UMnu uSandile Zungu inkunzi ekade zaziyibovula

Izithombe: Zithunyelwe

Ususe igidigidi kuvela ukuthi uthenge iqembu lePSL AmaZulu. UMnu uSandile Zungu uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngezinhlelo zakhe ngoSuthu nangohambo lwakhe lokuba wusomabhizinisi

KUTHIWA kukabilli ngomuntu ofaka imali ebholeni. Okokuqala kuthiwa wumuntu osuke engaqondi empeleni ibhola liyayidla imali, kunokuyingenisa; ngaphandle uma unenqwaba yabaxhasi futhi kuyiqembu elithola imiphumela emihle.

Okwesibili kuthiwa kusuke kuwumuntu osuke esenemali eningi angazi uzokwenzani ngayo bese ezithengela “ithoyizi” eliyiqembu lebhola azoloku ejikijela nje kulona imali, kungakhathaleki noma iyacwila. 

Kungabe uyiyiphi inhlobo kapende kulezi ezimbili usomabhizinisi omnkantshubomvu uMnu uSandile Zungu, usihlalo weZungu Investments Co (iZico)?

Usanda kuthenga “uSuthu”, iqembu elidala nelinomlando omuhle kodwa osekuneminyaka lihluleka wukudlala ibhola elalaziwa ngalo kudala njengoba selufana neyoyo ngenxa yokwehla lwenyuka kwiPremier League neFirst Division?

UZungu uthe AmaZulu akusiwo nje umlando into anayo kodwa yigama elikhulu nelibalulekile ebholeni, elisenesithunzi futhi elisengenza izinto ezinkulu uma linakekelwa ngendlela efanele.

“Sithe uma sithola ithuba lokuthenga uSuthu sakubuka njengebhizinisi ngoba ngempela yibhizinisi. Uma uthatha igama loSuthu olungaphethwe ngendlela efanele, ngingathi nje lufana nedayimane elingahluziwe, ulithathe, ulipholishe kahle, ulisike kahle bese ulifaka endandathweni, liba nedumela kakhulu futhi inani lalo linyuke.

“Thina njengabanikazi balo sibona leli kuyithuba elingevelele noma wubani. Kuyenzeka-ke ukuthi abantu uma becabanga ukuthi uma ungena kwezemidlalo yingoba uyadlala, yingoba unemali eningi ofuna ukuyichitha. Benze iphutha labo; sizobabonisa eminyakeni engemingaki uma sesiphumelele ukuthi ‘hheyi laba bantu babenamaqhinga, babenamasu, babeyihlele kahle le nto’ bese beyabona ukuthi yibhizinisi leli, akudlalwa la,” kuchaza yena.

Akuqali ngoZungu ukuba wusomabhizinisi othenga ikilabhu. Empeleni lona sekuwumkhuba ojwayelekile, hhayi nje eNingizimu Afrika kuphela kodwa emhlabeni jikelele. Uthenga AmaZulu nje naye uwadayiselwe wusomabhizinisi uDkt uPatrick Sokhela. Naphambilini AmaZulu ake athengwa ngomunye usomabhizinisi uMnu uSisa Bikitsha; nokho owasheshe wakhala ngokuguga iphakethe, wawaqhathulula sengathi uncinzwa ngamazenze.

Esinye isiqumama esikhona ebholeni wuMnu uPatrice Motsepe, umnikazi weMamelodi Sundowns. Bakhona nabanye njengoba neWits isanda kuthengwa wusomabhizinisi waseLimpopo uMnu uLawrence Mulaudzi kanti iMoroka Swallows yona ithengwe wuMnu uDavid Mogashoa.

UZungu, owumlandeli wokuqina we-Orlando Pirates, akadalulanga ukuthi malini ayikhokhele uSuthu ngoba bavumelene nathenge kubona ukuthi ngeke bakudalule loku.

UZungu unezinhlelo zokubuyisa igama loSuthu

“Engingakusho nje wukuthi abahlaziyi bamakilabhu akwiPSL bathi iKaizer Chiefs yiqembu okuthiwa uma kubhekwa igama lalo inani libe wuR1 billion, mina nginenkolelo yokuthi uSuthu kumele lusondele lapho nalo. Imali esiyikhokhile incane kakhulu kunaleyo kodwa sikholwa wukuthi lapho iqembu likhona manje sikhokhe imali ezwakalayo nabadayisi beqembu abayithokozele nathi njengabathengi esithokozisile. Kodwa lisengaba okungaphezu kwaloko (esikukhokhile) kodwa usemningi umsebenzi okusamele wenziwe ukuthi kufinyelelwe lapho.”

UZungu, owazalelwa futhi wakhulela eMlaza, eThekwini, emva kokuqeda isikole wafundela ukuba wunjiniyela e-UCT. Kulapho aphinde wathola khona iziqu zeMBA. Usebenze iminyaka ewu-12 ngaphambi kokuthi asungule inkampani yakhe iZico ngo-2002.

Nakuba kuqale ngaye kubo ukuthi abe wusomabhizinisi njengoba akhuliswa wunina owumhlengikazi noyise esebenza kwa-Engen, okwakuthiwa yikwa-Mobil ngaleso sikhathi, kodwa uthi zikhona izinto ezatshala imbewu yokuzisebenza ekukhuleni kwakhe. Mlalele echaza.

Namhlanje iZico ingenye yezinkampani ezihlonishwayo kuleli njengoba ingabanikazi bezinkampani ezimbonini ezinhlobonhlobo, okukhona kuzona ezemfundo, izimayini, ezokukhiqizwa kwempahla, ezobunjiniyela, izakhiwo nezinye.

Inezabelo ezinkampanini ezifana noShuter and Shooter Publishers, iG4S Secure Solutions, iGoldrush, iSeriti Resources, iRockwell Diamonds, iZungu-Elgin Engineering nezinye.

UZungu ubuye abe nezindawo zokudlela ezifana noSpur. Uthe namhlanje konke kuhamba kahle ebhizinisini futhi usaluthola impela ubizo lwakhe ngoba akukho angakwazi ukumelana nakho noma ngabe kuyingqinamba enjani. Kodwa akuvelanga kwasa sekunje, indlela ike yabanamagwincigwinci. Mlalele ekhuluma

Ephawula ngesimo somnotho wezwe uthe kusinda kwehlela kanti lesi yisimo ebesikhona kungakahlaseli ngisho iCOVID-19.

UZungu ubuye abe wumengameli wenhlangano ewubumbano losomabhizinisi abamnyama, iBlack Business Council. Uthe mkhulu umsebenzi obahlalele ukufukula osomabhizinisi abamnyama ngoba ziningi izinto ababhekene nazo. 

Izeluleko zikaZungu kosomabhizinisi abasafufusa:

  • Akulula kodwa umvuzo ave umkhulu uma kuhambe kahle;
  • Sazi isimo sakho, usiqonde kahle; 
  • Uyibuke indlela osazoyihamba njengokhozi; ungacabangi ukuthi sekuseduzane kanti kusekude; 
  • Ubekezele, akuzukuba lula. Kuzoba nemimango, amathafa; kunyuke, kwehlele futhi kokunye uma kwehlela, kwehle ngamawala kuze kukulimaze;
  • Ulwazi uhambo lwakho ukuthi aluqondile, luzogwegwa kodwa uwagudle amawa, uze uwuwele umfula.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page