Nakuba abaThwa bekhule betshala i-rooibos futhi benolwazi olunzulu ngaleli tiye elidume umhlaba wonke kodwa insila yobandlululo ibavalele ngaphandle. Nokho bakhona abalimi abasafufusa abazamayo ukukuguqula loku. UGUGULETHU KHUMALO uyabika ngokulwela igugu labo
EKHULA, eseyibhungu, eCederberg, eNtshonalanga Kapa, nedume njengekomkhulu letiye i-rooibos emhlabeni, ayikho enye into ayeyazi futhi eyithanda njengaleli tiye uMnu uBarend Salomo.
Uyise noyisemkhulu babengabalimi baleli tiye kodwa akekho kubona owayengumnikazi womhlaba ababewusebenza, nokuyinto efanayo nokwezisebenzi zalapho kuvunwa khona umvini wewayini eStellenbosch kusona lesi sifundazwe.
USalomo wazalelwa futhi wakhulela eWupperthal, eCederberg, kanti wanquma ukuthi uzongena kwezolimo agxile kwi-rooibos njengoba kwakwenza okhokho bakhe.
Uthando nolwazi nge-rooibos ludluliselwa isizukulwane nesizukulwane. Odabeni olushicilelwe kwiMukurukuru Media, uSalomo ukhumbula umsebenzi we-rooibos ekukhuleni kwakhe.
“I-rooibos yayisetshenziselwa yonke into ngisho ukuvala isikhala sobisi lokuncelisa ingane. Uma umama ayebelethe ingane kusekhona enye encelayo, lena enye yayinikezwa i-rooibos; nayo enomsoco njengebele,” kulanda yena.
Ngonyaka odlule iNational Khoi-San Council, iSan Council of South Africa, iSouth African Rooibos Council nomNyango wezeMvelo basayina isivumelwano esiyingqophamlando sokuthi kwabelwane ngemihlomulo yolwazi oluhambisana naleli tiye.
Kufinyelelwe kulesi sivumelwano emva kweminyaka ecela kweyishumi kwaqala izingxoxo phakathi komnyango nalabo abamele abaThwa. Lesi sizwe kade sasifuna ukuthi le mboni, eneminyaka ewu-100, ivume futhi ihloniphe iqhaza elasibamba ekuthuthukiseni ulwazi ngaleli tiye.
Le mboni ibikuphika ukuthi kunobufakazi bokuthi abaThwa banolwazi olunzulu nge-rooibos futhi ibingazimisele ukuxoxisana nabo ngemihlomulo.
USalomo uthe kunemizamo yokwandisa isibalo sabantu abamnyama abaphethe futhi abangabanikazi bamabhizinisi abo kwezolimo kodwa uhulumeni awukwazi ukungenelela kakhulu ezintweni ezithinta umhlaba ngoba umhlaba omningi ngowesonto.
Insila yobandlululo isadla lubi. Ngasempumalanga lapho uSalamo nabalingani bakhe bezinze khona, ngenxa yayo belu imithetho yokucwaswa eyayikhona, umhlaba okhona omningi awuvundile njengalona osentshonalanga lapho kugcwele khona abamhlophe.

Le mboni ye-rooibos nezolimo isahlukaniseke phakathi ngokuthi wubani othola okukhulu.
Ayikho enye impilo ayaziyo uSalomo ngaphandle kwalena yaseCederberg kodwa kwathi eqala ukuziphilisa ngekhono nangothando lwakhe lwe-rooibos waphoqeleka ukuthi aqashe umhlaba ebandleni iMonrovia, elingabanikazi bawo wonke umhlaba osempumalanga, lapho yena nezizukulwane eziningi zabaThwa bekhulele khona.
“I-rooibos isegazini kithi, iyona nto esiyaziyo futhi siyayithanda le ndawo. Siyawuhlonipha umhlaba futhi siyazi ukuthi kumele siwunakekele ukuze kuzohlomula izizukulwane ezizayo,” kusho uSalomo.
Nokho-ke usemkhulu umsebenzi okusamele wenziwe ukuqinisekisa ukuthi nabalimi abancane bakwazi ukuzakhela igama kule mboni yezolimo.
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku-www.mukurukurumedia.co.za