabo abasuke sebeqale bababhekisisa nokungafani nje nokuvele ubheke umuntu kwi-internet.

“Thina singakuqinisekisa ukuthi ngumuntu wangempela yini lona okhuluma naye. Njengoba sonke sizama ukumelana nezinselelo zalesi sikhathi esiphila kusona siyaqhubeka nokuzama ukuthola izindlela zokusiza amakhasimende ethu onke futhi lezi zinsiza zisuselwa endleleni esiqonda ngayo amakhasimende ethu. “Okumqoka kakhulu wukuthi osomabhizinisi abancane abawumgogodla womnotho bashayeke kakhulu kulo nyaka ngenxa yeCOVID-19 futhi siyakholwa ukuthi le ndlela yokuzikhangisa izobasiza ngokuhamba kwesikhathi igcine isibangenisela imali ebhekile,” kusho uCelliers. 

Leli bhange lisebenzisana nezinye izinkampani njengoba kukhona nesivumelwano nenkampani yezibhedlela ezizimele iNetcare esenza ukuthi ikhasimende likwazi ukuthenga i-voucher eyehlisiwe yokuyobona udokotela ephakathi kukaR290 noR350 kuye nokuthi udokotela uzombona bukhoma noma uzokuhlola esebenzisa ubuchwepheshe. 

La ma-voucher uyakwazi ukuwathengela omunye umuntu.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page